IZOLO bengimenywe komunye umcimbi obuhlelwe Icebolethu Group, ephethwe uNksz uNomfundo Mcoyi. Ubuhlanganise osomabhizinisi abaningi bakwaZulu-Natali nabawongoti emikhakheni yabo ehlukene.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibiloku isebenzisa izincomo zeKhomishini kaZondo ukubheka izindlela nezinhlaka ezingasiza ukugwema inkohlakalo ngomuso nokweseka ezinye izinhlaka ukuthi ziqhube umsebenzi wazo. Enye yezinto esicabanga ukuziphakamisa yindlela engcono yokuvikela ofakazi okuyibona abaqhumbuza ithumba ngezenzo zenkohlakalo.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi ungazinakekela kanjani wena njengosomabhizinisi osebenza kanzima ukuze ungazitholi impilo yakho isisesimweni esibucayi.
ENYE yezinto ezingahambi kahle emphakathini waseNingizimu Afrika yiloku: abesifazane yibona abathintwa kakhulu izinkinga zomphakathi ezibhekene nezwe kodwa ababambi iqhaza ngokwanele ekuzixazululeni.
NGIYADUDUZEKA kancane ukwazi ukuthi akuyona yodwa iNingizimu Afrika ebhekene nenkinga kagesi. Njengoba singene esigabeni sesine sokucinywa kukagesi ngempelasonto, i-United Kingdom (i-UK), iMelika ne-European Union (i-EU) nabo bebebhekene nezinkinga ezihlukene.
NAMHLANJE ngithi angithinte isihloko esingibindayo njengomuntu osebenza futhi ocija abantu abaningi besifazane abasebhizinisini noma abafuna ukungena ebhizinisini.
NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa wethule inkulumo enohlonze emhlanganweni weBusiness Unity South Africa waminyaka yonke.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yini eyenza osomabhizinisi abaningi abasafufusa eNingizimu Afrika bangaphumeleli emabhizinisini abazama ukuwaqala. Ziningi izizathu ezidala lokhu.
NGESONTO elidlule osomabhizinisi babenomhlangano ohambe kahle neNational Energy Crisis Committee (iNECOM) lihambisana nabanye abaholi bamabhizinisi. I-NECOM isungulwe wuMengameli uCyril Ramaphosa njengengxenye yokuxazulula inkinga kagesi.
SIQALE isonto ngezindaba ezithi owayeyisikhulu esiphezulu eTransnet uMnu uBrian Molefe nowayewumphathi wezimali uMnu u-Anoj Singh bavele enkantolo yamacala abucayi ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa izigidi zamarandi ngesikhathi le nkampani kahulumeni ithenga izitimela.
NGESONTO elidlule ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wezeziMali ezweni uMnu u-Ismail Momoniat nomholi wehhovisi lesabelomali uMnu u-Edgar Sishi benze isethulo kwiNedlac ngohlelo abalulandelayo ngokulungiselela ukwethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke abesifazane abenza izinto zenzeke emikhakheni abakuyona. Kuhle esikubonayo ngoba kusho ukuthi abantu besifazane sebengene shi emabhizinisini.
NGISEBENZISA isikhathi esiningi ngibonisana nabanye abalingani ngokuthi amabhizinisi angasebenzisana kanjani kahle nohulumeni nabanye abantu.
KULELI sonto ngithanda ukubongela abantu besifazane kuyinyanga yabo ngenqubekelaphambili ezikhundleni abaziphethe ezimbonini ezihlukene ngisho nakwipolitiki.
SENGIKE ngabhala phambilini ukuthi elinye lamasu aseqhulwini kwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukweseka ukuvuselela ezobulungisa.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuthi singenza kanjani ukwakha umnotho wethu singabantu abamnyama. Ngike ngaphakamisa emasontweni edlule ezinye zezindlela okumele sizenze ukubuyisa umnotho ezandleni zethu ngoba ngeke nangengozi laba abawukinatele bawubuyise.
