Sisho ukuthini isinqumo seNkantolo yokuDlulisa amaCala ngokukhishwa kwamathenda?, kuloba uNtokozo Biyela

ININGIZIMU Afrika isuka kude nokulwa nokubandlululwa kwabantu abamnyama kwezomnotho. Uma futhi ubheka kusekude phambili uma izinto zenzeka ngalolu hlobo. Ngesonto eledlule iNkantolo yokuDlulisa amaCala ikhiphe isinqumo sokuthi umthetho ovuna osomabhizinisi abamnyama, iPreferential Procurement Policy Framework Act uma kucutshungulwa umsebenzi wamathenda akhishwa wuhulumeni awuhambisani noMthethosisekelo wezwe, ngakho kufanele ubuyekezwe.

Inkantolo ibalule nokuthi owayewuNgqongqoshe wezeziMali ngaleso sikhathi kuphasiswa lo mthetho wagagamela, kwakungafanele abe neqhaza ekuthathweni kwawo.

Lesi sinqumo senkantolo senyuse amaphaphu ebantwini abaningi; nami uqobo sithe ukungethusa. Ngivele ngabona yonke imizamo kahulumeni wentando yabantu ekuzameni ukuletha ubulungiswa kwezomnotho ishabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga.

Ikhomishana ikuveze kwacaca ukuthi empeleni lesi sinqumo senkantolo asiguquli lutho emigomweni ebekelwe iBroad-based Black Economic Empowerment (iBBBEE). Ithe lesi sinqumo sinika zonke izinhlaka neminyango kahulumeni ithuba lokulungisa imigomo elawula ukukhishwa kwemisebenzi kahulumeni. Le migomo itholakala Kwi-Code of Good Practice esigatshaneni 9(6) seBBBEE Act.

Kafushane isinqumo sithi akulungile ukuthi amabhizinisi achithwe nje engakafaki nakufaka izicelo zemisebenzi yamathenda ngenxa yokuthi awanayo ingxenye ewu-51% ephethwe ngabantu abamnyama. Bathi loku akulungile neze. NgokoMthethosisekelo wonke umuntu waseNingizimu Afrika unelungelo lonke lokuzama noma yimuphi umsebenzi kahulumeni bese kuba yimigomo nemibandela ebekelwe amaphuzu athile ngokwemigomo yokukhishwa kwemisebenzi elawula ukuthi leyo nkampani ikulungele yini noma cha ukuthola lowo msebenzi kuhulumeni. Leli cala belifakwe yinkampani kaMnu uPiet Le Roux, iSakeliga.

INkantolo yokuDlulisa amaCala inikeze uhulumeni unyaka ukuthi ulungise le ngxenyana yomthetho olawula ukukhishwa kwamathenda. Athe ukwehla-ke amaphaphu uma sengilandelela lolu daba nencazelo yalo.

Obesekuduma kakhulu ekhanda lami bese kuwukuthi kodwa koze kube nini thina bantu abamnyama silwa le mpi yokucwaswa kwezomnotho noma sekukhona imithetho ezama ukwenza ubulungiswa kwezomnotho ebantwini abamnyama kuba nhlanga zimuka nomoya?

Kubaluleke kakhulu ukuthi abantu abamnyama bahlomule kwezomnotho wezwe. Sesiside lesi sikhathi siyizibukeli sibuka abezizwe bedlala enkundleni kodwa thina sishaya ihlombe. Sesifikile isikhathi sokuthi nabo abezizwe bashenxe basinike ithuba singabantu abamnyama ukuthi singene ensimini sike sidlale nathi.

Iyodwa vo indlela yokuthi nathi sisheshe sifike kuleli zinga abazithola sebekulona – wukushaya imithetho eyenzelelayo ebantwini abamnyama.

Kade sacindezelwa singabantu abamnyama ngaphansi kwesandla sensimbi yobandlululo. Loku kubukeke kuzoba nomthelela omubi kakhulu emabhizinisini abantu abamnyama, okuyiwona athembele kakhulu emisebenzini ekhishwa wuhulumeni.

Ngibona kusekuningi okumele kwenziwe wuhulumeni ukufukula abantu abamnyama. Ngaphandle nje kwemigomo emihle ebhalwe phansi, kusafanele kube nentshisekelo yezepolitiki ukuthi lezi zinguquko kwezomnotho zenzeke ngesivinini esimangalisayo. Uma kungenjalo, sengathi lezi zinguquko ziyogcina ephepheni, siyozizwa ngendaba.

Kufanele nathi siwumphakathi omnyama silwele ilungelo lokufukuleka kwezomnotho. Loko kuqala ngokuthi sibe yingxenye yazo zonke izindlela zokuthuthukisa imiphakathi yethu uma kukhona okuzokwakhiwa njengenxanxathela yezitolo, sithole nengxenye yezitolo zokuhweba emiphakathini yethu; singabi nje izibukeli, kunabazisikela kwelinonile bedla amandla ethu.

Nezinkampani zongxiwankulu kufanele ziqonde ukuthi ukuze zihwebe kahle ezindaweni zabantu abamnyama kumele zelule isandla zamukele abanye bosomabhizinisi kule miphakathi abahweba kuyona.

Nathi-ke sisodwa singabantu abamnyama asiyeke ukumonelana sodwa nokucekelana phansi; sazi ukuthi impumelelo yethu kwezomnotho isezandleni zethu. Akekho uMesiya oyoqhamuka azosikhipha eGibhithe kanti futhi nalaba abaqhoqhobele umnotho ngeke bavume ukuphucwa iqatha emlonyeni.

  • UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page