UMasipala waseThekwini ulungisa izakhiwo ezindala ezigudle ulwandle ukudoba abatshalimali. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini ubeke uR9 million ukulungisa izakhiwo ezindala 

YINTATHELI KAMASIPALA

UKUDOBA abatshalimali, uMasipala waseThekwini njalo ngonyaka ulungisa amabhilidi amadala nezinye izakhiwo ezenza idolobha lingabukeki kahle. 

Amabhilidi aseqhulwini ezinhlelweni zokulungiswa yilawo agudle ulwandle nasenkabeni yedolobha, okufanele ahlale ebukeka kahle emehlweni abatshalimali baseThekwini. Isithombe: Sithunyelwe

Umqondisi womNyango wezinHlelo zokuHlela ukuBukeka kweDolobha nezeMvelo kumasipala uMnu uSbu Ndebele uthe emalini ababelwa yona njalo ngonyaka balungisa kuqala izindawo ezingasechwebeni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/08/umasipala-ubambisene-namabhizinisi-ukukhuculula-inkaba-yedolobha/

“Sifuna uma abatshalimali behla emkhumbini babone ukuthi idolobha lethu lihle futhi liyaphila. Kufanele amabhilidi nenye ingqalasizinda ihlale ibukeka kahle. Loku kuyabagqugquzela ukuthi batshale imali yabo lapha bese kudaleka umsebenzi, kufukule nomnotho waseThekwini,” kusho yena.

Uthe uMahatma Gandhi Road useqhulwini ezinhlelweni zabo, kulandele  inkaba yedolobha kugcine izindawo ezingaphandle kwenkaba yedolobha uma kunezakhiwo eziyinkinga.

Ukulungisa izakhiwo ezingabukeki kahle uthi kulwa nobugebengu ngoba koxosha abahlala emgwaqeni nezigebengu ezikhosela kuwona.

Uthe abanikazi bamabhilidi amadala anganakiwe bathathelwa izinyathelo ngokunikwe isaziso sokuthi abawalungise kungakapheli izinsuku eziwu-60. 

“Uma kudlula isikhathi abanqunyelwe sona benganyakazi, sibazisa ukuthi siwalungisa thina kodwa kufanele bakhokhe izindleko zikaMasipala waseThekwini ngoba usuke usebenzise imali yezakhamuzi zawo. Uma kuhlula loko siya enkantolo ukuze ibaphoqe ukuthi bakhokhe noma bawalungise,” kusho uNdebele.

Mayelana nokulungisa amabhilidi angaphandle kwedolobha wenze isibonelo sebhilidi abalilungise eClermont, entshonalanga yaseThekwini, ebese ligugelwe yinsika obekuzodala ukuthi liwe. Umnyango walilungisa, umnikazi walo wase ekhokhiswa izindleko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page