Iphini likangqongqoshe womNyango weSayensi, ubuChwepheshe nokuSungula uNkk uNomalungelo Gina ngenkathi likhuluma ngamathuba enzelwe osomabhizinisi besifazane Elangeni TVET College ePinetown, eThekwini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Kunezigidi zokuxhasa osomabhizinisi besifazane – ungqongqoshe weSayensi

WUBONISWA MOHALE

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu kuzanamathuba kosomabhizinisi besifazane nabayintsha.

Lisho kanje iphini likangqongqoshe womNyango weSayensi, ubuChwepheshe nokuSungula uNkk uNomalungelo Gina emcimbini wabantu besifazane obuse-Elangeni TVET College ePinetown, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngesonto elidlule. 

“Sihlushwa yisimo sezulu esiguquguquka kabi ngoba siletha izikhukhula, iziphepho nezinye izinkinga zezulu eziphazamisa impilo yabantu. Yisayensi lena, edinga ukuxazululwa wosomabhizinisi ngemikhiqizo ezovikela abantu,” kusho lona.

UNkk uGina uthe emnyangweni banemali yokuxhasa amabhizinisi abantu besifazane iWomen Empowerment Fund, eqala ukuxhasa amabhizinisi ngoR250 000 kuze kufike kuR75 million.

“Le mali ayixhasi kuphela amabhizinisi abantu besifazane agxile kwisayensi kodwa sixhasa amabhizinisi aletha izisombululo emphakathini. Isibonelo nje sixhasa amabhizinisi abantu besifazane aqoqa imfucuza ukuze isetshenziswe. Kunabantu besifazane abaqoqa oplastiki bese bebadayisela inkampani ebancibilikisayo babeyifenisha nokunye. Ngifuna ukubona abesifazane begcwele kule mboni,” kusho yena. 

Uthe ukuqoqa imfucuza kuhlanza imvelo kuqinisekise ukuthi ayipheleli ezitamkokweni, emifuleni nasolwandle.

Uthi banesinye isikhwama esibizwa ngeSeed Fund esixhasa amabhizinisi amancane, izikhungo zemfundo ephakeme nezinye izikhungo ezenza izinto ngezindlela ezintsha noma eziletha ubuchwepheshe obusha. Siqala ukuxhasa ngoR100 000 kuya kuR500 000, kubawusizo lwezinyanga eziwu-12. 

Uthe abesifazane yibona abakwazi ukudala amathuba omsebenzi amaningi ngoba banozwelo futhi bayakwazi ukusizana uma izimo zizimbi. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/04/i-nef-igubha-iminyaka-ewu-11-yesikhwama-esixhasa-abesifazane/

Unxuse abantu besifazane ukuthi bangene kwi-website yomnyango ukuze bathole nangamanye amathuba ebhizinisi nawokufunda. 

“Kulezi zinsuku kunegama elindiza emoyeni le-green economy, lapho sikhuluma ngokukhulisa umnotho ngaphandle kokucekela phansi imvelo. Maningi amathuba lapha engibala kuwo awokushintsha umoba nezinye izitshalo ukuze zibe uwoyela osetshenziswa izimoto,” kusho yena.

Ubalule ukuthi kunohlelo lwe-green hydrogen, okuwukwenza ugesi ngendlela engayilimazi imvelo. Lo gesi ungasetshenziswa yizimoto ezihamba ngogesi nangendlela ejwayelekile yokusebenzisa ugesi. Uthi abantu besifazane kufanele bangene kule mboni bangabiyizibukeli. 

 Uphethe ngokugqugquzela abantu besifazane ukuthi bangazenyezi baqale amabhizinisi futhi bafune usizo kuhulumeni. 

Umphathi wase-Elangeni TVET College uNkk uZodwa Kula uthe abaholi besifazane kufanele bahole ngobuqotho, basekane futhi bafukulane kuzo zonke izimboni abakuzona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page