Owayefuna ukusebenza ehhovisi usewumlimi nomfuyi
WUTHOBILE ZWANE
NGESIKHATHI kuvalwe izwe ngo-2020 emva kokubheduka kwe-Covid-19, intokazi eMpumalanga Kapa, yazithola ihleli kubo ingazi ukuthi izokwenzani. Yingaleso sikhathi lapho yafikelwa wumqondo wokuqala ukulima amaveji nokufuya izingulube.
Umnikazi weSmeja’s Fresh Harvest uNksz uZintle James, oneminyaka ewu-26, waseSterkspruit, eMakhetheng, ugxile ekulimeni nasekufuyeni izingulube nezinkukhu. Utshala iklabishi, ispinashi, amazambane no-beetroot akudayisela umphakathi nezikole zendawo.
Ufuye izinkukhu zenyama nezamaqanda, adlulisele ulwazi analo lokulima kubantu abafuna ukungena kule mboni.
Uthi wayengaziboni ewumlimi njengoba ene-Diploma in Human Resource Management, ayifundela e-Ikhala TVET College, wayezibona esebenza ehhovisi.
Ngo-2020 kwakunezingulube ezimbili kubo ezazinakekelwa wuye ngesikhathi kuvalwe izwe. Uthando lwazo lwaqala ngaleso sikhwathi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/09/12/owafundiswa-wugogo-wakhe-ngemfuyo-usefuya-izingulube-uxoxe-nonqobile-ndlovu/
“Emva kokubona ukuthi izingulube ngiyazithanda, nganquma ukuzandisa ngase ngithenga ezinye ezimbili ngo-2021. Ngaqala ukubuka ama-video abafuyi bezingulube abaphumelelayo. Izindaba zabo zangikhuthaza ukuthi ngiqale umsebenzi wami,” kulanda yena.
Uthi ngoJulayi wango-2022, wathenga ezinye izingulube ezimbili zase zizala amachwane. Eyodwa yathola awu-12, enye yaba nayisishiyagalombili, okusho ukuthi waba namazinyane awu-20.

“Ngabanenhlanhla yokuthola usizo lukaR45 000 kwiNational Youth Development Agency. Lwangisizia ukwandisa umsebenzi wami ngathenga ezinye izingulube eziyishumi ngo-2023,” kusho uNksz uJames.
Ekhuluma ngezinselelo abhekana nazo, ubale ukungabinemali, athi kumvimba ukubiya isiza asebenzela kuso. Loku kuphazamisa izinhlelo zakhe zokusimamisa umsebenzi.
Iseluleko sakhe entsheni ngesokuthi ukulima akusikho okwabantu abadala kuphela.
Uthi uma unomqondo webhizinisi lokulima noma ukufuya, kwenze.

“Izikhathi ezimnandi nezinzima zizobakhona kodwa khumbula ukuthi isizathu esakwenza waqala ibhizinisi. Akhona namathuba okuthola imali kodwa udinga ukuqala ngonako. Usizo kufanele lukuthole usuwuqalile umsebenzi,” kululeka yena.
Isifiso sakhe eminyakeni ezayo wukuhlinzeka inyama yengulube emakhasimendeni amakhulu okubalwa izitolo nabanye abantu abathenga inyama ngamaqoqo. Ufisa nokuba nebhusha eligxile ekudayiseni zonke izinhlobo zenyama yengulube.
“Ngifuna ukudala amathuba omsebenzi emphakathini wangakithi. Ngiqashe emhlabeni ongamahektha ayishumi. Nginesifiso sokuthi uma ngithola usizo lwezimali ngakhe isakhiwo esifanele. Sizongisiza ukwenza ezinye izinhlelo ezizokhulisa umsebenzi,” kusho uNksz uJames.

