Obekuphethwe yinkulumo kaMengameli ngamabhizinisi amancane, kuloba uNtokozo Biyela
NGITHANDA sikesibheke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ubephetheni emgodleni wakhe wenkulumo ebikhuluma ngesimo sezwe uma kuza emabhizinisini, ikakhulukazi amancane.
Siyazi ukuthi amabhizinisi amancane awumgogodla womnotho eNingizimu Afrika. Yingakho-ke kubalulekile ukuthi anakekelwe futhi aphathwe ngesinono.
Emabhizinisini amancane kuqhamuka amaqhinga nemikhiqizo emisha, emihle futhi enhlobonhlobo. Ngamabhizinisi amancane futhi enza ukuthi imikhiqizo eminingi yakuleli zwe isabalale kuzo zonke izinkalo zezwe lapho amabhizinisi amakhulu engeke afinyelela khona.
Kuningi futhi esikubona emabhizinisini amancane. Uzoqaphela ukuthi isikhathi esiningi azinzile kanti uma kudingeka ukuthi aguquke nesimo ayakwazi. Noma kunjalo kodwa-ke iqiniso wukuthi yiwona ashayeke kakhulu aphazamiseka ngalesi sikhathi sobhubhane iCOVID-19. Sibonile futhi amabhizinisi evala, kulahleka imisebenzi engaphezu kuka-2 million ngenxa yokuvalwa kwawo.
Okubuhlungu wukuthi lolu bhubhane luqothe imbokodo nesisekelo emabhizinisini. Maningi amabhizinisi angeke esakwazi ukusukuma abuyele esimweni sawo. Nesimo sezomnotho esikusona njengamanje asithembisi.
Phezu kwaloko nezinkinga zokucishwa kukagesi wu-Eskom zengeza ezinye izinkinga amabhizinisi abhekene nazo. Osomabhizinisi abaningi babheke uhulumeni ukuthi abanikeze usizo nezinsiza ukuze bakwazi ukusimama.
Yingakho-ke ngenkathi uRamaphosa ethula inkulumo yakhe wonke usomabhizinisi ubeyibheke ngabomvu ukuzwa ukuthi yini ayiphethe emgodleni.
Kuyacaca ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika uyadinga ukuthi osomabhizinisi abancane bavuke qingqo, bame ngezinyawo, namabhizinisi abo asimame. Uhulumeni kumele enze isiqiniseko sokuthi njengoba kubhekwe phambili amabhizinisi amancane uwabeka eqhulwini futhi akwinqubomgomo yezamabhizinisi kahulumeni.
Inkinga amabhizinisi amancane abhekene nayo yimali nokungakhokhelwa ngesikhathi, noma uhulumeni esethathe igxathu lokuthi asungule uMvikeli ozobhekelela izinkinga zosomabhizinisi abancane, esithemba ukuthi uzosiza ekuxazululeni izinkinga zokungakhokhelwa ngesikhathi kosomabhizinisi abancane.
Maningi amabhizinisi awile avala thaqa ngenxa yalesi simo esingemnandi. Sibonile kodwa izinkampani eziningi ezizimele zizibophezela ukuthi zizokwenza isiqiniseko sokuthi zikhokhela amabhizinisi amancane ngesikhathi.
UMengameli uveze ukuthi umnotho wezobuchwepheshe yiwona ozoba wumgogodla ekuthuthukiseni izinga nokwakha imisebenzi. Kunesigungu esizosungulwa esizobhekelela indaba yobuchwepheshe besimanjemanje, i-Fourth Industrial Revolution, loku kusho ukuthi uhulumeni uzimisele ukuthi leli zwe lingasali ngemuva njengoba isondo lezomnotho nobuchwepheshe liloku lijikajika umhlaba wonke. Yingakho sibone amabhizinisi amaningi eguqukela ekusebenziseni ubuchwepheshe ukuze akwazi ukuqhubeka nokuhweba.
Sibonile futhi uhulumeni ekhipha imali yokusiza osomabhizinisi abancane ngalesi sikhathi sobhubhane, ebizwa ngokuthi yiCOVID-19 Support Grant. Uhulumeni ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuxhasa kakhulukazi osomabhizinisi abakhiqiza imikhiqizo ethile ezimbonini abasebenza kuzona ngohlelo alubize ngeSMME Focused Localisation Policy Framework.
Akhona-ke amacebo athile uhulumeni azama ukuza nawo ezimbonini ezifana neyezindwangu, ekashukela, efuya izinkukhu nekhiqiza izimoto. Uthembisile ukuthi nalabo abawumxhantela, okusho abanikeza ngeminye imikhiqizo yokwakha izimoto, kufanele bahlomule kakhulu kulesi sikhathi. Loku kuvuselela ithemba lokuthi miningi imisebenzi ezokwakheka.
UMengameli ubalule nokuthi uhulumeni kumele wenze kangcono uma kuza ekusunguleni amabhizinisi, uma ofuna ukuqala ibhizinisi efuna ukulibhalisa. Miningi imigomo nezithiyo okwenza kube lukhuni ukuvula ibhizinisi eNingizimu Afrika. Kwamanye amazwe umuntu ukwazi ukuvula ibhizinisi ngosuku olulodwa, kuthi kushona ilanga ebe esenesitifiketi sokuwheba.
Asazi-ke ukuthi njengoba uRamaphosa esebeke ngendlela abeke ngayo, kazi uNgqongqoshe wezeziMali uTito Mboweni yena uzoza naziphi, ezinhle noma ezimbi uma kuza emabhizinisini amancane. Kungakuhle kakhulu uma engabheka indaba yokwehlisa ukukhokha intela yamabhizinisi amancane.
Njengaminyaka yonke siye silalele, sizwe izinkulumo ezinhle ezibekwa wuhulumeni kodwa okubalulekile kunako konke wukwenza, hhayi ukukhuluma nje kuphelele lapho. Uma kunjalo kuzofana nokuthi sicula iculo elilodwa nje minyaka yonke.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi enkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela