Asishintshe unyawo manje, singagcini ngosizo lwesikhashana kodwa asenze okuzovuselela umnotho, kuloba uMengameli uCyril Ramaphosa
Sanibonani bantu baseNingizimu Afrika.
MADUZE kuzophela unyaka kusukela kwabikwa ngomuntu wokuqala owatholakala ene-coronavirus ezweni lethu. Lolu bhubhane lusilimazile uma sibheka ezempilo kanjalo nempilo yezigidi zabantu bakithi.
Kunenqwaba yezisebenzi ezilahlekelwe yingxenye yemiholo yazo njengoba zincishiselwe amahora eziwasebenzayo kanti ezinye zidiliziwe. Ziningi izinkampani ezilahlekelwe njengoba kudingeke ukuthi zinciphise umsebenzi. Ezinye ziwile zavala kanti abantu abazipataniselayo nabo balimele.
Okunzima kakhulu wukuthi lolu bhubhane ludlule nemiphefumulo yabantu abebondla imindeni yabo, lwabashiya behlwempu futhi benovalo ngekusasa.
Yingakho imizamo yokuphungulela abantu umthwalo ibidingeka futhi iphuthuma. Kanti manje njengoba sekucishe kuphele unyaka singasho ukuthi le mizamo isizile.
Emizamweni esiyethulile cishe mibili esingathi ibe nomphumela omkhulu, isibonelelo esiyisipesheli seCOVID-19 nopoyinandi i-Temporary Employer/Employee Relief Scheme, onqanyulelwa kuthiwe yi-TERS.
Besingeke sikwazi ukululetha lolu sizo masinyane kangaka ukube besingenalo uhlelo lokunakekela abantu oluvele lusebenza.
Sikwazile ukubhekana nalesi sidingo esikhulu nesisheshayo emphakathini ngenxa yengqalasizinda ekhona ezweni lonke yeSouth African Security Agency neye-Unemployment Insurance Fund (i-UIF).
Bube khona ubuhixihixi nezinye izinkinga endleleni kodwa obuningi busheshe balungiseka. Lezi zinhlaka zikahulumeni zenze umsebenzi oncomekayo ukubhalisa abantu abasha obekufanele bahlomule (kulolu sizo) futhi zaqinisekisa ukuthi bayakhokhelwa.
Usizo lwe-UIF lutakule izinkampani nezisebenzi ebezithwele kanzima. Le mali kube yiyona eyenze ukuthi ezinye izinkampani zingawi nokuthi abantu bangaphelelwa wumsebenzi.
Kuhlomule izinkampani ezifana neSihle’s Brew, indawo yokudlela eseGauteng, ekwazile ukugcina zonke izisebenzi zayo eziwu-18 ngenxa yeTERS. Ngenxa yosizo lukahulumeni, iMamoshalagae Trading and Projects, inkampani esebenza ngogesi embonini yezimoto eMokopane, eLimpopo, ikwazile ukuholela izisebenzi futhi yakhokha irenti nama-rates ngesikhathi izwe livaliwe. Izisebenzi ebezithwele kanzima zithole ingxenye yemiholo yazo.
UNksz uLindiwe Ntuli, oyi-paralegal eCenturion, uke washo ukuthi ukuthola lo mhlomulo kumsize kanjani ukuthi akwazi ukusebenzela ekhaya futhi akhokhe nerenti.
Ziningi nezinye izinkampani ezikwazile ukuthi ziqhubeke nokusebenza ngenxa yosizo lwe-UIF. Kanjalo futhi namabhizinisi amancane, kunenqwaba esizakele ngenxa yezibonelelo nokubolekwa imali okwenziwe yiminyango (kahulumeni) ehlukene.
Lezi zinto zibasize kakhulu abantu bakithi ngenkathi bexakekile. Njengoba sesibheke manje ekuvuseleleni kumele sishintshe unyawo.
Nakuba lolu sizo bekumele kube yinto yesikhashana kodwa imiphumela engemihle yalolu bhubhane isazozwakala emnothweni. Ngisho sekuthe ukuxegiswa emithethweni yokuvalwa kwezwe, izinkampani eziningi zisathwele kanzima ngenxa yezinyanga ungekho umsebenzi, kungangeni mali.
Yingakho-ke emva kokuxoxisana nazo zonke izinhlaka kwiNEDLAC, iCOVID-TERS isizokhokhwa kuze kube wuMashi 15 ezimbonini ezingakaze zibuyele ekusebenzeni ngokugcwele. Isibonelelo seCOVID-19 sona sizokhokhwa ezinye izinyanga ezintathu. Lolu kusewusizo lwesikhashana.
Kumele manje sigxile ekuvuseleleni amabhizinisi, nokuzokhulisa umnotho kuholele ekusungulweni kwamathuba emisebenzi futhi kuhehe abatshalimali.
Ukuvuselela kuzoba lukhuni futhi kuzothatha isikhathi; kwazise lusekhona lolu bhubhane.
Yize lolu sizo lwesikhashana lubalulekile kodwa ngeke sikwazi ukuqhubeka nalo unomphelo. Kumele siqinisekise ukuthi lolu sizo luba yisisekelo sokwakha kabusha ngaphandle kokuthi izwe libishe kakhulu ezikweletini.
Uma singakwazi ukwehlisa isikweletu sethu sibe semazingeni amukelekile, ngeke sikwazi ukuvuselela kahle umnotho.
Kumele sonke sizitshele ukuthi siyasuka kokuyinto yesikhashana kodwa sizokwenza loku okuwukuvuselela futhi sonke kumele sifake isandla. Siwuhulumeni kunezinqumo ezinzima okuzomele sizenze ngendlela imali ezosetshenziswa ngayo kulo nyaka.
Izinkampani kuzomele ziqhamuke nezindlela ezintsha ukuze kwenzeke loku kanti ukwakha amathuba emisebenzi kumele kube seqhulwini. Kumele sibuyisele imali emnothweni wethu ngokuthenga izimpahla ezikhiqizwe kuleli, ukweseka osomabhizinisi bakuleli zwe nezimboni.
Isiguli esilimele sinamathuba angcono okululama uma sinakekelwa kuze kube siyakwazi ukuzimela ngaphandle kosizo.
Ngakho lolu sizo lwesikhashana kumele silubheke njengenye yezindlela zokuvuselela umnotho wethu kuze kube uyakwazi ukuzimela futhi.
Njengesizwe sonke asifakeni isandla. Masibe yingxenye yokukhula nokuthuthuka kwethu. Masisebenzise lolu sizo lwesikhashana ukusebenzela ukuvuselela umnotho.
- URamaphosa uwuMengameli waseNingizimu Afrika