Zinyuke ngo-4,2% izibalo zokuthenga izimpahla
YINTATHELI YOMBELE
IZINGUBO zokugqoka, izicathulo neminye imikhiqizo eyenziwe ngesikhumba kuholele ekunyukeni kwazo zonke izimpahla ngo-4,2%.
Lezi zibalo ezikhishwe yiStatistics South Afrika kuleli sonto ziveza ukuthi ukuthenga izingubo zokugqoka, izicathulo nemikhiqizo yesikhumba bekuwu-12,5% ngoMeyi, nokufake u-2,1% ezibalweni zaleya nyanga.
Izitolo ezidayisa lonke uhlobo lwezimpahla ama-general dealer zidayise izimpahla eziwu-3,6%, okusho ukuthi zifake u-1,6% ezibalweni zokuthenga izimpahla.
Ngonyaka odlule ngoMeyi izibalo zokuthenga izimpahla zazimi ku-3,5% nakhona izingubo zokugqoka, izicathulo nemikhiqizo yesikhumba yayihamba phambili. Umehluko wukuthi ngaleso sikhathi zazidayise ngo-9,5%.
Ama-general dealer ayedayise izimpahla zenani eliwu-2,8%, angenisa u-1.3% ezibalweni zangoMeyi wangonyaka odlule.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/04/ezolimo-zitakule-umnotho-ngekota-yokuqala/
Izitolo ezidayisa ukudla, utshwala nogwayi azidayisanga kakhulu njengoba zehle ngo-minus 2,2%.
Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe abantu bayaqhubeka nokukhithiza njengoba amaholo enyuke ukudlula amandla emali, kwazise ebephansi.
“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi abantu abasebenzisa imali abatomula ezikhwameni zempesheni futhi basebenzise abasala nayo njengoba imalimboleko yehlile. Bakwazile nokuhlomula ngamaholo, njengoba enyuke ukudlula amandla emali. Ngokuqhubeka konyaka isimo singashintsha uma amandla emali enyuka,” kusho yena.

