Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba nomengameli weToyota South Africa uMnu u-Andrew Kirby baqinise ubudlelwano babo njengoba le nkampani izibophezele ukuthi izoqhubeka nokuhlala kuleli dolobha. Isithombe: Sithunyelwe

ITheku lizophucula ingqalasizinda yekomkhulu leToyota ngoR450 million 

YINTATHELI YOMBELE 

UKUGQUGQUZELA izimboni ukuthi zihlale eThekwini, imeya yalo masipala uMnu uCyril Xaba ithi bazotshala uR450 million ukulungisa ingqalasizinda eProspecton, eningizimu yedolobha.

Kuzokhumbuleka ukuthi iProspecton iyikhaya lemboni enkulu yezimoto iToyota South Africa (iTSAM) eyahlaselwa yizikhukhula, ezayiphoqa ukuthi ifahlaze izimoto eziyizigidi ngo-2022.

Ngempelasonto uXaba nethimba lakhe bebehlangene nezikhulu zeTSAM, okubalwa nomemgameli wale nkampani futhi oyisikhulu sayo esiphezulu uMnu u-Andrew Kirby. 

“Umasipala utshale uR450m ukulungisa ingqalasizinda yemigwaqo eProspecton. Ufake nomunye uR120 ozosiza iTSAM nezinye izimboni ezilapha uma kunezinhlekelele zemvelo,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/23/umshwalense-wetoyota-south-africa-ufuna-ur6-5-billion-ngomonakalo-wezikhukhula/

UXaba uthe le mali izolungisa ingqalasizinda yamapayipi, iziteshi eziphampa amanzi  neziteshi zikagesi eziqondene neTSAM ngqo. 

Emhlanganweni kuxoxwe ngezithiyo ezivimbela izinkampani ukuthi zikhule umasipala uthembise ukuthi uzozisukumela, okuwukulungisa ingqalasizinda, ukuphehla ugesi, nokubakhona kwamanzi ahlanzekile nengqalasizinda yokuwahambisa. 

Kuzoshintshwa ipayipi elikhulu eliwubhestazi eliwu-375mm libengelensimbi ewu-400mm ukuze kubenamanzi ageleza ngendlela efanele kule ndawo.

UXaba uthe ubudlelwano babo neTSAM ngobeminyaka engaphezu kwewu-50 kanti buhamba kahle ngoba bahlale bexoxa kamnandi nezikhulu zeToyota. Ubalule ukuthi izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda zizosheshiswa ukuze kungaphazamiseki umsebenzi wale nkampani. 

U-Kirby uvumelane noXaba, wathi basebenzisana kahle kakhulu nomasipala futhi babambisene ukulungisa izinkinga zengqalasizinda nokukhulisa umnotho. 

“Ngisho izikhukhula zango-2022 azizange zisenze ukuba sifune ukuhamba eThekwini kunaloko sifuna ukuqinisa ubudlelwano bethu naleli dolobha,” kusho yena. 
I-TSAM ingenisa uR18 billion ngentela njalo ngonyaka emnothweni waseNingizimu Afrika kanti umasipala waseThekwini uqoqa uR6m wama-rates kule nkampani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page