Nakuba sekugunyaziwe ukuhlangana kweMultiChoice neCanal+ kodwa ikhomishini eyengamele ukuncintisana okuhle ezweni iCompetition Commision ibeke imibandela ezovikela amakhasimende. Isithombe: Sithunyelwe

Kuphasisiwe ukuhlangana kweMultichoice neCanal+

YINTATHELI YOMBELE 

IKHOMISHINI eyengamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika iCompetition Commision iphasise ukuhlangana kwenkampani yokusakaza ezweni iMultiChoice edume ngeDStv nenkampani yaseFrance yokusakaza iGroupe Canal+ SAS, eyaziwa ngeCanal+.

Lezi zindaba zimenyezwe kuleli sonto emva kokuthi iCompetition Tribunal ivumile ukuthi ukusebenzisana kwalezi zinkampani ngeke kubenomphumela omubi kwezokusakaza eNingizimu Afrika.

Ukuphasa kohlelo lokuthi lezi zinkampani zisebenzisane kunemibandela ebalulekile ebekwe yiCompetition Commission ukuvikela izisebenzi, umphakathi nezinye izinhlaka ezithintekayo.

I-Canal+ idume ngokusakaza imidlalo yebhola nezinye izinhlelo zethelevishini emhlabeni jikelele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/26/selidumela-emasumpeni-ngokudayiswa-kwemultichoice/

Iphini likakhomishana weCompetition Commission uMnu uHardin Ratshisusu lithe: “Ukuze lezi zinkampani zisebenzisane kahle kufanele zitshale imali engaphezu kukaR30 billion. Loku kuzobanomphumela omuhle eNingizimu Afrika. 

“Okuhle kakhulu wukuthi zizibophezele ukuthi zizokwanda izinhlelo zethelevishini ezizokhiqizwa kuleli zwe. Lena yinto ezosiza ukuvula amathuba kwabakhiqiza izinhlelo zethelevishini,” kusho yena. 

Nansi eminye imibandela ebekwe yikhomishini: 

  • Kuzovikelwa imisebenzi yabantu njengoba kuhlangana lezi zinkampani, okusho ukuthi izisebenzi zeMultiChoice ngeke zidilizwe eminyakeni emithathu ezayo;
  • Kuzophuculwa amakhono abantu baseNingizimu Afrika abasebenzia kule nkampani nezinye izinkampani zakuleli zwe, ikakhulu ezabantu ababencishwe amathuba namabhizinisi asafufusa. Loku kuzokwandisa izinhlelo ezikhiqizwa ezweni;
  • I-Canal+ izohweba naseJohannesburg Stock Exchange kanti ikomkhulu leMultiChoice lizohlala liseNingizimu Afrika;
  • Okuhle wukuthi kuzobanezinhlelo eziningi zezindaba, imidlalo yethelevishini nokunye okuthokozelwa ngabathandi bethelevishini;
  • Izinhlelo ezididiyelwe eNingizimu Afrika zizokwazi ukukhonjiswa nakwamanye amazwe lapho iCanal+ isebenza khona;
  • Izinhlelo zemidlalo ezenzeka emhlabeni zizobonakala kuleli kanti nezikhombisa amaqembu ezwe asuke edlala emazweni ahlukene zizosakazwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page