Owayeneso esaqashiwe usenesitolo sezingubo ‘zabondlekile’
WUTHOBILE ZWANE
UKUBONA ukuthi abantu abondlekile emzimbeni bayasokola uma befuna izingubo abazozigqoka emcimbini kwamnika isixazululo sokuvula isitolo sezingubo zemicimbi.
UNkk uNosihle Mgube, oneminyaka ewu-41, owazalelwa futhi wakhulela eHlokozi, eHighflats, eningizimu yogu leKwaZulu-Natali, usenesitolo sengqephu yemicimbi esisenkabeni yaseThekwini iNosi Occasion Garment.
“(Enosi) sithanda kakhulu omakoti abondlekile emzimbeni ababhekana nobunzima bokuthola izingubo zomshado ezibalinganayo. Senza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu wesifazane uzizwa emuhle futhi ebalulekile ngosuku lwakhe olukhethekile noma ngabe umzimba wakhe mngakanani,” kusho yena.
Ngaphambi kokuvula isitolo uthi wayesebenza kwesinye isitolo sezimpahla, ehlanganisela amakhasimende ingqephu.
Uthi ithalente lakhe lokuhlanganisa ingqephu lamsiza ngoba wakhushulwa isikhundla waba yi-visual merchandiser ngenxa yeso lakhe elibukhali lokubona isitayela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/29/umandla-kwimisiko-yabesifazane-esezingeni-eliphezulu-neqhakazile/
Ngokuqhubeka kwesikhathi wathola ukuthi akenelisekile ngokuthola iholo kodwa ufuna ukuzenzela into yakhe. Washiya isitolo esikhulu ayesebenza kusona wayosebenza kwesincane. Kulapho ayexhumana ngqo namakhasimende. Elinye ikhasimende ayelisiza lamkhuthaza ukuthi avule isitolo ngoba enempatho.
Uthi yaqala kanjalo iNosi Occasion Garment kodwa wayengazitsheli ukuthi uzoshesha ukuphumelela.

“Savula ngoMashi wango-2022. Ngalesi sikhathi bekuyale nale ngoba ukuvula ibhizinisi akulula. Irenti iyabiza futhi amakhasimende amaningi ayedonsa kanzima ngenxa yesimo somnotho esasingesihle. Nangalezo zikhathi ezinzima ngiye ngabambelela ngenxa yenjabulo engibanayo uma ngigqokisa abantu,” kusho uNkk uMgube.
Uthi isitolosisebenza ngokukhethekile ngezingubo zayo yonke imicimbi, kusukela emishadweni kuya kweyokuthwesa iziqu.
Uthi ngoSepthemba wonyaka odlule impilo yakhe yashintsha ngesikhathi ethola ukuthi unomdlavuza ohlasela amathambo nemisipha, i-sarcoma, owawusesigabeni sesine.
“Izinto zazenzeka ngokushesha. Ngasuka ekuqhubeni ibhizinisi lami lesitolo ngaqala ngacabanga ngezinsuku zami zokugcina emhlabeni. Izibhedlela ezimbili engaya kuzona azizange zinginike ithemba. Ngangithukile kodwa ngezwa ngoDkt uBongani Nxumalo we-Eyangakithi Medicals. (Abantu) abaningi babekhuluma ngaye emsakazweni. Wayishintsha impilo yami ngoba ngase ngizibona ngifa kodwa wanginika elinye ithuba lokuphila,” kusho yena.
Emva kokunqoba umdlavuza, wavuka wazithatha njengoba ethi nsuku zonke uma evuka ubanenjabulo yokuyobona abantu.
Manje uNkk uMgube udala imisebenzi njengoba enesisebenzi esisodwa asiqashe ngokugcwele nezimbili eziyitoho.
Iseluleko sakhe kwabanye osomabhizinisi wukuthi; “Noma yimuphi umsebenzi owunikwayo, wenze ngobuqotho. Uwenze ngobuchule ngoba ngeke wazi ukuthi uzokuvulela muphi umnyango.”
Eminyakeni emihlanu ezayo, ubona iNosi Occasion Garment ikhula, ibanegatsha lesibili, mhlawumbe eHighflats noma eMzinto, ogwini oluseningizimu, iqhubeka nokuletha isitayela nokuzethemba kubantu abaningi.
Facebook: Nocy Occasion Garment
TikTok: Occasion Garment in Durban

