Wenzenjani uma ulungiselela inhlolokhono yomuntu ozomqasha, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele uzithathe uma wenza inhlolokhono yomuntu noma abantu ofisa ukubaqasha enkampanini yakho.
Kula masonto amabili ngiqeqesha izimenenja nezinduna ezisebenza kwenye yezinkampani ezakha izimoto eThekwini, KwaZulu-Natali.
Ibone kubalulekile ukuphucula amakhono ezisebenzi zayo ukuze iqashe izisebenzi ezisezingeni eliphezulu. Kudala ezinye izinkampani zaziqasha ngokubuka amandla ensizwa, hhayi ubuhlakani bomuntu, kodwa manje sekubhekwa kakhulu ukuthi yibuphi ubuchule umuntu ozoqashwa anabo nokuthi amava namakhono anjani.
Ngaphambi kokuqasha umuntu kubalulekile ukuthi kube nesidingo saleso sikhala kuqala. Loku kuye kuvele uma isikhula, sekudingeka amakhono amasha azoyisiza inkampani ikhule. Abantu abasebenza kwandabazabantu ezinkampanini yibona abasebenzisana nomnyango osuke unesikhala ukwenza uhlaka oluchaza kabanzi ngokuthi yini elindeleke kulowo muntu ozoqashwa, phecelezi i-job description.
Loku kwenza kube lula ukuthi inkampani ithole umuntu ofanele ongangena kuleso sikhala esisuke sivulekile. I-job description ibalula nokuthi inqubomgomo nombono wenkampani uthini. Uma-ke yonke le mininingwane isiqoqiwe ibe isishicilelwa njengesikhangiso sokuheha uhlobo oluthile lwabantu.
Naku okunye okumele ukuqaphele uma kwenziwa i-job description kumele kuvele obala ukuthi lolo hlobo lomsebenzi liwuhlobo lwesikhala esizosetshenziselwa ukuqhuba uhlelo lokuletha uguquko enkampanini nasemnothweni, i-affirmative action ne-employment equity. Ukubalula loku kwenza ukuthi lowo ofaka isicelo sokuqashwa afake lesisicelo azi kahle ukuthi kufuneka abantu abamnyama.
Siyazi-ke ukuthi uma kukhulunywa ngokuqashwa ngokobulungisa kuye kubhekelelwe abantu abamnyama, okubalwa kubona abomdabu, amaNdiya, amaKhaladi namaShayina. Bonke laba baziwa njengababecindezelwe ngesikhathi sobandlululo, yingakho uhulumeni nomthetho wokuqashwa ngobulungiswa ubabhekelela.
Uma kuzoqashwa ngobulungisa ngeke-ke ukwazi ukucwasa ngaloku okulandelayo: ibala, ubulili, ukuthi umuntu ushadile noma cha, inkolo, ubuzwe nezinkolelo zomuntu.
Lezi ngezinye izinto ezimbalwa ongeke wakwazi ukucwasa ngazo uma uzoqasha enkampanini. Uma-ke konke loku sekubhekiwe, kufanele kube khona ithimba elizokwenza inhlolokhono ukweza isiqiniseko sokuthi kuqashwa umuntu ofanele.
Leli thimba kufanele libe mqondo munye, lihlangane ngaphambi kokuthi kube nenhlolokhono lidingide yonke imibuzo elizoyibuza labo abasuke beza kwinhlolokhono.
Negumbi okwenziwa kulona inhlolokhono kufanele kube igumbi elinokuthula nelihlanzekile ukuze kuthi abeze kwinhlolokhono bazizwe benethezekile ngaphakathi.
Uma-ke usuku selufikile kubalulekile ukuthi abazohlolwa baziswe ukuthi inhlolokhono izoma kanjani. Isikhathi esiningi kuye kube yimibuzo emayelana ne-CV yalowo muntu, kubuzwe izinto vele azibhalile.
Kokunye kusetshenziswe izibonelo, noma imizekelo, mhlawumbe lo ozohlolwa ake wabhekana nazo emisebenzini aphuma kuyona. Loku kwenziwa ukuthi kubonakale ubuchule balowo muntu ekusombululeni izinkinga ezithinta umsebenzi.
Kunendlela eke isetshenziswe uma kubuzwa lolu hlobo lwemibuzo yenhlolokhono. Kuye kufanele wenze isiqiniseko sokuthi ngendlela ebizwa ngeSTAR ngokufinqiwe.
Lapha uS umele u-situation, uT umele u-task, u-A umele u-action kuthi uR umele u-results. Le ndlela iyona ekwazi ukuvumbulula izinto eziningi uma kwenziwa inhlolokhono ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi kutholakala umuntu ofanele.
Ngemva kwayo kungabe sekubuzwa imibuzo elula emayelana nempilo yomuntu nokuthi yini ayithandayo ngale komsebenzi.
Okokugcina, kumele ithimba elenza inhlolokhono linikeze lowo osuke ebiziwe ithuba lokubuza imibuzo mayelana nesikhala noma nenkampani.
Ukwenza inhlolokhono ngale ndlela kwenza ukuthi inkampani ithole izingcweti ezisezingeni eliphezulu.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela