‘Imali ayifike uyihlelele’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele usomahlaya uMzwa Seme

Uyabhukhwa emicimbini ehlukahlukene yamahlaya esiNgisi kakhulu kodwa manje usengena kusemahlayeni esiZulu okubalwa i-Mic eVulekile: Zulu Open Mic Comedy, La Parada Comedy Night, i-Cape Town’s Festive Lights Switch-On neminye.

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa imali.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaba nayo ngonyaka wokuqala enyuvesi ngo-2014, ngayivula e-FNB.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Kwakukhona umalume owayesipha imali uma siphasile esikoleni, wayesipha uR100, le mali ngendlela eyayinkulu ngayo ngangizitshela ukuthi ngeke ize iphele.  Ngangithenga ama-chips noswidi njalo. Into engayifunda wukuthi imali iyaphela noma kuthiwa iningi kangakanani.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/11/imali-injengomuntu-iyanakekelwa/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Wawumncane kakhulu kuwuR6 000, ngabeka imali yokugibela, ngathenga izimpahla zokugqoka.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ukwenza izidingo zami okumele ngizenze.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ukungayibeki, ngiyafisa ukuyonga kodwa ziningi izinto osuke ufisa ukuyisebenzisa kuzona. Ukuze uyibeke imali kumele ube wumuntu okwaziyo ukuyiphatha kahle kodwa loko kusangihlula. Ngiyathemba njengoba isikhathi sihamba, ngizogcina ngikwazi ukwenza yonke into engifuna ukuyenza.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo, kaningi kabi. Ngalahlekelwa uR1 000, ngizitshela ukuthi ngenyanga elandelayo izobuya isiwuR2 000.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Asikho, ngizifundela mina njengoba ngisakhula. Ngiyafisa ukube wayekhona owangihlalisa phansi wangiluleka. Kodwa imali ifuna ukuthi uyihlelele, ungenzi noma yikanjani ngayo ngoba iyashesha ukuphela.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathatha uR200 000 ngiwubeke uma sekwenzeka zinginetha okokuqala, esalayo ngiqale ngiwucabangele ukuthi ngizowenzani. Ngicabanga ukuthi ngingayitshala kumina.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Okokuqala ngingathi lo mkhakha awukho lula, unzima. Iningi labantu abayenzi imali le oyicabanga ukuthi bayayenza uma ungaphandle, ubona usungaphakathi ukuthi kanti kunje la uma ukhona. Ngena uma uwuthanda kodwa kumele usebenze kanzima. Yenza isiqiniseko sokuvikela umsebenzi wakho noma kuthiwa yini ekufikelayo akube eyakho ngoba kulula ukuxhaphaza amaciko uthole inzuzo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page