Kuzodingeka imizamo ephindaphindiwe kuwo wonke umuntu ukuvuselela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

UKUVUSELELA izakhiwo ezicekele phansi KwaZulu-Natali naseGauteng kuzodinga izinhlelo ezihlukene zikahulumeni nemboni yamabhizinisi ezimele. Kunezinkulungwane zamabhizinisi amancane okuphelile ngazo kanjalo nezinkampani ezinkulu.
Wena spaza esiselokishini nasikhondlakhondla esidayisa izinto ezinkulu ezisebenza ngobuchwepheshe – bonke bantshontshelwe isitokwe noma kwacekelwa phansi, kwathi (abanye) ingqalasizinda yabo yashishwa.
Kwabanomshwalense, inkampani kahulumeni yomshwalense iSasria izoba mqoka. Lena yiyona nkampani yomshwalense egunyaziwe ukubhekelela umonakalo oqhamuka ngenxa yezibhelu nemibhikisho. Abantu abaningi nezinkampani bavikelwa yilo mshwalense. I-Sasria isebenzisana nezinkampani zomshwalense ezizimele kanti abafaka izicelo kuzomele benze lokhu ezinkampanini ezisebenza njengamanxusa ale nkampani kahulumeni.
Kuthokozisile ukuzwa uMengameli uCyril Ramaphosa (ngeSonto) ethi iSasria izozisheshisa izicelo futhi izosekwa wuMnyango wezeziMali uma kudingeka. Kumqoka ukuthi izicelo ziphothulwe ngokushesha. Uma izinkampani zishesha ukuthola imali yazo, zizoshesha ukuvuselela.
Ubuningi bezicelo ezizofakwa yinto engakaze yenzeke eSasria phambilini, ngakho kuzodingeka imizamo ethe thuthu ukuze zicutshungulwe ngendlela efanele. Amabhange angasiza ngemali yesikhashana ngesikhathi abantu belinde ukukhokhelwa. I-Sasria inayo imali kodwa uhulumeni kumele aqinisekise umphakathi ukuthi uzoyeseka iSasria nokuthi zonke izicelo ezifanele zizokhokhelwa. Kumqoka ukuthi izinkampani ezizimisele ukuvuselela zikwazi ukusheshe zithole imali yazo ukuze ukwakha kuzoqala.
Inselelo isekutheni kuzokwenziwa njani ngabangenawo umshwalense. Umengameli umemezele ngeSonto ukuthi lukhona usizo abazoluthola futhi lokhu yinto okumele iqashwe ngeso lokhozi. Kunosizo lwezenhlalakahle olukhona oluqhamuka kuhulumeni nasezinhlanganweni ezingenzi nzuzo kanti amabhizinisi abamba iqhaza elimqoka ngesikhwama iSolidarity Fund esesizoxhaswa ngomunye uR400 million oqhamuka kuhulumeni. Izikole, imitholampilo nezinye izikhungo zikahulumeni zicekelwe phansi nokuzolimaza umphakathi kakhulu. Ukucekelwa phansi kwezizinda lapho kuthengwa khona kusho ukuthi kuzoshoda ukudla nemithi.
Lolu sizi lwengezwa kakhulu nawumonakalo owenzeke emabhizinisi amancane. La mabhizinisi ondla imindeni eminingi. Singawasiza kanjani avuseleleke ukuze akhe kabusha ingqalasizinda yawo futhi aphinde abe nesitokwe?
Angikholwa wukuthi kunezimpendulo ezilula. Ezinye izinkampani ezinkulu zihlangene ukusiza osomabhizinisi abancane abashayekile ngezibonelelo. Kufanele ngabe sihlanganisa konke esinakho ukuze sinike abantu “izibonelelo zokuvuselela” kodwa okukhona akwanele futhi kufanele kuqalwe kubhekelelwe inhlalakahle yabantu.
Umengameli umemezele ngeSonto ezinye izinto ezimqoka ukubhekelela lezi zinto. Osomabhizinisi bayalubonga usizo lwentela olwengezwe ngoR750 ngenyanga umsebenzi ngamunye. Ukulekelela labo abahlukumezeke kakhulu, ukuvumela imboni yotshwala ukuthi ingayikhokhi intela izinyanga ezintathu kanjalo nokusungula isikhwama sabangenawo umshwalense yizimemezelo ezinhle.
Lolu sizo uhulumeni alumemezelile luzoxhaswa ngentela ethe xaxa okulindeleke ingene ngenxa yamanani aphezulu omkhiqizo ombiwa phansi kodwa kumele siqaphele. Akuyona into ezokwenzeka unomphelo lena, asikwazi ukuzikhohlwa izinkinga zomnotho ezivele zikhona.
Zikhona nezinye izinto uhulumeni angazenza ukusiza. Enye imali eyayabelwe ukulekelela ngenxa yeCOVID-19 engasetshenzisiwe isingasiza ukweseka amabhizinisi acekeleke phansi. Angabheka nezinye izinto angazisebenzisa ukukhuthaza amabhizinisi njengokuwanika ikhefu ekukhokheni intela. Kungabhekwa nokuthi kungabanjiswana kanjani ukuvuselela amabhizinisi, uhulumeni usize ngokuba yisibambiso. Kakade imali ingena ngawo amabhizinisi kanti uma eshabalala ngeke iphinde ingene futhi kubeka eminye imisebenzi engcupheni.
Kukhona abazoba nawo amandla okuzivikela bona kanti sibonile uma kuqubuka iCOVID-19 ukuthi amabhizinisi ayakwazi kanjani ukulekelela. Kodwa-ke ukuthi amabhizinisi azozizimisela kangakanani ukuthi aqale phansi kuzoya nokuthi azobe enethemba elingakanani ngekusasa.
Ngaphambi kwezibhelu lelo themba beselivuseleleka ngenxa yezinye izimemezelo zoguquko ebezisanda kwenziwa wuhulumeni. Ukushoda kukagesi yinkinga ebisilungiswa ngokuvumela amabhizinisi anamandla ukuthi akhe iziteshi zokuphehla ugesi owu-100MW kanjalo nezicelo zabazokhiqiza ugesi ongasebenzisi amalahle. Ukuqinisekisa wonke umuntu ukuthi uphephile futhi nempahla yakhe iphephile yiyona nto esizoba mqoka.
Loko, ezinye izinguquko kanjalo nokuqedela udaba lwe-spectrum, imvume yokuzosebenza eNingizimu Afrika kuzoba mqoka ekutheni amabhizinisi aba nalo yini ithemba lokwakha kabusha. Sidinga imizamo ephindaphindiwe ukuze umnotho uqhubeke.
Okunye okuzosiza wukunqoba ubhubhane iCOVID-19. Umengameli umemezele ukuxegiswa kweminye imithetho ebibekelwe ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo. Ukuvulwa kokudayiswa kotshwala, noma kusakhona lapho kunqindwe khona, kumqoka ngoba iwile bhu le mboni ngenxa yokuvalwa kanjalo nabo bonke abanye abayingxenye yayo okungabakhiqiza amabhodlela nezindawo zokudlela.
Uhlelo lokugoma lumqoka kanti ukubona amarekhodi amasha ezibalo zabantu abagomile ngesonto eledlule kuhle. Kumele siqhubeke nale mizamo futhi siqinisekise ukuthi wonke umuntu omdala uyagoma masinyane ukuze sizobuyela empilweni ejwayelekile.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa