Iphanta lenza imisiko edle ngokugqama
WUTHOBILE ZWANE
UKUKHULA ewumuntu othanda imfashini kumnike umqondo wokuqala ibhizinisi lezingubo ezinemibala egqamile.
UMnu u-Asanda Ngiba, oneminyaka ewu-24, waseNewtown B, eNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali, waqala iDripington Clothing SA ngo-2019. Ngaleso sikhathi wayesefunda amabanga aphezulu, enenhloso yokuqoqa ontanga yakhe ukuze bangajiki nelanga uma sebeqede isikole.
“Ngangifuna ukuthi mina nontanga yami sibenento esiyenzayo ngoba imisebenzi ayikho. Ngisho esikoleni ngangiwumuntu osebenza kakhulu ngemali, owayezama izinto ezihlukene ezizongenisa imali. Ngangisithanda isikole kodwa ngangingafuni ukuya ezikhungweni zemfundo ephakeme, ngangifuna ukuzisebenza. Yize sengiqashiwe manje kodwa ngikhule ngifisa ukuzisebenza,” kusho yena.
Uthi izingubo zakhe zitholakala kuyo yonke iNingizimu Afrika njengoba abantu abangahlali eThekwini ekwazi ukubathumelela zona ngezindlela ezihlukene zokuthumela izimpahla.

Amakhasimende akhe abantu abathanda imibala egqamile, bayo yonke iminyaka. Amakhasimende akhe amaningi ngabantu ababona umsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Imikhiqizo yakhe yama-tracksuit iqala ku-R750 kuya ku-R1 000 kuya ngokuthi umuntu ufisa into enjani. Izikibha ziqala kuR150 kuya kuR200.
Ekhuluma ngegama lebhizinisi iDripington Clothing uthi lavela ezimele ngakubo. “Ngathi izingubo zami zimanzi futhi kuyana. Ngangisho ngesiNgisi ngithi ‘Rain is forever’, U-Driping waqhamuka lapho. Ngafaka nokuthi ubani ongigqugquzelayo, okuwumculi u-Okmalumkoolkat ngoba uthanda izingubo zokugqoka nokubukeka kahle,” kusho uNgiba.

Izinselelo ahlangabezana nazo wukuthi njengoba esesebenza kubanzima ukuqhubeka nebhizinisi kahle futhi nokuthola imakethe kuyinselelo.
Okunye okuyinselelo wukwenza imisebenzi eminingi ngesikhathi esisodwa okubayinkinga, nokuthola usizo lwemali ezomsiza ukukhulisa ibhizinisi nokuthola izinsizakusebenza.
Okwamanje usizwa wumzala wakhe okuwuyena othunga izingubo nabantu abane abamsiza ngokukhangisa izingubo noma kuyoshuthwa abantu abamodelayo.
UNgiba uthi izimpahla zakhe zihluke ngokuthi wenza isiqiniseko sokuthi zithungwa ngendwangu ekhethekile futhi uwumuntu oneso elihlukile.
Eluleka intsha efisa ukuqala ibhizinisi, uthe ayibheke lapho ifisa ukuqala khona ibhizinisi futhi iqaphele nabantu esondelene nabo ukuthi bazoyisiza yini ukufeza leso sifiso.
“Kubalulekile ukuthi uqale lapho ukhulele khona, uzame ukukhula ngemikhiqizo yakho, uvule amathuba omsebenzi ukuze bakwazi ukusizakala abantu bangakini. Kubalulekile nokugwema izinto ezingasile zomhlaba,” kucebisa yena.
Ufisa ukubanesitolo enxanxatheleni yezitolo iGateway. “Ngiyafisa ukusebenzisana nezinye izinkampani ezinkulu zase-Afrika, ngikwazi ukubona izingubo zami zigqokwe wosaziwayo oDJ Maphorisa, uJozi nabanye,” kusho uNgiba.
Facebook: Dripington Clothing SA

