‘Gada umjolo ungakubhayizisi emalini’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele ‘uPhuzekhemisi’, ogama lakhe wuZibokwakhe Mnyandu, umqambizingoma, umculi nomshayisiginci kamaskandi. Phakathi kwamanoni aziwa ngawo kubalwa Imbizo, Inja Yami, Amakhansela, Ijele namanye. Kwezinye izindondo aseke wahlabana ngazo kubalwa i-Best Traditional Performance in Nguni Award kuma-1st Annual South African Music Awards neLifetime Achievement Award kuma-20th Annual Sama

Kubekwe uR40 million wezinhlelo zamanzi nokuthutha indle

UKUQINISEKISA ukuthi umkhakha wamabhizinisi abadayisi abanamatafula uMasipala waseThekwini ubuhlele ingqungquthela i-Informal Economy Development Summit kusukela mhlaka-7 kuyamhlaka-8 kule nyanga e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

UMasipala waseThekwini wethule isikhungo semininingwane yezokuthutha umphakathi

NJENGOBA u-Okthoba kuyiNyanga yezokuThutha, uMasipala waseThekwini usanda kwethula isikhungo semininingwane yezinto zokuthutha zomphakathi iPublic Transport Information Centre.

Okufanele ukuqaphele uma unyula impesheni kwi-two-pot system – abeluleki

NGENYANGA esanda kudlula kuhlangane unyaka kusukela iNingizimu Afrika yethula umthetho ogunyaza abantu ukuthi banyule ebhodweni impesheni yabo yize singakafiki isikhathi somhlalaphansi, phecelezi i-two-pot retirement system, kanti njengoba abantu beqhubeka nokukhipha imali, kunezeluleko eziqhamuka eLiberty naseStandard Bank. 

Yinto engathi shu uhlelo olusha oluhlongozwa ngomasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane 

AKUKHO mehluko otheni ozokwenziwa wuhlelo olusha lomNyango weziMali lokuzama ukufukula ukusebenza komasipala emadolobheni amakhulu ayisishiyagalombili aseNingizimu Afrika. 

Ukuphela kwe-Agoa yithuba lokuqala kabusha eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso 

UKUPHELA kwesivumelwano sokuhwebelana ebesivuna amazwe athile e-Afrika uma ehweba neMelika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa) ekupheleni kwenyanga edlule kuyizinkomba zokushintsha kwezinto phakathi kobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika.

Abenzi betiye basemakhaya baya embukisweni omkhulukazi phesheya

UHLOBO lwetiye lomdabu laseLimpopo likhangiswa phesheya lapho izinkampani zokudla nezeziphuzo zaseNingizimu Afrika zidlana imilala khona ngemikhiqizo yazo embukisweni i-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eseCologne, eJalimane. Lo mbukiso uqale mhlaka-4 kanti uphela kusasa.

Sidinga izinto ezizosisiza ngisho singasabhekene nenselelo yentela ebanjwa ezimpahleni, kuloba uBusi Mavuso

UMNOTHO womhlaba uyasimama uma izinto zicace kahle. Uma kungasenzeki amabhizinisi kufanele ashintshe indlela enza ngayo noma kuphele ngawo. 

Usizo lokuthi uhulumeni ubaxhasa kangakanani abampofu lukalwa yisimo sepolitiki nesomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

ZIBALULEKILE izikali zamazinga enhlupheko ezweni. Zibayizikali zenqubekelaphambili yezwe; ukuthi liyasimama noma cha. Futhi ziwusizo olukhulu kuhulumeni ekusunguleni izinhlelo zokuxhasa abantu abahluphekayo.

Kuhlwanyelwe imbewu yentuthuko nobambiswano kwi-reSURGEnce Durban 2025 

OSOMABHIZINISI abebekwi-reSURGEnce Conference Durban 2025 ephothulwe ngoLwesibili e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali bazibophezele ukuqinisa ukusebenzisana ukuletha uguquko ebantwini. 

Kuphele amahlathi okucasha esikhwameni sempesheni ebesigweva nemali yesisebenzi esashona

ISIKHWAMA sempesheni semboni yezinsimbi  iMetal Industries Provident Fund siyayelelwe yiphini lomXazululi wezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop ukuthi sikhokhele umndeni wesisebenzi esashona imali yaso yempesheni efanele. 

Ziyethembisa izingxoxo ngezohwebo neMelika kodwa asikwazi ukulinda izixazululo zangaphandle, kuloba uBusi Mavuso 

IMIZAMO yokulungisa ubudlelwano bethu bokuhwebelana neMelika iqinile njengoba ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau evakashele khona ngesonto elidlule futhi kunamalungiselelo okuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa aye khona kuleli sonto. 

UMasipala waseThekwini usayine isivumelwano sokunciphisa umonakalo esizindeni somnotho esiseningizimu

UMKHANDLU kaMasipala waseThekwini weseka imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbhele ngesivumelwano sokusebenzisana neTransnet ukulungisa umhubhe oseningizimu yedolobha, okuzohlomula ngaso isizinda sezimboni esiseningizimu.

