UMasipala waseThekwini ungenise uR1bn ngokuphulela abantu izikweletu
YINTATHELI KAMASIPALA
IMEYA kaMasipala waseThekwini, uMnu uCyril Xaba income uhlelo lokwehlisa izikweletu zabantu ngo-50% ngoMeyi kuyangoJuni kulo njengolwenze umehluko omkhulu ekungeniseni imali kuwo.
UXaba uthe umbiko othulwe ngoLwesibili uveze ukuthi ukuphula izikweletu zabantu ngo-50% kungenise uR1 billion esikhwameni sikamasipala. Le mali uthi izokwehlisa izindleko emahlombe ezakhamuzi ibe isiza umasipala ukuthi wandise imali yokwenza izidingo.
Uchaze lesi saphulelo sezikweletu njengesibenomphumela omuhle emlandweni waseThekwini.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/19/umasipala-wasethekwini-usule-izikweletu-zabangasekho/
“Okubalulekile wukuthi izakhamuzi ezingaphezu kweziwu-18 000 ebezisindwa yizikweletu zazo zilutholile usizo. Zikwazile ukwehlisa izikweletu, okukhombisa ukuthi siwumasipala ofuna ukusiza amakhasimende athwele kanzima awo ngenxa yokuthi impilo iyabiza,” kusho yena.
Uthembise ukuthi umasipala uzoqhubeka nokuhlela izikweletu zabantu, ukuqinisekisa ukuthi bayazikhokhela izidingo abazithola kumasipala.
Uhlelo lokwehlisa izikweletu belubheka imali ebikweletwa yikhasimende likamasipala ekupheleni kwangoJanuwari walo nyaka. Umuntu bekufanele akhokhe uhhafu waleso sikweletu ukuze kucinywe uhhafu waso, amakhasimende bese ekwazi ukukhokha imali yangoFebhuwari kuya kweyangoJuni. Amakhasimende akade engakwazi ukukhokha isikweletu sangomhlaka-31 wangoJanuwari ebenzelwa uhlelo lokukhokha kancane kancane kodwa kubeyizinyanga ezingeqi kweziyisithupha.
UXaba ubonge wonke amakhasimende asebenzise ithuba lokwehliselwa izikweletu ngoba umasipala usebenzisa imali ekhokhwa yizakhamuzi ukuletha izidingo.

