Uhulumeni wobumbano uyafathuza ngomnotho – izingqapheli
WUBONISWA MOHALE
SEKUPHELE unyaka iNingizimu Afrika ibuswa wuhulumeni wobumbano kodwa izinkinga zokungakhuli kahle komnotho, ukubhidlika kwengqalasizinda nokungabikho kwemisebenzi zisaqhubeka.
Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthe kulo nyaka umnotho uzokhula ngo-1,1%, kuthi ngonyaka ozayo ukhule ngo-1,7%. Lezi zibalo ngeke zilethe uguquko oluhambisana nokudaleka kwemisebenzi noma zikhulise umnotho.
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe emva kokhetho lwangonyaka odlule kwabanegidigidi ngoba alikho iqembu elathola amavoti okuphatha lodwa. Uthi ukusungulwa kukahulumeni wobumbano onamaqembu ahlukene kwakubukeka sengathi kuyinto ezosiza iNingizimu Afrika kodwa ngebhadi akukho okutheni okushintshile.
“Ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi izwe lizophathwa wuhulumeni wobumbani irandi lalenza kahle kodwa ngebhadi awukho umehluko esiwubonile. Umnotho awukhuli kahle kanti izibalo zeStatistics South Africa zikhombisa ukuthi bawu-12.7 million abantu abangasebenzi ezweni lethu. Ngebhadi akukho okuzoshintsha ngoba uhulumeni ugcina ngokukhuluma, awuzenzi izinto ezizoyisa izwe phambili,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/akube-yisifundo-kuhulumeni-wobumbano-ukuhlehlisa-isabelomali-izingqapheli/
Uthe uhulumeni wobumbano awunalo uhlelo olucacile lokukhulisa umnotho, yize kwakuthiwe kuzobekulungiswa ingqalasizinda yonke indawo.
“Okwamanje angisiboni isimo sishintsha ngoba sibona isimo komasipala singaguquki, kunaloko izinto zimbi kakhulu kunakuqala. Sibona omasipala behluleka wukuletha izidingo, ingqalasizinda iyabhidlika, azikho izigidi zemisebenzi ezazithenjiswe abantu. Awusebenzi uhulumeni wobumbano, mhlawumbe i-ANC kufanele ishintshe amaqhinga ayo okukhulisa umnotho ukuze sizobona umehluko wangempela emnothweni,” kusho uGqubule.
Isazi somnotho saseNorth West University uSolwazi u-Andre Duvenhage sithi uhulumeni wobumbano awusebenzi ngoba abantu abakuwona abanandaba nezidingo zezwe kodwa bawogombela kwesabo.
“Ayikho into esishintshile eNingizimu Afrika ngoba sekuphethe uhulumeni wobumbano. Kunaloko sibona amaqembu ezama ukukhombisa ukuthi asebenza ukudlula elinye. Abanga izinto ezingathi shu, alikho elisitshela ukuthi zihamba kanjani izinhlelo zokuvuselela nokwakha ingqalasizinda. Amaqembu emigulukudu amisa umsebenzi asaqhubeka nokuphazamisa osomabhizinisi bangempela. Kubulawa izisebenzi zikahulumeni ezilwa nenkohlakalo. Bese kubanenkinga kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump ovele anyuse intela kungalindele muntu. Nayo le nkinga inezezela ezinkingeni zethu esinazo,” kusho yena.
UDuvenage uthe nakuba uhulumeni wobumbano ungasebenzi kodwa ngeke aphakamise ukuthi uhlakazwe, kunaloko angathi abantu abakuwona abaye emazingeni aphansi, bahlole njalo izinhlelo zokulungisa nokuvuselela ingqalasizinda, bashaye imithetho ezogqugquzela osozimboni ukuthi batshale imali emnothweni ngoba uma bengakwenzi loko izinto zizobheda kakhulu.
Inhloko yophiko lomnotho e-University of Pretoria uSolwazi Nicoal Viegi ithe ohulumeni bobumbano bahlale benezinselelo emhlabeni jikelele kodwa eNingizimu Afrika kubuye kubenabantu abafuna ukugqama ukudlula abanye, bakholwe yizidingo zezwe.
“Ukuze uhulumeni wobumbano wenze umehluko kufanele ufeze izithembiso ze-Operation Vulindlela njengoba uqale e-Eskom. Sifuna ukubona umsebenzi omuhle owenzeka kule nkampani kahulumeni siwubone nakwezinye. Sifuna ukubona nomasipala behambisa izidingo ngoba phela yibona abamosa imali,” kusho yena.
Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions uthe uhulumeni wobumbano awunamaqhinga okukhulisa umnotho.Ikhale ngokuthi baningi kakhulu abantu abangasebenzi njengoba bewu-12.7m futhi u-80% wabo usuhlale emakhaya isikhathi esingaphezu konyaka. Ithi amaqembu agcwele ongxiwankulu abambisene ne-ANC ukuphatha izwe ayahlukela wukuyalela osozimboni abahleli noR1.7 trillion ukuthi batshale imali emnothweni wezwe.

