Qala kabusha ngo-2021; ushintshe unyawo oshaya ngalo, kuloba uNtokozo Biyela

SAWUBONA, halala mfundi wale ngosi ngokweqela ku-2021. Nokuba ufunda le ngosi yokuqala ka-2021, kusho kona ukuthi uNkulunkulu usakuthandile nanamhlanje; wakupha isipho sempilo. Ngaloko kufanele sonke simbonge ngomusa ongaka. Ngiyathemba ukuthi usazoba nathi, asiphe umusa osanele sonke ukuze nami ngiqhubeke nokuphakela isizwe nabantu baKhe ukudla kwengqondo, nani nikhongozele nincele kogwansile.

Namhlanje ngithanda siqale lo nyaka ngokubheka isimo sokuguqula ingqondo. Siyazi sonke ukuthi unyaka odlule usishiye simidwayidwa kanjani. Ukube sivela emphakathini simbethe zonke izibazi u-2020 osishiye nazo, kungabaleka abantu. Kodwa-ke phezu kwemihuzuko esiyitholile, sibonga ukuthi imiqondo yethu isasebenza ngendlela efanele.

Kuningi okusilimaze umqondo ngo-2020, maningi amabhizinisi awile futhi baningi abaphelelwe yimisebenzi. Baningi abahlukumezeke ngezindlela eziningi. Loko kusho ukuthi njengoba sesingenile ku-2021, itshe seligaya ngomunye umhlathi, akusezukuba yinhlalayenza. Ngiyazi abaningi basalindele ukuthi izinto zisazobuyela esimweni esejwayelekile, kanti cha ngeke kusaba njalo. Lapha esesikhona nangendlela esenza izinto ngayo manje, yiyona ndlela entsha esesiphila ngayo; akukho okunye.

Loku kusho ukuthini-ke kuwena mfundi wale ngosi osebhizinisini? Kusho ukuthi nawe kumele uzincenge noma uziphoqe ukuthi ushintshe indlela ocabanga ngayo nendlela owenza ngayo. Kuthiwa ingqondo ekhululekile ibona amathuba kuyona yonke indawo nakuzona zonke izinto kodwa ingqondo evalekile ithola amaphutha ngayo yonke into, yonke indawo.

Ngabe wena-ke uwumuphi phakathi kwalezi ezimbili? Uzimisele ukubona amathuba noma ukugxeka ngo-2021? Uma uwumuntu ozimisele ukugxeka noma yini, kungathi kuzomele ushintshe sithothobala. Asisekho isikhathi sokugxeka nokubona amaphutha empilweni manje. Sisesikhathini lapho wonke umuntu kufanele avukuze ingqondo azibuze ukuthi yini engcono engingayenza ukwenza umehluko empilweni yami nasempilweni yabanye abantu?

Unyaka odlule ushintshe isikompilo nendlela esenza izinto ngayo. Loku kusho ukuthini na kuwena somabhizinisi? Kusho ukuthi njengoba indlela yokwenza ibhizinisi isiguqukile, kusobala nokuthi indlela abathengi abathenga ngayo nayo isishintshile.

Abathengi sebebheka izinto eziningi ngaphambi kokusebenzisa imali yabo emikhiqizweni yamabhizinisi. Akusafani nakuqala, sebebheka isenti nesenti abalisebenzisayo ukuthi balisebenziselani, balisebenzisa kuphi, balisebenzisa nini.

Loku siqale ukukubona ngoKhisimuzi osanda kudlula. Ubungenalo neze idumela nesasasa kanti kucacile ukuthi abantu sebeqalile ukugodla imali yabo.

Kusho ukuthini-ke loko? Uma abantu noma abathengi bengayisebenzisi imali yabo ngokukhululeka, loko kusho ngokusobala ukuthi umnotho wezwe awuhambi kahle neze. Futhi kuyizinkomba zokuthi amandla okuthenga ayancipha. Uma amandla okuthenga encipha, loko kunomthelela omkhulu enzuzweni amabhizinisi azoyenza nasendleleni osomabhizinisi abazohambisa ngayo emabhizinisini abo.

Ngiyafisa ukukunikeza ithemba, ngithi konke kusazohamba kahle kodwa izinkomba zomnotho nendlela izinto ezenzeka ngayo ziyala ukuthi ngisho njalo. Isimo sisazoba manzozo, kusazoxabana ubendle impela.

Yingakho ngikuxwayisa nje ukuthi kuzoba kuhle ukuthi sizibambe ziqine. Lo nyaka ngeke ube ngcono kuno-2020, buningi ubunzima kwezomnotho esisazodlula kubona. Ukuvalwa kwezinkampani nokulahlekelwa wumsebenzi kwabantu abaningi kuzoba nomphumela omubi ekudliweni kwemizi nezimoto zabantu ngamabhange. Baningi futhi abantu abasazoba nokhwantalala. Yingakho-ke ngithi nje angiqale ngalesi sixwayiso esithi: qala kabusha u-2021.

Uma sonke singazimisela ukuguqula imiqondo yethu ukuthi ngisho nasezimweni ezimbi sibone ubuhle, siyokwazi ukuvikela izifo zengqondo esezidlangile, ikakhulukazi kithina bantu abamnyama. Masibuke amathuba u-2021 ongawaveza ukuze sikwazi ukuhlomula kuwona.

Uma kumele sishintshe ngisho amabhizinisi esiwenzayo ukuze sikwazi ukwenza inzuzo, asenze njalo ngoba akusizi ukubambelela ezintweni ezingasasisebenzeli ngenxa yokuthi asikwazi ukwehlukana nazo ngoba zaqalwa yithina. Cha asivumele ukuguqula imiqondo yethu kube yikona okuhamba phambili.

  • UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi enkampanini yakhe iMindset Shift.

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page