Asizile bese siyasukuma sakhe iNingizimu Afrika ezosinakekela sonke, kuloba uLebo Madiba

SEKUPHELE isikhathi esingaphezu konyaka manje siphila nobhubhane iCOVID-19 kanti leli sonto eliphelile selisilethele inkinga entsha – izibhelu ebezithe chithi saka. 

Ukukhala nokuzila kwethu ngenxa yokushiywa ngabangani, yimindeni nabalingani bethu abathathwe yilolu bhubhane sekunokukhalela nenqwaba eshonile ngenxa yezibhelu eziqale emasontweni amabili edlule. Usizi oseluyingxenye yempilo yethu yansuku zonke selulethe okusha – ukuthuka nokwesaba.

Akukona ukuzila okujwayelekile loku. Wukuzila okuhambisana nokwesaba nokungabi nasiqiniseko ngalutho. I-COVID-19 ayikhethi bala lamuntu futhi asazi ukuthi wubani olandelayo engamthatha kanti nemibiko ebilokhu iqhamuka uma kubhekwa abebesekhaleni lezibhelu ibingasizi.  

Besingakholwa sibuka ingqalasizinda esithembele kuyo nsuku zonke icekelwa phansi njengoba ukutatshwa kwempahla kungasho nje ukuthi umnotho uzodonsa kanzima kulezi zinyanga ezizayo kodwa usho nokushoda kokudla nemithi.  

Ibe khona inhlasi yethemba futhi iqhamuke lapho ibingalindelekile khona. Ososeshini bamatekisi kube yibona abasukumile bashaya phansi ngonyawo bavimba umonakalo ezinxanxatheleni zezitolo, emalokishini nasezitolo, nokugweme ukuqhubeka komonakalo nokufa kwabantu. 

Ezindaweni lapho sekuthule, umphakathi uqalile waphuma uzolekelela ukuqoqa izinsalela zomonakalo.  

Lezi zigameko ezenzeke kuvele kunobhubhane ziveze uqhekeko olukhona ezinhlakeni zethu zomphakathi nezomnotho. Nakuba sikuncoma ukuthi kancane kancane izinto sezibuyela kokwejwayelekile, siyaqonda ukuthi mkhulu umsebenzi osasihlalele.

Esikhathini esifana nalezi sithembela kubaholi bamabhizinisi nabomphakathi nokungakho ukushiywa yilabo ababambe iqhaza elikhulu emiphakathini yethu kuzwela kangaka.

Omunye walabo bantu abasanda kusishiya wumntomdala nobengusomabhizinisi uMnu uJabu Mabuza, othathwe yiCOVID-19. Ukushona kwakhe kugqama nakakhulu uma kubhekwa ukuthi abashayeli bamatekisi yibona abaphenduke amaqhawe abengalindelekile ngalesi sikhathi esinzima ezweni lethu.  

UBaba uJabu ubengomunye wabantu baseNingizimu Afrika abebekhethekile. Umsebenzi wakhe umthathe emarenki amatekisi waze wamfaka kwezinye zezinkampani ezinkulu ezweni. Mina engimhloniphela khona kakhulu wubuholi abutshengisa ngesikhathi impi yokulwa nokugwamanda umbuso idlangile.  

Ubeyindoda eqotho futhi ngibe nenhlanhla yokusebenza naye ngenkathi ewumengameli weBusiness Unity South Africa (iBUSA), ngaleso sikhathi sasisaqala nje ukuhlanganisa ukuthi kwenzakalani ngemizamo yokugwamanda umbuso. Nguyena owayehola osomabhizinisi kule mpi, engaphumuli ukusiza ukunqanda umonakalo.  

Njengoba eshilo noNksz uNicky Newton-King, owayeyisikhulu esiphezulu seJSE, uma imibiko yabezindaba ngaleso sikhathi yayicishe imiselane ngenhliziyo, yayiwubala uma kuqhathaniswa nezingxoxo uMabuza ayezibamba phakathi kosomabhizinisi nosopolitiki.

Ubeyindoda okulula ukuyihlonipha nokuyithanda, ikakhulukazi ngoba wayengazithathi njengomuntu ophezulu ukuthi angasebenza nezinkampani ezincane. Ngakho kwaba yinto enkulu kimi ngenkathi inkampani yami ye-public relations iqokwa ukuthi kube yiyo ezolekelela iBUSA ngomsebenzi wezokuxhumana ngenkathi iholwa nguye (uMabuza) ngesikhathi esasimqoka kangaka emlandweni wethu.

Uma ngibheka izibhelu zangesonto eledlule, umthelela wobhubhane nokushona kukaMabuza, kulula kimina njengoba kunjalo kwiningi lethu ukufisa ukuthi izinto zibuyele kokwejwayelekile. Ngeshwa kumele sibhekane nokuthi impilo ngendlela ebesiyazi ngayo ngeke iphinde ibe khona kanti kumele sikukhalele loko ngendlela okufanele sikhalele ngayo abasishiyile.

Akulula ukukwenza loku njengoba ikusasa libukeka lingaqondakali nje. Siyazi ukuthi izinto zizothi ukuba ngcono uma sekudlule ubhubhane, uma sesikwazile ukuvuka sazithatha emva kwaleli sonto lezigameko ezicekele phansi futhi uma sekube khona ukuvuseleleka komnotho nenhlalakahle okubonakalayo. 

Okwamanje isimo simanzonzwane futhi sibhocobaliswa wukwazi ukuthi yonke into esiyaziyo ngisho nempilo uqobo ingasiphunyuka ngomzuzwana nje. Sesibonile ukuthi ukufa nokucekeleka phansi yinto eshesha kanjani kanti leyo yinto okungemnandi ukubhekana nayo.

Kodwa thina bantu baseNingizimu Afrika siyinsimbi kayigobi. Kumele sizile leso sikhathi esisidingayo sililele konke okusilahlekele kanti okunye okumqoka wukuthi kumele sicabange ukuthi wumphakathi onjani esithanda ukuhlala kuwona nesifisa ukuwushiyela izizukulwane ezilandelayo.  

Bese, njengoba sesike senza izikhathi eziningi phambilini, sithathe esingakuthatha ezibonelweni ezinhle oMabuza abasibekele zona. Yebo, kumele senze kangcono. 

Kancane kancane, sidinga ukwakha iNingizimu Afrika ephephile futhi enakekela wonke umuntu ohlala kuyona. Ngalesi sikhathi sobumnyama singazila, sibhekane nako konke okusilahlekele ngesibindi futhi sakhe okungcono okuzoba ngokwethu sonke.  

  • UNksz uMadiba uyisikhulu esiphezulu sePR Powerhouse

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page