UHLELO lukaMengameli lokulungisa inkinga kagesi olumenyezelwe ngesonto elidlule lubalulekile. UMengameli uCyril Ramaphosa usezame ngazo zonke izindlela ukuxazulula inkinga kagesi, njengokuvulela izinkampani ezizimele indlela ukuze zibe ngabanye babaphehli bakagesi abakhulu. I-Business Leadership South Africa (iBLSA)iyawuncoma lo mzamo.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yomgomo ye-ANC ebingesonto elidlule. Cha, asihlaziyi ezepolitiki ngoba thina siyingosi yezamabhizinisi kodwa sonke siyazi ukuthi ezepolitiki zinomphumela ongakanani emabhizinisini.
NGOLWESIHLANU iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBUSA) bethule umbiko obuphenya ngezindlela zokuxhasa isibonelelo esingatholwa yiwo wonke umuntu ongasebenzi, i-Basic Income Grant.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yezinga lempilo esiyiphilayo singabantu baseNingizimu Afrika.
SEKUPHELE unyaka kwaba nezibhelu KwaZulu-Natali naseGauteng, ngazo okwatashwa izimpahla emabhizinisini amancane namakhulu acekelwa phansi.
KULELI sonke ngithanda sixoxe ngomnotho wasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Isikhathi esiningi senza amaphutha amakhulu uma kuza kwezamabhizinisi bese sijika sikhala ngabamhlophe ukuthi basivalela ngaphandle kwezomnotho kodwa kube kuyithina uqobo esibasiza ukuthi basivalele ngaphandle.
UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu yiyonanto okuzobhungwa ngayo kakhulu kule minyaka embalwa ezayo. Kumele sibhekane nako manje ngokuhlela ukuthi sizowehlisa kanjalo umonakalo kwimvelo odalwa wumnotho wethu.
NAMHLANJE ngithanda sigxile odabeni lokuthuthukisa osomabhizinisi abancane eNingizimu Afrika. Kucacile ukuthi amathuba omsebenzi ayivelakancane ezweni lethu.
UKUCINYWA kukagesi ngesonto elidlule kumoshe kakhulu. Ngitshelwe ngezinkampani ekuphoqeleke ukuthi zidilize izisebenzi ngenxa yokungakwazi ukusebenza. Nezinama-generator azikwazanga ukuthola udizili ngokushesha. Nezisebenzisa amabhethri agcine eziphelela.
NAMUHLA ngithanda sibheke isimo somnotho waseNingizimu Afrika esesimanzonzo ngenxa yokunyuka kukadizili, uphethroli nopharafini.
NJENGOBA umbiko wokugcina weKhomishini yeJaji uRaymond Zondo usuthuliwe, sekuyisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo. Kumele sivuselele isithunzi seNingizima Afrika njengezwe elingathenjwa ukuthi linomthetho osebenzayo. Iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ngezindlela ezikhinyabeza izikhungo zikahulumeni ezakhelwe ukuqinisekisa ubulungisa nokuthi abaphethe bayaphendula, ililimaze kakhulu igama lezwe.
NAMUHLA ngithanda sibheke isimo esibhekene naso singamazwe ngenxa yempi phakathi kweRussia ne-Ukraine. Ithe le mpi uma iqala kwabonakala ngokushesha ukuthi amanani kawoyela namafutha okupheka aloku enyuka kancane kancane.
USUKU lweNtsha lusikhumbuza u-1976 mhla intsha isukuma ilwa nohulumeni wobandlululo. Ngesonto elidlule ngizithole sengibuka izinselelo ezibhekene nentsha namhlanje. Zihlukile kakhulu kodwa kucacile ukuthi kumele sigxile ekuzixazululeni.
KULELI sonto ngithanda sibheke isihloko esimayelana nokugqugquzela izingane zethu ukuthi ziqale ngokusebenza kuqala ngaphambi kokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
SIMELANE kahle nezinselelo esibhekane nazo siyizwe, ikakhulukazi eCOVID-19, sibambisane kahle uhulumeni nosomabhizinisi.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yokuba qotho ekwenzeni izinto ebhizinisini. Ngisuswa yisivunguvungu esibhokile ezweni. UMengameli uCyril Ramaphosa umbuleke izinqe ngento eyenzeka ngo-2020 abezama ukuyifihla.
