Asizijwayeze ubuchwepheshe empilweni yethu ngoba maningi amathuba obuwavulayo, kuloba uNtokozo Biyela

EMAVIKINI amabili adlule ngike ngaqeqesha izisebenzi zezinye izinkampani esisebenzisana nazo emikhakheni wezokuqeqesha nokulola amakhono kwezisebenzi emikhakheni eyehlukene.

Ngaphandle nje kokuthi ngiwumuntu obuthandayo ubuchwepheshe, lezi zinguquko esezifikile zingifice ngizilindele. Ngagcina ukusebenzisa i-laptop ngo-2012 emva kokuthengela i-tablet. Ngiye ngithi ngiphuma ngiqalaza yonke indawo lapho ngiya khona, ngibone iningi labantu basabambelele kuma-laptop abawasebenzisa emsebenzini eyehlukene abayenzayo.

Ngiye ngizibuze ukuthi yini lena eyenza abantu babambelele ekudleni ngoludala kangaka ubuchwepheshe bube bugijima ngesivinini esingaka. Kufana nabantu abasasebenzisa ama-desktop, ikhompyutha ehlala phezu kwedeski; lena ongeke ukwazi ukuyiyisa ndawo. Ngicabanga ukuthi abokuqala ukusebenzisa ama-laptop babexakeka nje ukuthi bangenwe yini laba bantu abasabambelele ekusebenziseni le mishini emidala kangaka kodwa ubuchwepheshe bugijima ngesivinini esingaka?

Uvo lwami luthi sesiphelile isikhathi sama-laptop; ngaphandle uma uwumuntu osebenza emkhakheni obizwa nge-creative industry, uhlala kakhulu edeskini. Lapho-ke ungayisebenzisa kodwa nje uma usebenza ehhovisi usebenzisa i-laptop ukuthola ama-email, ukwenza ama-spreadsheet, awusayidingi i-laptop. I-tablet ne-smartphone okuyisebenzisayo kwanele ukuthi ungenza noma yini noma kuphi.

Awudingi ukuqukula inguzunga yetshe le-laptop, ungaze uphuke iqolo. Faka leyo nto emgqonyeni, uthole i-tablet ene-touch screen noma i-smartphone. Zombili lezi zinto zilula futhi zenza konke okwenziwa ama-laptop.

Ngaphandle kokunhlanhlatha, nali iphuzu engifisa ukulibeka. Iningi lethu selizithola lisebenzela emakhaya. Noma lolu shintsho lungakajwayeleki kwabanye bethu, kodwa luza nezinguquko ezemukelekayo kithina esiqeqesha abantu.

Ayikho into emnandi njengokuzihlalela kwakho usebenzise ubuchwepheshe ukuxhumana nenqwaba yabantu abazihlalele emakhaya ubanikeze ulwazi emoyeni. Noma inkonyane isathuka isisinga kule ndlela entsha yokwenza izinto kodwa kuyajwayeleka, sifunda siya phambili.

Kithina esisemkhakheni wokuqeqesha le nto isho ukuthini na? Yehlisa izindleko zokusebenza ngoba isikhathi esiningi bekufanele sishayele amabanga amade siya ezindaweni okufanele siqeqeshe kuzona kodwa manje akusekho loko, songa isikhathi nophethiloli nemali yokudla nokulala. Loko kuya enzuzweni okufanele siyenze, kusiza namakhasimende ethu nawo ukuthi onge emalini okumele ngabe ayikhokha ukuqasha amahholo, ukulala kwezimenywa nokudla.

Ubuchwepheshe buletha izinguquko ezinhle kakhulu futhi ezenza impilo ibe lula. Kumele sizijwayeze bona ngoba sezimbalwa kabi izinto esingakwazi ukuzenza ngezingcingo zethu ngoba sithola uchungechunge lwama-app asisiza ezintweni eziningi. Uma uphethe i-smartphone esandleniuphet, he konke okudingayo. Uyakwazi ukusebenza noma ikuphi lapho ukhona, uyakwazi ukusebenzisa yona i-smartphone ukukhokhela noma yini ngisho ungaliphethe ikhadi lokukhokha, uyakwazi ngisho ukukhipha imali kwi-ATM ungenakhadi, uthenga ngisho izinto zilethwe emnyango wakho; qathatha wena ungazange unyakaze nakancane.

Iningi labantu selisebenzisa lobu buchwepheshe ukuvula amabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana. Iningi labantu selizivulele ama-YouTube channel, benze izinhlelo ezithandwa ngabantu.

Abanye abantu sebencamela ukubheka izinto eziningi kulama channel kunokubuka ithelevishini. Loku ngenxa yokuthi abantu sebefuna into ehlukile kunakubakujwayele. Iqiniso elimsulwa lithi ubuchwepheshe benza impilo ibe lula uma busetshenziswa ngendlela efanele.

Asingabuxwayi neze. Asizihluphe ngokubuqonda, sibufundisise; miningi iminyango ubuchwepheshe obuzoyivula. Noma bona bufika namathuba okulahleka kwemisebenzi, kuncane esingakwenza, sesifikile isikhathi soguquko. Asiyeke ukudla ngoludala, singabi omvakwezinye, siba yisukamuva ngoba sizokholwa yizagila.

Maningi amathuba amasha namahle alethwa yizingiquko zokusebenza. Asiguqule imiqondo singene ntshi kwezobuchwepheshe ukuze nathi sizoba yingxenye yomnotho womhlaba.

  • UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page