Amaspaza anemishini yokugembula azolahlekelwa yizimvume
YINTATHELI YOMBELE
UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, iMvelo nezokuVakasha eLimpopo uMnu uTshitereke Matibe uthi imishini yokugembula ekumaspaza intshontsha imali kahulumeni ngoba abanikazi bawo baphula umthetho.
NgoLwesithathu uMatibe nethimba lebhodi eyengamele ukugembula eLimpopo bafohloze imishini ewu-370 esemaspaza nasema-tavern ngokungemthetho.
Abantu baseLimpopo bebekhala ngale mishini esidale inkinga yokugembula ngisho ezinganeni eziyidlala uma zithunywe emaspaza.
“Sithanda ukuxwayisa bonke abanikazi bamaspaza nama-tavern ukuthi bangalokothi bafake imishini yokugembula emabhizinisini abo ngoba kuphambene nomthetho. Ozotholwa nomshini wokugembula uzophucwa imvume yokusebenza avalelwe nebhizinisini,” kusho ungqongqoshe.
Uthe ibhodi yokugembula njengoba ingaphansi komnyango wakhe izosebenzisana nezinhlaka ezihlukene ukuqinisa umthetho. Kulezo zinhlaka kukhona amaphoyisa, abahlola izimvume zokusebenza kwamabhizinisi nomphakathi.
Uthi ukugembula okungekho emthethweni kuntshontsha imali kahulumeni ngoba izinkampani zokugembula ezisemthethweni kunemali eziyingenisa esikhwameni sikahulumeni ngokukhokhela izimvume zokusebenza nezinye izintela.
Isikhulu esiphezulu sebhodi yokugembula eLimpopo uMnu uGregory Makoko sithi baqale ngonyaka odlule ukulwa nenkinga yokugembula okungekhosemthethweni.
“Ukugembula okungekhosemthethweni kusidalela izinkinga ngoba kufaka izingane ekugembuleni nomphakathi wonke. Abanikazi bemishini yokugembula engekhosemthethweni basiza imigulukudu ekhiqiza izidakamizwa, eshushumbisa abantu futhi badla umnotho waselokishini,” kusho yena.
Uthe bazosiqinisa isandla njengoba abaninizitolo abatholwa nale mishini bezovalelwa amabhizinisi.