NGESONTO elidlule besikhunjuzwa ukuthi ubugebengu buhlupha kangakanani kuleli zwe. Ngekota yokuqala yango-2022 izibalo zobugebengu obuhambisana nodlame njengokubulala, ukudlwengula nokushaya, zinyuke ngendlela ethusayo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isimo esiguqukayo eNingizimu Afrika ngezinto eziningi ezimayelana nengqalasizinda. Uma ubheka uhulumeni usuyehluleka ukugcina ingqalasizinda isezingeni elifanele.
KUBALULEKILE sithi ukubhekisisa isimo sethu eNingizimu Afrika. Kula masonto ambalwa kade ngiseWashington DC, eMelika, ngisohlelweni lokucathuliswa oluxhaswe wuhulumeni waseMelika. Ingimangazile indlela enhle okubukwa ngayo iNingizimu Afrika.
KWENYE yezingosi ngakhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuthi sakhe umnotho wethu singabantu abanmyama. Loku ngangikuthathela ekutheni sengathi yithina kuphela eNingizimu Afrika abantu abamnyama abangenandaba nokwakha owethu umnotho kodwa zonke ezinye izinhlanga zinowazo.
ENYE yezinkinga engihlangabezana nazo uma ngixoxa nabalingani kuhulumeni, izinyunyana nezinhlangano ezingenzi inzuzo yindlela ababuka ngayo osomabhizinisi – njengenhlangano eyodwa abangaxoxisana nayo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yokuvalela abantu besifazane ngaphandle emabhizinisini. Kuyadabukisa ukubona ukuthi nango-2022 kusenomqondo obhedayo wabanye abantu besilisa wokwenza nzima impilo kubantu besifazane abangosomabhizinisi noma abafisa ukuba ngosomabhizinisi.
NGABE osomabhizinisi sebekulungele ukuba nogesi osebenza kahle? Kulula ukugcina sesikhohlwa wukubaluleka kokuba nesisombululo esizosisiza isikhathi eside ukuphehla nokusabalalisa ugesi ngenxa yokucinywa kukagesi okungapheli.
KULE ngosi ngithanda sibheke ukuthi mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni udede emsebenzini wokuhlinzeka ngentuthuko, kunalokho udlulisele izintambo zokwenza lo msebenzi kubantu.
NGICELA ukubonga kakhulu iNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngokubona kufanele ukungiqoka ukuthi ngibe wuShansela walesi sikhungo esihloniphekile. Ngilamukela leli thuba ngesikhathi esibuhlungu emlandweni wezwe lethu. Lobu buhlungu benzeka ngenxa yokungenzi kahle nokungasebenzi kahle (kwezinye izinto). Uma sibheka okwenzakalayo, sibonani?
ASIJWAYELE ukuma kancane sibuyekeze indlela inqubomgomo yethu esithuthuke ngayo. I-Operation Vulindelela, uhlelo lwehhovisi likaMengameli nomNyango wezeziMali, seluzuze izinto eziningi nakuba ezinye zisabanjwe yimicikilisho ngaphambi kokuthi zisebenze kahle kodwa siphezu kwazo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isifo sokungahloniphani singabantu abamnyama kwezamabhizinisi. Akubalulekile noma ngabe uwena umnikazi webhizinisi noma usebenza ebhizinisini noma liphi.
KUYISHWA ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwemibili kwahlasela iCOVID-19 wuhhafu kuphela wabantu abadala abagonywe ngokugcwele. Loku sekuzohlupha thina manje njengoba kuqina ukuhlasela kwaleli gciwane okwesihlanu.
KULE ngosi ngithanda sibheke lento encomekayo engiyibona yenzeka eNingizimu Afrika. Uma uqaphelisisa uzobona ukuthi ayanda ama-brand amasha asungulwa ngabantu abamnyama kanti nabantu bakithi sebethanda ukuthenga ama brand asungulwe ngabakubo kunakwamanye amazwe.
KUNINGI osomabhizinisi ababhekene nako: ukubhebhetheka kweCOVID-19okusha, ukucisha kukagesi okuqhubekayo, impi ephazamisa ukuhwebelana emhlabeni nesimo sezulu esibi esidala umonakalo; njengezikhukhula ezenzeke KwaZulu-Natali.
