Kunqandwa amatele angakapakeli ezinkomeni zobisi
YINTATHELI YOMBELE
EMVA kokuqubuka kwamatele emapulazini ezinkomo zobisi aseMzinyathi nasoThukela KwaZulu-Natali, ungqongqoshe womNyango wezoLimo uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uvakashele abakhiqiza ubisi ukuqinisekisa ukuthi basebenza ezimweni eziphephile.
UNkk uKaMadlopha-Mthethwa ubenomhlangano nezikhulu zenkampani yobisi i-Orange Grove Dairy eseDundee, enyakatho yesifundazwe, ukuqinisekisa ukuthi ayiphazamiseki njengoba amatele esekhonjwa ngakuleya ngxenye yesifundazwe.
I-KZN iyikhaya lezinkampani zobisi eziwu-16, okubalwa kuzo iClover, i-Orange Grove nezinye. Loku kusho ukuthi u-30% wobisi neminye imikhiqizo yalo ivela eKZN.
Amatele ahlalise kabi abafuye izinkomo zenyama kanti nabafuye izinkomo zobisi sebeqala ukukhathazeka manje.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/11/umnyango-wezolimo-ekzn-uqinisa-umkhankaso-wokunqanda-amatele/
Amatele aqale ukubayinkinga ngo-2021 ngesikhathi eshaya kakhulu abafuyi bezinkomo zenyama. Abengakaze awelele ezinkomeni zobisi kodwa manje nazo azisaphephile.
UNkk uKaMadlopha-Mthethwa uthe izisebenzi zomnyango wakhe zisebenza nabo bonke abathintekayo embonini yokufuya ukulawula lesi sifo.
“Siwuhulumeni, sigqugquzela ukubambisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukulwa nalesi sifo. Sinezinhlelo eziningi zokusinqanda, okubalwa ukuhlola nokugoma izinkomo, sikhiphe izimvume zokuhamba kwemfuyo. Okusithokozisayo wukuthi abafuyi abaningi bayayilandela imithetho yokulwa nalesi sifo. Kubalulekile loku ngoba amatele abhebhetheka kakhulu. Seloku siqale ukugoma izinkomo ngo-2022 ziwu-700 000 esesizigomile esifundazwe, eziwu-24 000 ezaseMzinyathi,” kusho yena.
Isikhulu esiphezulu se-Orange Grove Dairy uMnu uDave Durham sithe babefune umhlangano nomnyango esifundazweni ukusungula ubudlelwano bokusebenzisana namasu okuxazulula ukubhebhetheka kwamatele ngaphambi kokuthi asabalale eqe uN3.
Ukugcizelele ukuthi le ndawo kufanele ivikelwe ngazo zonke izindlela ngoba iwumgogodla womnotho wezwe. Umgwaqo omkhulu uN3 uxhumanisa ichweba laseThekwini nezimboni ezibalulekile eziseGauteng.
U-Durham uzwakalise ukukhathazeka uma kukhona izingxenye zikaN3 ezimenyezelwa kuthiwe ngezokulawula inhlekelele yamatele njengoba loku kuzobanomphumela omubi ekukhiqizweni kobisi. Kuzonyusa namanani alo, okuzothwalisa abathengi kanzima.
Ucele uhulumeni ukuthi ubalekelele ukuthi uN3 uhlale ungenamatele ngoba uma eke afika kuwona kuzodala izinkinga.
Mayelana neziphakamiso ezenziwe yimboni yobisi, uNkk uKaMadlopha-Mthethwa uthe bayazizwa ngoba bafuna ukusebenzisana nohulumeni futhi bafuna ukukhiqiza imigomo ezonqanda amatele. “Imibono yabo (abakhiqizi bobisi) sizoyihambisa embizweni yamatele esePitoli kuleli sonto,” kusho yena.
Ugcizelele ukuthi sikhona isidingo sokusebenzisana phakathi kwemboni ezimele nohulumeni ngoba ezolimo wumcebo wesifundazwe.

