Ungqongqoshe womNyango wezangaPhandle uMnu uRonald Lamola nongqongqoshe womNyango weziMboni, uHwebo nokuNcintisana uMnu uParks bamemezele ngoMsombuluko izinhlelo zokuvikela amabhizinisi azothintwa yintela yaseMelika. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni nezinhlelo zokusiza amabhizinisi azoshaywa yintela yaseMelika 

WUBONISWA MOHALE 

UNGQONGQOSHE womNyango wezangaPhandle uMnu uRonald Lamola nowomNyango weziMboni, uHwebo nokuNcintisana uMnu uParks Tau bamemezele ngoMsombuluko ukuthi uhulumeni unezinhlelo zokuvikela amabhizinisi akuleli zwe azothikanyezwa yintela yaseMelika ewu-30. 

ULamola uthe sebezame kabili ukuhlala phansi neMelika kodwa okwamanje akukho okubambekayo okwenzekile, ngakho bayaqhubeka nezingxoxo nemboni ezothinteka ukuza nezinhlelo zokuyivikela.

Uthe zikhona nezinhlelo zokuthumela umkhiqizo omningi kwamanye amazwe ase-Afrika, awase-Asia, awaseYurophu, awase-Middle East nawaseNingizimu Melika. 

“INingizimu Afrika ayincintisani nemikhiqizo eyenziwa noma ekhiqizwa yizinkampani zaseMelika. Okwethu kuye kudayiswe uma imikhiqizo yaseMelika ingekho. Asazi ukuthi uMnu uTrump usho kanjani ukuthi uvikela izinkampani zaseMelika ngoba ngesikhathi kudayisa thina basuke beyidinga le mikhiqizo abayithengayo,” kusho uLamula. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/16/iningizimu-afrika-ifuna-ukuxoxa-notrump-ngentela-yezimpahla-ewu-30/

UTau uthe basayine isivumelwano sikaR90 billion ne-European Union ekuqaleni konyaka. Lesi sivumelwano uthi siyabasiza ngoba eminye imikhiqizo yolimo idayisa emazweni aseYurophu. 

Uthe bakwazile ukuthi ama-orintshi neminye imikhiqizo yalolu hlobo ithole enye imakethe eChina naseThailand. 

“Sinezivulwano zohwebo ukuze sidayise imikhiqizo yokusa-orintshi e-United Arab Emirates, eQatar naseSaudi Arabia. Siyaxoxa neJapan ngamanye amathuba okuhweba ukuze osomabhizinisi bethu bakwazi ukuthola imakethe entsha. Size nohlelo olubizwa nge-Economic Response Package oluzosiza amabhizinisi azoshayeka ngqo uma intela yaseMelika inyuka ngo-30%,” kusho yena.

Ngaphansi kwe-Economic Response Package izinkampani ezihwebelana neMelika zizothinta abengamele uhwebo kwi-Export Support Desk abazobachazela ngezindawo ezintsha zokudayisa. 

Izinkampani zizolekelwa ukuthi ziholele izisebenzi ukuze kungabikhona ezizodiliza abantu ngenxa yentela yaseMelika ebizayo. 

Izinkampani ezithinteka ngqo wukunyuka kwentela zizothola usizo emnyangweni kaTau nasesikhwameni esisiza osozimboni i-Industrial Development Corporation, oluzozisiza ukuthi zikwazi ukusebenza nokuncintisana nezinye yize zisebenzela eNingizimu Afrika.

Izinkampani zinxuswa ukuthi zisebenzisane uma zidayisa umkhiqizo wazo kwamanye amazwe ukwehlisa izindleko kodwa kufanele zithinte i-Export Support Desk ukuze zithole imininingwane ebanzi ngokufanele zikwenze ngaphandle kokuphula imithetho yokuncintisana. 

Khonamanjalo, isikhulu esiphezulu seBusiness Unity South Africa uMnu uKhulekani Mathe sithe kubalulekile ukuthi udaba lwentela luphathwe ngesinono, uhulumeni nemboni ezimele bakhulume ngazwi linye. 

Uthi isekhona inhlansi yethemba yokwehlisa intela ngako kufanele izingxoxo zihambe ngendlela ehlelekile. 

“Ngesikhathi sixoxa neMelika kufanele sibenezinhlelo zokusiza izimboni uma intela ewu-30% isiqalile, kufanele sibe sibheka nokwenzeka ezimakethe. Kufanele sisondelane kakhulu kunakuqala ngoba le ntela izobanomphumela omubi ezimbonini zezimoto, izimayini, ezolimo nezinye ezisebenzisana nalezi. 

“Asisho ukuthi uhulumeni ubewuvumazonke kodwa sithi akuxoxiswane ngesineke. Siyaxoxa nomNyango weziMboni, uHwebo nokuNcintisana ngezinhlelo zokuvikela izimboni. Kufanele zicace kahle ngoba ezinye azikaphothulwa,” kusho uMathe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page