UMnu u-Emmanuel Mudau, umsunguli weMathuba Genetics yakwaHa-Ravele, eVenda, eLimpopo, efuya izimvu nezinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Umdayisi wefenisha usewumfuyi ovelele

WUTHOBILE ZWANE 

UMFUYI waseLimpopo uthi wayenoR7 000 kuphela nesifiso sokufuya ngesikhathi eqala ipulazi lakhe ngezimbuzi ezintathu.

Umnikazi weMathuba Genetics uMnu u-Emmanuel Mudau, wakwaHa-Ravele, eVenda, washiya umsebenzi wokudayisa ifenisha ngo-2008, wathatha impesheni yakhe wayitshala ekufuyeni izimbuzi.

Leso sinyathelo sabayisiqalo sohambo lwakhe njengoba manje enomhlambi wezimvu, izimbuzi nezinkomo epulazini elingamahektha awu-100.

Njengoba eseneminyaka eminingi ewumfuyi, uMudau usengumeluleki nothisha kwabanye abafuyi nabafundi. Ipulazi lakhe iMathuba Genetics and Experimental Farm, eliseVivo, eLimpopo, ligunyazwe yiAgriSETA ukuqeqesha abafundi bezolimo abavela ezikhungweni ezifana ne-University of Venda neTshwane University of Technology, ebacija izinyanga eziwu-12.

“Sifundisa abafundi ngako konke okufanele bakwazi ngemfuyo, kusukela ekudleni kuya ekuqondeni ukuzalanisa izilwane. Angizange ngikuzuze njengefa loku. Ngikusebenzele kanzima kanti ngifuna ukusiza abanye bakhule,” kusho yena.

Ngo-2010, uMudau wayesenezezele ngezimvu zohlobo iDamara eziyishumi emfuyweni eyayikhula ngamandla. Namuhla usenezimvu ezingaphezu kuka-500, izimbuzi ezingu-300 nezinkomo ezingu-60, kuhlanganise nezinhlobo zekhethelo okukhona iSavanna, izimbuzi zesiBhunu, izinhlobo zendabuko nezinkomo amaBoran-Nguni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/08/umfuyi-osemncane-uthuthukisa-intsha-ngamakhono/

Uthi akubanga wuhambo olulula ngoba ngo-2010 kwahlasela izibungu ezibulala amazinyane. Le nhlekelele yezibungu i-wireworm, yabulala u-70% wamazinyane akhe. Lesi sifo uthi sivamile eMakhado. Ukufa kwezimvu zakhe kwamphatha kabi. 

Izimvu zohlobo zeMathuba Genetics 

Emva kwale nselelo akadikibalanga kodwa wenza ucwaningo. Wathola imithi elapha lezi zibungu i-voermol sheep ne-goat protein lick. Ngemuva kokuyihlola kwizimvu ezimbalwa wawubona umehluko. Imfuyo yakhe yaqala ukukhula, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima.

“Iziklabhu zami amaBosvelder engazikhulisa nabanye abafuyi zabanamandla, amazinyane ayenempilo. Yilapho engazi khona ukuthi imfuyo idinga ukudla okunomsoco,” kusho uMudau.

Ukudla okunomsoco kubalulekile kuyena. Ukholwa wukuthi noma kunomhlaba omuhle nesimo sezulu, imfuyo ngeke ichume ngaphandle kokuphakelwa ukudla okufanele. Upha imfuyo yakhe ukudla okukhiqizwa yiVoermol Feeds, inkampani eyenza ukudla kwezilwane okunezakhamzimba ezidingwa yimfuyo. 

Ipulazi lakhe liyisibonelo sokusungula izinto ezintsha. Uthe usebenzisa amathuluzi esimanje okuhlola izilwane, imibhalo yezilwane nawokuqinisekisa uhlobo lwesilwane ukuthi kuzalaniswa izilwane zekhethelo kuphela.

Izinkundla zokuxhumana ziyamsiza ukukhangisa. “Sisebenzisa iTikTok, u-Facebook, u-Instagram noWhatsApp ukukhangisa imfuyo yethu. Loku kusisizile saze saziwa online, kwasisiza ukukhulisa umsebenzi wethu futhi sandise nomhlaba esisebenzela kuwo usuka kumahektha amahlanu uya kumahektha awu-100,” kusho yena.

Iseluleko sikaMudau kwabafuna ukufuya sithi: “Ungesabi ukuqala kancane noma ukuzama izinto ezintsha. Ngokusebenza kanzima, ukukhetha ngobuchule nenhliziyo yokusiza abanye ungasishintsha isimo sakho,” kusho yena. 

Uqashe izisebenzi ezivile ku-22. Uthi isifiso sakhe ngebhizinisi wukukhula nokufundisa abantu abaningi ngemfuyo futhi avule namathuba omsebenzi. 

Facebook: MATHUBA GENETICS

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page