I-Durban Fashion Fair imema abasikimfashini abasafufusa
UMASIPALA waseThekwini umema bonke abasikingqephu baseNingizimu Afrika ukuthi bafake izicelo zokukhangisa embukisweni wesi-14 weDurban Fashion Fair (iDFF).
I-DFF wumbukiso omkhulu wemfashini ozoba ngoSepthemba 17 kuya ngoSepthemba 19 eThe Station Urban Event Space eThekwini. Izicelo sezivuliwe, zizovalwa ngomhlaka-31 wangoJulayi.
Lo mbukiso uyingxenye yezinhlelo zikaMasipala waseThekwini zokusimamisa imboni yobuciko nokusimamisa osomabhizinisi bemboni yemfashini.
Bhalisa online ngokungena ku: https://forms.gle/BU1QnL3QCxNmCPp38
Indikimba yalo nyaka ethi “The Awakening”, iDFF yalo nyaka izoqhakambisa abasikingqephu abanesibindi ngobuciko babo futhi ihalalisele abasikingqephu abasha nomakadebona bemboni yemfashini.
Kule minyaka eyishumsis edlule, iDFF isikhule yabayinkundla ebalulekile engagcini nje ngokukhangisa imfashini kodwa ecija abasikingqephu abafuna ukuhlala isikhathi eside kule mboni.
Abahambela lo mbukiso bakwazi ukukhuluma ngqo nabathengela izitolo ezinkulu, bakha ubudlelwano bebhizinisi bathole namathuba okuya phesheya kolwandle.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/06/umasipala-wasethekwini-nohlelo-lokusiza-abasikingqephu/
UNksz uMakhosi Ntshangase weSista Fellas, owayecijwa ikhono kwiDFF yango-2019 nowathola nomklomelo i-Rising Star, uncoma umbukiso ngokumfaka kule mboni nangempumelelo yomsebenzi wakhe.
“Ngaphandle kwezinsizakusebenza engizitholile, iDFF yangivulela amathuba amaningi. Ngafunda ibhizinisi lemfashini, ngaxhumana nabantu abawusizo, ngagcina ngisayine isivumelwano sokudayisa izimpahla zami e-Edgars,” kusho uNksz uNtshangase.
UNksz uNtshangase nodadewabo uNksz uZamabhele (Ntshangase), naye owayeqeqeshwa kwiDFF ngo-2018, bavula isikole semfashini esigunyazwe yiFibre Processing and Manufacturing Seta ngonyaka odlule.
“Abafundi bethu ababili bebephakathi kwabasikingqephu abayishumi abavelele kwi-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award, umncintiswano wabafundi. Sibonga uMasipala waseThekwini ngempumelelo yethu nokuqhubeka nokuseseka.”
UNksz uZama Gumede, umsunguli weZavior Fashion House, uthe iDFF isibenaye iminyaka eyishumi.
Ekhuluma ngomehluko owenzeke empilweni yakhe, uthe: “Ngo-2020, ngakhangisa ngezingubo zami ngatholwa ngabakwa-Icon Clothing ababehambele i-DFF. Bayisitolo esisePolokwane, enxanxatheleni yezitolo i-Mall of the North. Babengamakhasimende ami amakhulu kusukela lapho. Kulo nyaka sengibanikeze ama-oda amakhulu kabili.”
Omunye umsikingqephu osephumelele wuMnu uMxolisi Mkhize, umsunguli weHouse of St Luke, uthi: “Ngonyaka odlule kubenoshintsho olukhulu, ngemva kokungena kulo mbukiso, ngacelwa ukuthi ngibewumsikingqephu kuma-Crown Gospel Awards futhi ngajutshwa ukuthi ngenze imisiko ewu-80 ezogqokwa ku-Miss and Mr Durban University of Technology 2024. I-DFF ihlale iletha amathuba angempela.”
Usihlalo wekomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kumasipala uMnu uThembo Ntuli ukuqinisekisile ukutshala izimali kulolu hlelo. “SiwuMasipala waseThekwini sitshala imali embonini yemfashini ngoba ikhuthaza ukuthuthuka komnotho okubandakanya wonke umuntu nokudala amathuba emisebenzi.
“Kulo nyaka, bawu-24 abasikingqephu abasafufusa abathole ukuqeqeshwa kusukela ngoMashi, okuhlanganisa izinsiza kusebenza namasu azobasiza ukuba namabhizinisi aphumelelayo. Bazothola ithuba lokungakhisa kwiDFF ngoSepthemba,” kusho uNtuli.
Ngeminye imininingwane thintana noNondumiso Mthembu ku-031 311 4500 noma uthumele i-email ethi nondumiso.mthembu@durban.gov.za
Landela ingxoxo yemfashini kuFacebook (DurbanFashionFair) noX /Instagram (@Dbnfashion_fair).

