Asingawudedeli umgqigqo wokubuyisa ithemba kosomabhizinisi abalahlekelwe ngenxa yezibhelu, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa wenze kahle ngokucacisa ukuthi ukugomela (iCOVID-19) kubalulekile. Mancane amathuba okuthi abantu abagomile baphathwe yilesi sifo. Lena yiyona ndlela yokubuyisela umnotho ekutheni usebenze ngokupheleleyo nokuthi sithole inkululeko yokuphindela empilweni ejwayelekile.
Indima esikhathuliwe kuze kube manje yenze kwakwazi ukuthi kuxegiswe imithetho yokuvalwa kwezwe. Kumqoka kithina sonke ukuthi sibuyisele zonke izinhlaka zomnotho endaweni efanele.
Ngijabulile ukuthi umengameli umemezele ukuthi kuzokwethulwa imvume yokuhamba ezonikwa umuntu ogomile. Yebo kusafanele sibone ukuthi loku yinto ezosebenza kanjani nokuthi yinini lapho kufanele isetshenziswe khona. Kodwa ukuba nendlela elula yokuqinisekisa ukuthi umuntu ugomile kuzobaluleka.
Ubengenezezela ngokuthi abuyisele utshwala ekutheni kudayiswe ngendlela ejwayelekile nokuthi aqede “umthetho wewashi”. Kepha siyasondela ekutheni izinto zibuyele kokwejwayelekile.
Ngesonto eledlule sikhunjuziwe ngomsebenzi osihlalele kuphuma izibalo zokuqala ezitshengise ukuthi umonakalo wodlame nezibhelu ezenzeka ezinyangeni ezimbili ezedlule wadala umonakalo ongakanani emnothweni. I-Stats SA ithe ukukhiqizwa kwempahla kwehle ngo-4% ngoJulayi uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Khumbula ukuthi ngonyaka odlule izwe lalivaliwe. Ukuthi-ke sikhiqize okungaphansi ngisho kwaloko kuyakhathaza.
NgoJuni ukukhiqiza impahla bekunyuke ngo-12% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule kanti uJulayi ubungaphansi kuJuni ngo-8%. Kuphume nezibalo ezitshengisa ithemba losomabhizinisi ezikhombise ukwehla ngekota yesithathu uma kuqhathaniswa nekota yesibili. Loku akuvezi nje kuphela amafemu athinteka ngqo ngenxa yokucekela phansi impahla kodwa futhi kuveza nomphumela omubi kwezinye izinto ezithintekayo njengoba abakhiqizayo babengakwazi ukufinyelelisa izimpahla emakhasimendeni abo, kwazise namachweba nezinye izindlela zokuthutha zazivaliwe.
Kwathi nje uma ludlula udlame, kwaba nemiyalezo emihle eqhamuka kuhulumeni nosomabhizinisi. UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan wakhuluma enoNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uMnu u-Ebrahim Patel nosewuNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uNkk Mmamoloko Kubayi beseceleni komgwaqo uN3 ngenkathi kuvulwa ukugqugquzela ukuvuselela umnotho.
Kwakuwuphawu oluhle lolo. Uhulumeni usememezele izindlela eziningi zokweseka abathintekile okufakwa noR3.75 billion esikhwameni somshwalense wabangasebenzi i-Unemployment Insurance Fund. Kwenziwe nomsebenzi omuhle ukuqinisekisa ukuthi izinkampani ebezinomshwalense ziyakwazi ukufaka izicelo zokunxeshezelwa kwiSasria, inkampani yomshwalense kahulumeni ebhekelela izibhelu. Isithembise ukuthi izosheshe ikhokhe.
Loku kuzobasiza abakhahlamezekile. Nokho inkinga wukuthi lonke lolu sizo lulodwa alushintshi amathuba okukhula abhekene nosomabhizinisi okufanele banqume ukuthi bazophinde bafake imali yabo engozini ukwakha kabusha.
