Iyathembisa imizamo ebonakala kuMengameli nethimba lakhe, kuloba uBusi Mavuso

KUNCANE okungenziwa ukuvuselela umnotho ngaphandle kokuzwana okucacile phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni.
Ngesonto eledlule bengihambe nabanye abebemele osomabhizinisi ukuyohlangana noMengameli nabalingani ukubhunga ngokudingekayo ukubuyisela umnotho esimweni esifanele.
Kuyangithokozisa ukuthi sibona ngeso elifanayo ngokuthi yiziphi izinkinga esibhekene nazo. Kucacile ukuthi uMengameli ugxile ezintweni ezingqinda osomabhizinisi ukuthi batshale imali, okuyinqwaba yemithetho eyenza kubize ukuba nebhizinisi, nezinto esihlale sikhuluma ngazo ezidinga ukuguqulwa ukuze umnotho uhambe kahle.
Kukho konke, okubalulekile wukuthi izinto zenziwe. Ngiyabonga indlela uMengameli agxile ngayo ekutheni izinto kumele zenziwe njengezinto ezifana ne-Operation Vulindlela kodwa futhi ngiyadabuka ngezinselelo ezivimba ezinye izinto ezidinga ukuguqulwa njengamakhono akhona kuhulumeni nepolitiki, nayo evimbayo ngeyayo indlela.
Kulo mhlangano ngiphume nokuthi umnotho uzolungiseka ngokuthi kubanjiswane. UMengameli ubongile izinsizakusebenza izinhlangano zamabhizinisi eziseka ngazo uhulumeni lapho kudingeka khona isandla. Njengohlelo iTamdev olusebenzisa onjiniyela, ongoti bezezimali nama-project manager asethathe umhlalaphansi ukuvala izikhala kuhulumeni.
Nokho izinto eziningi eziyizingqinamba zidinga osomabhizinisi ukuthi babambe iqhaza endleleni umthetho nokusebenza kukahulumeni okuhamba ngayo.
Udaba lwe-spectrum ngenye yalezo zinto. Abalawuli abazimele njenge-Icasa, engibahlabile kule ngosi, ngokungacabangeli abantu abathembele kulobu buchwepheshe bezokuxhumana kunesizathu bengesiyo ingxenye kahulumeni. Yingakho abathintekayo, okukhona nosomabhizinisi, kumele bazikhulumele ngqo ne-Icasa.
Ukulawulwa kobhubhane (iCOVID-19) kubalulekile emnothweni. Uhlelo olusebenzayo lokugoma lubalulekile ukuze umnotho uvulwe ngokuphelele. Ngiyasamukela isinqumo sikahulumeni sangesonto eledlule sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala, nokuzokwenza izinto zibe lula ezimbonini zobumnandi nezokuvakasha.
Nokho ngikhathazekile ngokwehla kwezinga lokugoma. Ngicabanga ukuthi uhulumeni usenze umsebenzi oncomekayo ukuqala lolu hlelo futhi kunabantu abenele abalusebenzayo. Kodwa akubona bonke abantu baseNingizimu Afrika abakusukumele ukulisebenzisa ngokuthi bagome. Sengike ngasho ukuthi ukuphoqa abantu ukuthi bagome ngenye yezindlela okuzomele sizibheke ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu emsebenzini nokunyusa isibalo sabagomayo.
UMengameli ukhathazeke kufanele ngokushoda kwemisebenzi futhi uzinikele ekulweni nale nkinga ngohlelo i-Presidential Employment Initiative. UMengameli ugqugquzela uhulumeni wonke ukuthi ulwe nalokhu ngokuqinisa ezindaweni ezimqoka nezidingekayo ukufeza lokhu.
Osomabhizinisi yibona abaqashi abakhulu futhi baneqhaza elimqokayo okufanele balibambe ekulweni nenselelo yokuntuleka kwemisebenzi. Ukukhula kubalulekile kanti izinkampani ezikhulayo zizokwazi ukwandisa isibalo sabantu esibaqashayo. Nokho singazikhandla ngaphezu kwalokhu esikwenzayo ukunyusa amathuba emisebenzi.
Eminye yemithetho uMengameli okumele akhulule osomabhizinisi kuyona yilena eyenza kube likhuni ukuqasha abantu. Kuyadingeka nokuthi kube nomgomo wokuqashwa owenza kusheshe izinto ezimbonini ezithembele kakhulu ebantwini abaningi. I-Business Process Outsourcing iyisibonelo esihle semboni ekhulayo ngokuqasha abantu iminyaka eminingi manje.
Kuyakhombisa ukuthi yini engenzeka uma osomabhizinisi nohulumeni bebambisana ukusungula imigomo efanele neletha impumelelo ezimbonini ezimqoka.
Yebo, ushintsho lunzima. Abamabhizinisi bakwazi kahle kamhlophe lokho – yiyona ndlela enkulu yokuvivinya imenenja. Kulukhuni nakhona kwahulumeni. Ukubonisana noMengameli kuyasiza, hhayi nje ukuxoxa ngoshintsho esicabanga ukuthi kumele lwenzeke kodwa nokuthi siqonde ukuthi yini eyenza ukushintsha kube lukhuni. Lokho kwenza sithembane kodwa futhi kuvumela nabamabhizinisi ukuthi baqhamuke nezisombululo zokweseka uhulumeni.
Imizamo kaMengameli yesekwe nawuNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesonto eledlule ngesikhathi ethula inkulumo emqoka ngezinjongo zakhe. Zigxile kakhulu nasekulungiseni isimo ukuze kuzokhula umnotho. Lokhu kuwuphawu oluhle olukhombisa ukuthi uhulumeni ugxile ekwenzeni lokho okudingekayo ukukhulisa umnotho. Kunyusa ithemba losomabhizinisi nethemba lokuthi kuphephile ukutshala emnothweni.
Yebo, okumqoka yindlela uguquko oluzokwenziwa ngayo ngaphezu kwezinhlelo. Nokho siyayibonga imizamo futhi sibona impumelelo ezindaweni eziningi.
Ingcindezi yokunyuka kwamanani ezinto isho ukuthi akukho okutheni okungenziwa ngomgomo wokulawula lokhu. Lokho kusho ukuthi kumele sigxile emigomweni yokuphathwa kwemali ukuqinisekisa ukuthi umnotho wethu uyavuka kulo monakalo owenzeke ngonyaka odlule.
Umhlangano weCOP26 ozobhunga ngokuguquguquka kwesimo sezulu ozoba seGlasgow (eScotland) ngenyanga ezayo yithuba likaMengameli (uCyril) Ramaphosa lokuphakamisa igama leNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngokutshala emazweni anakekela imvelo.
Yithuba futhi lokuqala uhlelo lwengqalasizinda ayekade ekhuluma ngalo. Iminyaka emihlanu yokuqala yohlelo lokusebenzisa abaphehli bakagesi abazimele abangasebenzisi amalahle luhehe abatshalimali abafake uR194 billion lwakhiqiza ugesi owu-6 800MW.
- UNksz Mavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa