UMnu uLungelo Msimango, umsunguli weLamlani Security Services yasePinetown, eThekwini, KwaZulu-Natali, eqapha abantu, ematekisini, iminyango kahulumeni namabhizinisi. Izithombe: Sithunyelwe

Inkampani yonogada imandla ekuqasheni intsha

WUTHOBILE ZWANE

UKUBONA abantu abasha abaningi bengasebenzi kwanika insizwa yaseXobho, eningizimu yeKwaZulu-Natali, umqondo wokuvula inkampani yonogada ezogxila ekuqasheni intsha.

Okunye wukuthi imboni yonogada igcwele izinkampani ezingazikhathalele izisebenzi zazo, okwenza ukuthi zithatha noma yimalini eziyinikwa ngamakhasimende bese ziholela izisebenzi utiki. 

Ngemva kokushiya umsebenzi wakhe emNyangweni weziSebenzi uMnu uLungelo Msimango, one-BTech in Public Management yaseDurban University of Technology, wabhalisa ibhizinisi ngo-2018 ukuze agcwalise lo mbono wakhe. ILamlani Security Services inamahhovisi ePinetown, entshonalanga yaseThekwini. 

Le nkampani iqapha izikhulu noma imindeni yazo, igada ematekisini, ihlinzeke ngonogada abahlomile nabangahlomile futhi igada eminyangweni ehlukene kahulumeni nezitolo. 

Onogada beLamlani Security Security Services sebelungele ukuphuma baye ensimini

Uthi okuhlukile ngenkampani yakhe wukuthi iphethwe wumuntu omusha futhi oqasha abantu abasha.

“Abantu abaningi uma beqasha, baqasha ngokuthi bafuna amava eminyaka eyishumi kodwa uma sibhekisisa kahle eNingizimu Afrika sinenkinga yokungawutholi umsebenzi. Ngithi noma ngiwadinga amava kodwa ngiqasha kakhulu abantu abasha ngoba uma ngingabaqashi bazowathatha kuphi amava okusebenza bengakaze baqashwe ndawo. Izisebenzi zami eziningi yintsha nabantu abakhulile abambalwa,” kusho le nsizwa oneminyaka ewu-28.

Uthi kunezinto ezibuye zinyakazise ibhizinisi. “Sike sinyakaziseke uma sithole umsebenzi kwenye indawo ngoba kuthiwa asiwona umsinsi wokuzimilela kuyona. Kufanele sikhulume, sichaze ukuthi singabakuphi. Kodwa sigada iKwaZulu-Natali yonke futhi sinamakhasimende esiwagadayo nakwezinye izifundazwe,” kusho yena. 

Kwezinye izinselelo abhekana nazo uthi njengomuntu omusha kuye kube nezikhathi lapho umsebenzi unikwa abantu abadala.

UMsimango nabanye onogada beLamlani Security Services 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/03/uqale-ewunogada-osenenkampani-yonogada-nezinye-kweminye-imikhakha-ukuzimisela-kulo-msebenzi-kwenze-wagcina-ethole-ithuba-lokuqeqeshelwa-ukuba-yimenenja-uxoxe-nozanele-mthethwa/

Into emjabulisayo kakhulu ngokubanebhizinisi wukuthi ukwazi ukulekelela imindeni ngokuthi kulale kudliwe ngenxa yakhe. 

“Angibi wusizo ekhaya kuphela kodwa ngibawusizo emiphakathini ehlukene. Ukubanebhizinisi kungivula umqondo ngaso sonke isikhathi. Ukucabanga amasu okuphumelela akufani njengokuqashwa. Kunginika ithuba lokuxhumana nabantu abahlukene nokubanemihlangano nabaholi abahlukene,” kusho uMsimango.

Nakuba engasishongo isibalo sezisebenzi zeLamlani ngenxa yezizathu ezithile kodwa uthi ziningi. 

Izifiso zakhe ngebhizinisi uthi ufisa likhule ligcine selinamagatsha kuzo zonke izifundazwe zakuleli zwe futhi liye nakwabanye amazwe. Muzwe echaza:

Eluleka abanye osomabhizinisi abafisa ukungena embonini yokugada uthe, “Kulo mkhakha kufanele usebenze ngokuzimisela, uwenzisise umsebenzi, uqikelele futhi ungathathi izindlela ezilula. 

“Kufanele ulandele umthetho wokuvikela izisebenzi nokwenza yonke into eqondile njengenkampani, uzifundise ukuthi ngeke uzirobhe izisebenzi kusukela usaqala ukuze izinto zakho zihambe kahle,” kucebisa uMsimango.

Facebook: Lamlani Security 

Tiktok: Lamlani Security

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page