Inkampani yezimoto yase-India ivule imboni yokukhiqiza eDube TradePort
YINTATHELI YOMBELE
ZIYANDA izinkampani zezimoto ezinezimboni eThekwini njengoba iMahindra yase-India, ivule imboni yokukhiqiza izimoto eDube TradePort, eduze kwesikhumulo samabhanoyi iKing Shaka International Airport, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Le nkampani ivule ngokusemthethweni imboni yayo ngoLwesibili. Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe iyakuthakasela ukufika kweMahindra ngoba kusho ukuthi iTheku selinezinkampani ezimbili ezikhiqiza izimoto.
“Ukufika kweMahindra kulandela ukuzibophezela kwayo eminyakeni edlule ukuthi izovula imboni lapha. Kukhombisa ukuthi eThekwini naKwaZulu-Natali kulula ukuqhuba ibhizinisi futhi izinkampani zibona lo masipala njengedolobha elihle elizozisiza ukukhula,” kusho yena.
Uthi le mboni ikhiqiza izimoto eziwu-1 000 ngenyanga futhi iqashe izisebenzi eziwu-100. Isebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqinisekisa ukuthi zonke izinsimbi zezimoto zihlanganiswa kahle.
UXaba uthi loku kuzokwenza umasipala ubonakale uyisizinda sezimboni zezimoto, okusho ukuthi ngeke nje kufike izinsimbi zezimoto ezidingwa ukuhlanganiswa kodwa kuzokhwakhiwa izimoto kusukela phansi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/kubekwe-ur217bn-ozoguqula-izinto-ethekwini-imeya/
“Idolobha lethu kade laziwa ukuthi lizobayisizinda sezimboni zezimoto ukuze kukhule umnotho futhi kwande amathuba omsebenzi ahambisana nobuchwepheshe. Okwamanje imboni yezimoto iqashe abantu abawu-29 000 nabawu-50 000 abasebenza ezimbonini ezihambisana nayo. Uma kufika abatshalimali abanjengeMahindra siyakwazi ukugcina le misebenzi nokudala eminye emisha,” kusho uXaba.
Uthe basebenzisana nohulumeni wesifundazwe ukuqinisekisa ukuthi iKZN iyisizinda sako konke okudingeka ezimotweni njengoba kusungulwa i-KwaZulu-Natal Automotive Supplier Park ezoba se-Illovo, eningizimu yaseThekwini.
Uthi ukuba khona kweMahindra enyakatho yaseThekwini kuzoqinisekisa ukuthi leli dolobha liyahlonishwa e-Afrika njengesizinda sako konke okuthinta izimoto.

