Izobukeka kanje iMoses Mabhida Stadium uma sekuphothulwe umsebenzi wokuyilungisa oqhubekayo. Isithombe: Sithunyelwe

Uqhubeka kahle umsebenzi wokulungisa iMoses Mabhida Stadium 

INTATHELI KAMASIPALA

ZIQHUBEKA kahle izinhlelo zokulungisa inkundla yemidlalo eyigugu laseThekwini iMoses Mabhida Stadium. UMasipala waseThekwini uqale izinhlelo zokuyilungisa ukuze iqhubeke nokubayinkundla yemidlalo evelele emhlabeni. 

Umsebenzi wokuyilungisa uqale ngonyaka odlule ngenhloso yokuthi iqhubeke nokubanengqalasizinda ephephile, esezingeni eliphezulu futhi ethokozisa izivakashi. 

I-Moses Mabhida Stadium isisebenze iminyaka ewu-15. Izinhlelo zokuyilungisa zenziwa ngezigaba ezihlukene ukuze kungaphazamiseki ukusebenza kwayo futhi umphakathi ukwazi ukuyivakashela ngaphandle kwezihibe. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/20/umasipala-wasethekwini-ubeke-ur10-billion-ukulungisa-ingqalasizinda/

Umsebenzi osuwenziwe owokulungisa ukhonkolo nophahla lwenkundla okufanele luhlale lusesimeni esifanele. Kulungiswe izinsimbi, ikakhulu lapho zihlangana khona, kwenziwa isiqiniseko sokuthi aziboli, kwalungiswa ne-arch.

Esigabeni sokuqala kulungiswe ulwelwesi lophahla, izinsimbi zagcotshwa ngekhemikhali ezokwenza ukuthi aziboli lapho zivele khona, kwalungiswa i-arch cladding, kwasuswa ingqalasizinda ebibolile yekheshi namapayipi azokwenza ukuthi amanzi ahambe kalula futhi kubelula ukunakekela umsebenzi. 

Ukulungisa iMoses Mabhida kuzoletha izinto ezintsha ezozokwenza ukuthi ihlale ihamba phambili kwizivakashi zaseThekwini. Ezinye izinto ezizobakhona:

  • Kuzobanendawo entsha yokubuka iTheku lonke enyuswe ngo-60% ezobanendawo yokuhamba eyi-glass ezokwenza abantu bazizwe sengathi bahamba emoyeni;
  • Kuzofakwa ikheshi elisha elisheshayo elizokwenza kubelula ukufinyelela ophahleni lweMoses Mabhida kubantu abakhubazekile; 
  • Kufakwe uzwingi omusha onendawo enhle yokuma;
  • Kuzoba ne-zip line ezophelela ePeople’s Park; 
  • Indawo yokuhamba yokubuka iTheku ebheke ngasolwandle ebizwa nge-compression ring walk. Kule ndawo abantu bazokwazi ukuzijwiba ngozwingi uma bethanda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page