Owaqala ngengadi usenodedangendlale wepulazi
WUTHOBILE ZWANE
OKWAQALA kuyingadi encane emva kwendlu yakubo eLimpopo sekuyipulazi elingamahektha awu-20.
UNksz uWendy Moshakga, oneminyaka ewu-27, waseMoletjie, ePolokwane, wasungula iSerage Holdings ukuze angene ekulimeni, athi waqala ngokulima ambalwa emva kwendlu yakubo.
Loku, uthi, wubufakazi bokuthi ungakwazi ukuqala kancane ugcine usunenkampani enkulu.
Uthi uthando lokulima nemfuyo yinto ayizwa ngaphakathi akhule efisa ukuziphilia ngayo. Ufuye izingulube, izimbuzi nezinkukhu.
“Ngakhula kulinywa yonke indawo eMoletjie. Ngabona ukuthi kubaluleke kangakanani ukondla imindeni yethu nokugcina umphakathi wondlekile. Yilapho isifiso sami saqala khona,” kusho yena.
Uneziqu kwi-Agricultural Science zase-University of Limpopo. Wake wayisikhulu sezolimo, esiza abanye abalimi ngezeluleko nokubeseka ngaphambi kokusungula ibhizinisi lakhe.
Uthi la mava amnika amakhono amsiza ukwenza iSerage Holdings ibeyibhizinisi elihlelekile nasekufukuleni umphakathi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/29/owayefuna-ukusebenza-ehhovisi-usewumlimi-nomfuyi/
UNksz uMoshakga unethimba elincane lezisebenzi eziyishumi ezitshala amaveji ahlukene, okubalwa kuwo iklabishi, isipinashi, utamatisi, u-anyanisi, no-green pepper. Umkhiqizo wabo udayiselwa abadayisi bendawo, izimakethe, namalungu omphakathi ePolokwane, okusiza ukusondeza ukudla okunempilo emakhaya.

Uthi ukunweba ipulazi lakhe libe amahektha awu-20 kusho ukuthi zizokwanda izitshalo, kwande imisebenzi futhi kubenomphumela omuhle emphakathini wangakubo.
“Ngesikhathi sokuvuna ngiqasha abantu abengeziwe abazosiza, okuyinto esiza mina nomphakathi. Kuyangijabulisa ukudala amathuba emisebenzi nokubuyisela kubantu,” kusho uNksz uMoshakga.
Njengabalimi abaningi, uNksz uMoshakga ubhekene nezinselelo ezinzima, isimo sezulu esiguquka ngamandla, izindleko zezinsizakusebenza, ezinjengomanyolo, ezikhuphukayo nesidingo samathuluzi nezinye.
Kuzo zonke izinselelo uyaqhubeka nokuphokophela. Uthi: “Ukulima akulula kodwa ngiyaqhubeka ngoba ngiyakholelwa kwengikwenzayo.”
Ukuthola usizo lwemali ebhizinisini bekungelula kodwa amava akhe kwezolimo sisizile.
“Isifiso sethu wukwenza umehluko wangempela ngokulima, sifuna ukondla abantu, sidale amathuba omsebenzi futhi sisize izindawo zasemakhaya zikhule ngokomnotho,” kusho uNksz uMoshakga.