Imboni yokugembula eNingizimu Afrika ikhula ngesivinini, nokho kuletha usizi kweminye imindeni, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUKHULA kwemboni yokugembula kukhomba ukwanda kobunzima obuthwelwe ngabantu baseNingizimu Afrika njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe. 

Umbiko weB20 uqhubeka nokubukela phansi abamnyama – iBlack Business Council

INHLANGANO emele osomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) isinxuse uhulumeni ukuthi ungawamukeli umbiko weB20 ohlanganiswe yiBain neMcKinsey, izinkampani ezimbili ethi zibandakanyeka ekugwamandeni amandla ombuso okucekele phansi umnotho wezwe nezinye izinhlaka zikahulumeni.  

Umfana waselokishini wenza izimpahla ze-denim ezikhanga ngisho osaziwayo

UCWANINGO olukhombisa ukuthi iningi labantu besifazane base-Afrika banenselelo yokutholi usayizi wama-jean abalingana kahle lwenza ukuthi insizwa yaseTsakane, e-East Rand, eGauteng, ibone ithuba lokuqala ibhizinisi lokuthunga afanele imizimba yabo.

Usimeme umnotho wezwe ngekota yesibili – iStatistics SA

UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhuphuke ngo-0.8% ngekota yesibili yango-2025. Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo ziveze ukuthi izimboni ezibe nesandla esikhulu kulokhu ngezokukhiqiza, izimayini nezohwebo kanti nabathengi balekelelile njengoba inyukile kancane indlela abathenge ngayo. 

Lusukile ushikishi ngeDurban Fashion Fair yangalo nyaka

ASEQALILE ukudayisa ngokusemthethweni amathikithi ombukiso wemfashini waminyaka yonke owenziwa wuMasipala waseThekwini iDurban Fashion Fair (iDFF), okuzobe kungunyaka wesi-14 wenzeka kulo nyaka. Uzoqala ngomhlaka -17 kuya kumhlaka-19 wale nyanga eDurban Exhibition Centre.

Isimo sezulu ngenye yezingozi ezinkulu emnothweni waseNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu okuhambisana nokwanda kwezikhukhula noma isomiso kuzokwenza amabhange aseNingizimu Afrika angabimagange ukubolekela izinkampani ezithathwa ngokuthi ukusebenza kwazo kusengcupheni ngenxa yalezi zinguquko.

Olima ngezindlela zesimanje uqhuba igama lomndeni kwezolimo

UMA kukhulunywa ngezolimo eNingizimu Afrika, kwesinye isikhathi kunabantu abafafaza inkoleloze yokuthi abantu abamnyama baqale ukubanentshisekelo yale mboni ngesikhathi okuqalwe ngaso uhlelo lokubabuyisela umhlaba ababephucwe wona ngesikhathi sobandlululo, okungelona iqiniso.  

OwaseNtshonalanga Kapa uhlabane ngoR200 000 kwi-Kasi SME Summit 

IBHIZINISI lokuthutha izimpahla ngamabhayisikili KwaLanga, eNtsholanga Kapa, iCloudy Deliveries liwine umklomelo owuR200 000 obuyingxenye kaR500 000 obubangwa wosomabhizinisi kwiKasi SME Summit yalo nyaka. 

Ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi ufuna kubuye amandla abahloli abagada ukuxhaphaza izisebenzi ngemali yempesheni

EMVA kokubona ukuthi baningi abaqashi abangayifaki imali yezisebenzi zabo ezikhwameni zempesheni ezifanele yize beyidonsa emholweni yabo, ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi uthi ufuna ukushintsha umthetho wezisebenzi ukuze abahloli bakwazi ukuphoqa abaqashi ukukhokha le mali.

I-Sassa izoqinisa ibhawodi ukuze izibonelelo zikahulumeni ziholwe ngabafanele

ZIYAQINA izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imali kahulumeni iya kubantu abaswele ngempela njengoba inhlangano ekhokha izibonelelo iSouth African Social Security Agency (iSassa) imemezele ukuthi bazogingqa izithupha, bathathe nezithombe abahlomuli ekuqaleni kwangoSepthemba. 

Ukudlanga kobugebengu kunqinda ukukhula komnotho eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMINININGWANE ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto ngesimo sezokuphepha ezweni ikhomba ukuthi siyanda isibalo sabantu abazizwa bengaphephile ezindaweni abahlala kuzo, ikakhulu uma sekuhlwile.

Isinyathelo sikangqongqoshe wezokuThutha singenza kutshalwe uR100 billion ezitimeleni, kuloba uBusi Mavuso 

KUNESINQUMO esibalulekile esithathwe ngesonto elidlule esizobanesandla ekukhuliseni nasekuqiniseni ezokuncintisana embonini yokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika.

Isikhulu sesikhungo sempesheni yezisebenzi zikahulumeni simisiwe kusaphenywa

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana umise emsebenzini isikhulu esiphezulu sesikhungo esengameli impesheni yezisebenzi zikahulumeni iGovernment Pensions Administration Agency (iGPAA). 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page