KULELI sonto ngifisa sibheke izinto ezenzeke emasontweni amabili edlule lapho sibone khona izikhukhula zenza umonakalo ongakaze ubonakale KwaZulu-Natali.
ISIBHICONGO esenzeke KwaZulu-Natali sibuhlungu. Ukufa kwabantu nokulahleka kwemisebenzi kukhulu. Inkulumo kamengameli (ngoMsombuluko) ikhombisa indlela uhulumeni ayisukumela ngayo le ndaba kanjalo nezifundo esizitholile ngokubhekana nenhlekelele eminyakeni embalwa edlule.
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami ayiyinhle neze ngenxa yesimo sezikhukhula esihlasele iKwaZulu-Natali. Ngibhala nje imibiko ikhomba ukuthi sekudlule abantu abawu-448 esifundazweni.
IZINKAMPANI zakwamanye amazwe zijwayele ukuhlela imihlangano neminyango kahulumeni ethile kanjalo neBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ngaphambi kokutshala imali eNingizimu Afrika. Ithe ukunyuka le mihlangano muva nje.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini uziqalele ibhizinisi lakho, into eshayisa ngovalo kwabaningi. Uma ubheka uyabona ukuthi kukhona abantu abanengcindezi yokufuna ukushiya emsebenzini abakuwo bayosungula okungokwabo.
NGICELA iziphakamiso zenu. Izibalo zabantu abangasebenzi ngesonto elidlule ziveze ukuthi isibalo sentsha engasebenzi siwu-65%, okuyinto ethusayo. Kumele sikushintshe loku.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngokushintsha indlela esenza izinto ngayo siyisizwe, ikakhulukazi esinsundu, kwezamabhizinisi noma izinto eziphathelene nezamabhizinisi.
NGIFUNA ukuhalalisela umengameli, i-Infrastructure South Africa nebambisene nabo ngengqungquthela yokuheha abatshalimali ebingesonto elidlule. Bekungeyesine futhi iyona esahambe kahle kakhulu kunezinye.
KULELI sonto ngithanda sibheke udaba olubalulekile futhi olubucayi olumayelana nokuthengwa kwamabhilidi eThekwini.
KULELI sonto uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uzophinda asingathe ingqungquthela yezokutshala yaminyaka yonke. Izobe izama ukunqanda ukwehla kokutshala emnothweni.
KULELI sonto ngithanda sibheke izinto ezibalulekile ukuze usimamise ibhizinisi lakho; nesingazibiza ngezinsika.
SINGASHO sithi iBlack Leadership South Africa (iBLSA) iwumphumela wemizamo kaMnu uMichael Spicer yokwakha inhlangano yamabhizinisi engeke ishabalale, elungele ukufaka isandla ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika.
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi imiphumela empi ephakathi kweRussia ne-Ukraine yenzani emnothweni, ikakhulukazi waseNingizimu Afrika.
UMBIKO osanda kukhishwa yiKhomishini kaZondo wengeze ohlwini lwabathintekayo ngokuphenya kabanzi ngokwakwenzeka ngesikhathi sokugwamanda umbuso.
NGIKHOLWA wukuthi kunendlela elula uhulumeni waseNingizimu Afrika ongasiza ngayo izinkampani zabamnyama abasafufusa. Ziningi izindlela uhulumeni asezizamile kodwa kuyacaca ukuthi azitheli izithelo uhulumeni asuke efuna ukuzibona kanti nabo osomabhizinisi abaningi bazithola bengasizakali ngendlela ebebecabanga ukuthi bazosizakala ngayo.
KULULA kwenye inkathi ukukholwa ukuthi izwe lethu limi ndawonye, alikwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ukukhulisa umnotho. Kepha kulo nyaka ngibona ushintsho oluthembisayo endleleni uhulumeni obona kuyikona okudingekayo ukuxazulula izinselelo zomnotho wethu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba ebisezithebeni ngesonto elidlule mayelana ne-Employment Equity Plan, uhlelo lokuqasha ngendlela engacwasi.