Osomabhizinisi abazokhokhelwa kumele banqume ukuthi bazothatha leyo mali baqale phansi bakhe kabusha. Ukwenza loko kumele babenethemba ngekusasa.
Ukwakha kabusha yisinqumo sokutshala imali, kumele kube nethemba ngomvuzo ozotholakala. Osomabhizinisi banganquma ukuthatha imali bayisebenzisele enye into, okungasho nokuyokwakha kwenye indawo emhlabeni noma bakhokhele abanezabelo enkampanini, esikhundleni sokuyibeka engozini futhi.
Kunamabhizinisi, amancane namakhulu okungawalapha ezweni nawakwamanye amazwe, okumele athathe lezo zinqumo. Kithina sonke esidinga kukhule umnotho waseNingizimu Afrika siyathemba bazokhetha ukutshala kabusha. Iyona ndlela ezovikela imisebenzi, kwakhiwe imali yentela nendlela yokudayisa izimpahla, nokuyizona zinto ezidingwa wumnotho ukuze uqhubeke. Lena yiyona nto bobabili osomabhizinisi nosopolitiki okumele bagxile ekuyesekeni.
Sinethuba lokuvuselela lelo themba. Kwathi nje uma zidlula izibhelu kwakhona imiyalezo emqoka eqhamuka kosopolitiki. Izinhlangano zosomabhizinisi zasukuma ukweseka ezobunhloli nokuhlola ukuthi yini ezodingeka ukuvuselela nokwakha kabusha. Sikulungele namanje ukweseka uhulumeni ngezindlela eziningi kodwa umgqigqo awusafani.
Ziningi izinto eziphazamisayo; ubhubhane, manje ukhetho nezinye izinto. Nokho yiso lesi isikhathi. Uma siphuthelwa yileli thuba lokwenza izinkampani ezithintekile zithole ithemba, umonakalo wangoJulayi uzoqhubeka kanti kuyosho nokuthi kunengxenye yomnotho wethu esisiphunyuke unomphelo. Sidinga ukweseka amabhizinisi ukuthi akhe kabusha kodwa nangemiyalezo eqhamuka kosopolitiki ekhombisa ukuthi okwenzeka ngeke kuphinde kwenzeke nokuthi uhulumeni ufisa ukubabona bakha kabusha futhi uzokwenza noma ngabe yini ukuthi basebenze endaweni lapho amabhizinisi abo engasimama khona.
Ngikulungele ukusebenza nohulumeni ukweseka imizamo yokubuyisa ithemba. Siyazi yini edingakayo.
Akuxoxiswane nabanikazi bamabhizinisi, kuzwakale okubakhathazayo ngekusasa futhi batshengiswe ukuthi isimo sizoba ngcono kanjani kubona namabhizinisi abo ngomuso.
Iningi labaholi bamabhizinisi liyafuna ukwakha kabusha, liwakhathalele amabhizinisi abo kanjalo nabantu ababaqashile. Kepha abakwazi ukukwenza uma bengazi ukuthi uhulumeni nezwe lonke bayabaseka.
Kumele bazi ukuthi lezi zibhelu abazibona yinto sonke esingahambisani nayo futhi esingafisi ukuphinde siyibone yenzeka. Asigxileni kuloko, isikhathi sokwenza njalo yimanje.
Imiphumela yonyaka wezimali we-Eskom ayikwazi ukwehlisa ixhala kubatshalimali abadinga ukucaciselwa ngekusasa lezimali lale nkampani. Ngaphezu kwaloko, ayikho indlela yokuthi sisimame uma singabhekani nokushoda kukagesi odingwa wumnotho. Iyona kuphela leyo indlela okungasilungela ngayo njengezwe.
Umnotho weNingizimu Afrika usaloku ungaphansi kowawuyikona ngaphambi kokuhlasela kobhubhane kanti kunenkinga enkulu yezinga eliphezulu labantu abangasebenzi. Noma ngabe yini uhulumeni angayethula ukulekelela ukukhulisa umnotho kumele ayenze masinyane.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa