Lafa elihle kakhulu isizwe esimnyama sivukelana sodwa, kuloba uNtokozo Biyela

NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami igobhoza igazi ngezenzo zobelelesi nokulinyazwa kwempahla esizibone KwaZulu-Natali naseGauteng. Sesivaleleke ezindlini njengeziboshwa ezweni lobabamkhulu. Okubuhlungu kakhulu wukuthi umnotho waseNingizimu Afrika usuwile futhi kusazoba nobubha nokukhala nokugedla kwamazinyo okukhulu.

Okwamanje ngithanda ukugxila emonakalweni owenzeke emabhizinisi abantu abamnyama ngenxa yalezi zigigaba esizibona zenzeka zokutatshwa kwempahla, ikakhulukazi KwaZulu-Natali. Kube buhlungu ukubona amabhizinisi abantu abamnyama bonkana emalokishini nasemakhaya ecekelwa phansi, amanye aze ashiswa nokushiswa.

Umbuzo enginawo uthi njengoba singabantu abamnyama sishisa amabhizinisi okuyiwona awusizo emiphakathini yethu, yini esiyithembile? Sithembeni ngempela? Usilimaza kanjani isandla esikuphakelayo? Loku kufana ncamashi nokuthi udle imbewu kodwa usale nethemba lokuthi ngelinye ilanga uzovuna. Kanjani kube kuwuwena odle imbewu ekubeni wazi ukuthi iyona edingekyo ukuze uvune ngomuso?

Yile nto-ke esiyenzile emabizinisini ethu nasemiphakathini esiphila kuyona; sidle imbewu. Into ebuhlungu kakhulu wukuthi labo abangakaze baqale bhizinisi empilweni yabo noma badayise uswidi nje ukwenza inzuzo, abanalo ulwazi olugcwele lokuthi kuthatha isikhathi esingakanani ukwakha ibhizinisi kusukela phansi lize lisimame. 

Ukushabalala kwebhizinisi lakho okade ulikhulisa kusukela lilincane, lize lindlondlobale lisabalale ezindaweni eziningi kufana ncamashi nokukhulisa ingane yakho iminyaka uyifundise ebese iyafa usalindele lukhulu kuyona.

Kuyadabukisa futhi kubuhlungu. Ngibhala nje nginabangani abayishumi abashabalalelwe amabhizinisi abo ngosuku, konke kuvele kwaphelela emoyeni. Sonke isithukuthuku sabo seminyaka saphelela eboyeni okwesenja.

Abanye babo ngodokotela abathathelwe yonke into abanayo emagunjini abo. Kucekelwe phansi yonke impahla yabo namafayela eziguli. Cabanga nje imininingwane yakho ebiyimfihlo phakathi kwakho nodokotela wakho isisakazeke izwe lonke ngenxa yezelelesi ezingakwazi ukusebenzisa ingqondo zicabangele ingomuso. Uma usuntshontshe izinto endaweni kadokotela ekusizayo wena nomndeni wakho ucabanga ukuthi senizosizakala kuphi? 

Ubani manje ozokusiza kwawena uma usugula? Uyazi bekubuhlungu kanjani ukubona ama-video omonakalo owenzeke ezindaweni  zodokotela abakade besiza imiphakathi nezitolo ezisiza lowo mphakathi. Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi akekho ngisho noyedwa nje emphakathini othe “Wo, kahleni, musani ukucekela phansi indawo kadokotela ngoba siyayidinga futhi uwusizo emphakathini?”.

Abekho nje abantu abamile bamela ubuqotho? Loku kuyathusa ngoba kwenza sibukeke njengabantu abayizilwane ukuthi kahle hle kusho khona ukuthi singadla nezingane zethu noma sidayise ngazo kwabezizwe uma kudingeka ngoba asinandaba nalutho ngaphandle kwethu nezisu zethu. Lafa elihle kakhulu!

Kuyacaca futhi kahle hle asinabuholi sizihlalele. Kwenzeka kanjani ukuthi zonke izizinda ezingamabhizinisi zicekelwe phansi zonke, kuze kuyiwe lapho kugcinwa khona impahla ema-warehouse ubuholi bungangeneleli ukuvimba yonke le nyakanyaka?

Nayi-ke into abantu abangayiqondisisi; ukuthi njengoba sekwenzeke lesi senzo sokucekela phansi izindawo zokuthenga, zonke izitolo ebezifake imali yazo lapha eNingizimu Afrika, zizothutha zihambe. Ngeke ziphinde zitshale kule lizwe. Loko kusho ukulahleka kwemisebenzi eyizigidigidi ngaphezu kwalena esilahlekile ngenxa yeCOVID-19.

Kuzothatha ngaphezu kwezinyanga eziyisithupha ukuthi siphinde sibone ukudla ezitolo ngoba yonke imigudu yokuletha ukudla nezidingo zomphakathi icekelwe phansi ngezinsukwana nje. Kwabalahlekelwe yimali abayitshalile namabhizinisi abo ngithi kinina duduzekani ibuhlungu le nto eyenzekile. Ngiyathandaza ukuthi uNkulunkulu aninike amandla okuvuka nakhe kabusha.

Kosomathuba abacekele phansi amabhizinisi abantu nempilo yabantu, khumbulani ukuthi loko okwenza kwabanye nawe kuyokwenzeka nakuwe. 

Umhlaba nempilo unendlela yawo yokubhalansisa izinto. Loku enikwenzile bekungekona ukuphumelela kuloku ebenikufuna kodwa bekuwukubulala amaphupho abanye abantu abathatha iminyaka bewakha. 

Nkosi sikelela iNingizimu Afrika.  

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe, iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page