I-Nedbank Group ithenga i-iKhokha ngoR1.65bn
YINTATHELI YOMBELE
I-NEDBANK Group, elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika, imemezele ukuthi izothenga inkampani yemishini yokukhokha ngekhadi nezinye izindlela zobuchwepheshe i-iKhokha ngoR1.65 billion.
Lesi simemezelo senziwe izolo njengoba iNedbank ithe isiyikhiphile yonke imali edingekayo kodwa osekusele yimibandela emincane okufanele icutshungulwe yinhlangano eyengamele ukuncintisana okuhle nemithetho ethinta ukuhweba.
Lesi sinqumo iNedbank ithi sizosiza osomabhizinisi abancane esebenzisana nabo ukuthi bakwazi ukungena bagxile emnothweni, bangabi nezithiyo ezibavimba ukukhokhisa amakhasimende njengoba bengeke bathathe ukheshi kuphela.
I-iKhokha yinkampani yaseNingizimu Afrika eyasungulwa ngo-2012 ekhiqiza imishini yokukhokha ngekhadi nangobuchwepheshe esetshenziswa wosomabhizinisi abancane. Osomabhizinisi bayikhonzile imishini ye-iKhokha ngoba ayinazo izindleko eziphezulu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/10/umakadebona-emabhange-ahlukene-uyoshintsha-izinto-enedbank/
Kuthiwa i-iKhokha izoqhubeka isebenza ngokuzimela, ibe nabaholi bayo futhi isebenzise igama layo kodwa umehluko wukuthi umnikazi walo kuzobe sekuyiNedbank.
Umphathi we-Personal and Private Banking eNedbank uMnu uCiko Thomas uthe ukuthenga kwabo i-iKhokha kukhombisa ukuthi bayingxenye yoshintsho olwenzekayo futhi bazimisele ukusimamisa osomabhizinisi abancane nokubalethela izinsizakusebenza ezizobasiza ukukhula.
Isikhulu esiphezulu eNedbank uMnu uJason Quinn sithe bakholelwa kakhulu ekusizeni osomabhizinisi abancane ukuze babeyingxenye yomnotho wezwe.
“Umsebenzi we-iKhokha nobuchwepheshe bayo buhambisana nezinhlelo zethu zokuletha uguquko nobuchwepheshe emabhizinisini amancane. Ngokusebenzisana sizovula amathuba amasha okukhula nawokungena emnothweni waseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe,” kusho yena.
Njengoba i-iKhokha isithengwe yiNedbank kusho ukuthi abatshalimali ebisebenzisana nabo i-Apis Partners, iCrossfin Holdings ne-International Finance Corporation ngeke besaba yingxenye yayo.
Laba batshalimali bayisiza ukuthi yenze izinguquko zobuchwepheshe ezifanele.
Isikhulu esiphezulu seCrossfin Hildings uMnu uDean Sparrpw sithe bayazigqaja ngosekwenziwe yithimba le-iKhokha kusukela isasebenzela emakhaya iize likhulise inkampani yaziwe wosomabhizinisi abancane.
Abaphathi be-Apis Partners oMnu uMatteo Stefanel no-Udayan Goyal nabo bathe bayazigqaja nge-iKhokha eqale iyinkampani encane esiza osomabhizinisi abancane ngezindlela zokukhokha zesimanje.
“Ubudlelwano bethu ne-iKhokha bebubuhle kakhulu njengoba bekuyinkampani ekhula ngokushesha futhi eyenza umehluko emabhizinisini amancane. Njengoba isiyingxenye yeNedbank siyazi ukuthi izokhulisa umsebenzi wayo wokuletha umehluko kosomabhizinisi abancane ezweni jikelele.”
Isikhulu esiphezulu nomsunguli we-iKhokha uMnu uMatt Putman sithe bayazigqaja kakhulu ngalesi sinyathelo sokungena ngaphansi kweNedbank ngoba uzokhulisa umsebenzi wabo, basebenzisane nosomabhizinisi abaningi.

