Isikhulu esiphezulu seFNB Points of Presence uNksz uZibu Nqala sithi sekuzobalula ukufaka izicelo zomazisi. Isithombe: Sithunyelwe

Izicelo zomazisi sezizokwenzeka kwi-banking app

WUBONISWA MOHALE 

KULELI sonto ungqongqoshe womNyango wezaseKhaya uDkt uLeon Schreiber umemezele ukuthi izinhlelo zakhe zokuqeda omazisi abaluhlaza zihamba kahle njengoba amabhange esezokwenzisa izicelo zomazisi kuma-banking app.

U-Schreiber uthe kusenomazisi abadala abawu-18 million abaphethwe yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika okudingeka baqedwe.

“Kubalulekile kakhulu ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika abenomazisi oyikhadi ngoba loko kuzoqeda ukukhwabanisa nobunye ubugebengu obuhambisana nokweba imininingwane yabantu. 

“Kuleli sonto amabhange iCapitec, iFNB neStandard Bank athe azosebenzisana nathi, andise amagatsha okufaka izicelo zomazisi. Ngonyaka ozayo silindele ukuthi la mabhange amukele izicelo kuma-banking app,” kusho yena.

Uthe iCapitec izoqala ngamagatsha ayishumi, iFNB izolwenza lolu hlelo emagatsheni ayo awu-15 bese ngonyaka ozayo inyuse lesi sibalo sifike emagatsheni awu-240, iStandard Bank izolufaka emagatsheni awu-20 ngonyaka ozayo azobe esewu-300. 

“Lezi zinhlelo zizosiza bonke abantu baseNingizimu Afrika ngisho nabangewona amakhasimende alama bhange engiwabalile. Inhloso wukusebenzisa ubuchwepheshe bamabhange ukusheshisa izinhlelo zethu zokuthi bonke abantu babenomazisi abafanele,” kusho uShreiber. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/23/amasu-okugcwalisa-imininingwane-yentela-nge-efiling/

Uthe uma izicelo sezifakwa kuma-bankinga app kusho ukuthi ngeke kubenesidingo sokuthi abantu bame kolayini emNyangweni wezaseKhaya kodwa bazofaka izicelo zomazisi noma ngabe bakuphi. 

Esitatimendeni, iCapitec ithe ukufaka izicelo zomazisi abayikhadi zizoqala ngo-Okthoba emagatsheni ayo ayishumi. Ithe inezinhlelo zokuthi ngonyaka ozayo lezi zicelo zibesezifakwa kwi-banking app kodwa konke kuzomenyezelwa uma sekusondele u-Okthoba. 

Ithe loku kuzoqinisekisa ukuthi kukhishwa imininingwane eyiyona ezobe isicutshungulwe kahle ngaphambi kokuqala kwezinhlelo zokufaka izicelo emagatsheni ayo.

Ithe amakhasimende ayo nawo azokwazisa ngalezi zinhlelo ngezindlela ezihlukene zokuxhumana ezisetshenziswayo. 

I-FNB ithe isibuqinisile ubudlelwano bayo nomNyango wezaseKhaya ngokuthi abantu bakwazi ukufaka izicelo zomazisi emagatsheni ayo aziwayo nakuma-banking app

Ithe seloku lolu hlelo lwaqala ngo-2015 isikhiphe omazisi bamakhadi abawu-312 00 nama-passport awu-258 000.

Isikhulu esiphezulu seFNB Points of Presence uNksz uZibu Nqala sithe bayakuqonda ukubaluleka komazisi empilweni yabantu baseNingizimu Afrika, yingako benza kubelula ukufaka izicelo. 

Uthi uhlelo lokufaka izicelo zomazisi nezama-passport kuma-banking app luzoqala ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Umuntu uzofaka isicelo kwi-banking app bese umazisi uthunyelwa ekhaya noma egatsheni leFNB eliseduze naye. 

Uma umuntu edinga usizo uzoyalelwa ukuthi aye egatsheni elenza omazisi eliseduze naye ukuze akwazi ukuthathwa isithombe nokugingqa izithupha. 

“Okwamanje amagatsha amukela izicelo zomazisi bamakhadi nama-passport ngeke andiswe kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi sinezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi wonke amagatsha ethu ayakwazi ukwamukela izicelo zomazisi,” kusho yena. 

Imizamo yokuthola ukuphawula kwamanye amabhange ayiphumelelanga kodwa uSchreiber uthe uxoxisana nawo wonke amabhange aseNingizimu Afrika ngoba ufuna ukubaqeda omazisi abayisidala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page