UKUSEBENZA kahle kwengalo yomthetho kubalulekile kwabaphethe amabhizinisi. Kunzima ukuphatha ibhizinisi ngaphandle kokusebenza kahle komthetho okuhambisana nophiko lokuphenya nokushushisa.
KULE ngosi ngithanda sikhulume ngendaba esengake ngayibeka kulezi zithebe ngokubaluleka kokuqinisa izinhlaka zebhizinisi lakho ukuze lingazitholi selifadalala eminyakeni ezayo, loku phecelezi okuthiwa future-proof your business.
NGABE iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe wumengameli yinto okufanele izinhlangano zosomabhizinisi ziyinake ngempela yini? Lona wumbuzo engiloku ngizibuza wona.
KULE ngosi ngifisa sibheke inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yangesonto elidlule. Cha, angiqonde kuhlaziya inkulumo yakhe ngokuphelele kodwa ngithanda sigxile isigatshana akhulume kuso ngezinto athe uhulumeni uzozishintsha uma kuziwa kwezosomabhizinisi abasebancane, iningi labo okungabantu abamnyama.
NGESONTO eledlule kwenziwe izinguquko ezinqala emithethweni eminingi ebisanqinda abantu ezweni ngenxa yeCOVID-19 ngaphandle kowodwa – lona othinta ukusebenza kwabantu.
SAWUBONA mfundi wale ngosi. Namhlanje ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini ukhethe ukuzisebenza. Sekukaningi sibona abantu abashiya emisebenzini ngenxa yezimo ezithile bancamele ukuyozisebenza.
KUFANELE sizibuze ukuthi kungani amabhizinisi engatshali, engakhuli futhi engaqashi abanye abantu? Ngiyavumelana nezixazululo eziqhamuke nelekgotla ye-ANC ngesonto elidlule yize kodwa ngikhathazekile.
NAMHLANJE ngithanda sibheke umkhuba omuhle esiwubona uvama kwipolitiki – ukwanda kosomabhizinisi abangena kulo mkhakha.
IMIGOMO yeCOVID-19 ixegisiwe ekupheleni kukaDisemba ngonyaka odlule ngesikhathi kuvunyelwa imibuthano yabantu abangafinyelela ku-1 000 futhi kwaqedwa nomthetho wewashi.
KULE ngosi ngithanda sibheke izinguquko zokusetshenziswa kobuchwepheshe yizinkampani eziningi eNingizimu Afrika okucacisa ukuthi iningi lezi zinkampani seziyaqonda ukubaluleka kokuhweba ngobuchwepheshe, phecelezi i-e-commerce emabhizinisi azo.
SISIZAKALA sonke uma kugxekwa ngokwakha. Ngivamile kule ngosi ukugxeka futhi ngigxeka ngikhululeke. Nokho kubalulekile ukuthi umuntu agxeke elazi iqiniso.
NAMHLANJE ngifisa sikhulume ngephutha elenziwa ngabanye abazali uma kuza ekusizeni izingane zethu zifunde ubuchwepheshe besimanje.
UKUKHISHWA kombiko wokuqala weKhomishini kaZondo ngesonto elidlule yinto ebalulekile kuhulumeni wethu wentando yabantu. Kusinikeza amarekhodi aqinisekisiwe ngezinto ezimqoka ngokwenzeka ngokugwamanda umbuso futhi kwengeza emgqigqweni wokuvuselela izinhlaka nezinhlangano zethu nokuletha ubulungiswa. Ibhalwe kahle futhi igeqa amagula ngomsebenzi owenziwe yikhomishini eminyakeni emine edlule.
NGIYANIBINGELELA onyakeni omusha u-2022. Kuseyintokozo enkulu ukuthi sonke uNkulunkulu usilondile saze safika la. Ngiyathemba ukuthi nakulo nyaka sizoqhubeka nokucobelelana ngolwazi, nikleze kuwona umbele ogwansile oyileli ziko.
LENA yingosi yokugcina onyakeni U-2021. ngithanda ukuthatha leli thuba ngikufisele okuhle kodwa mfundi wale ngosi. U-2021 awubanga muhle neze, usiphilise lubhojozi nxazonke. Baningi abanye abalahlekelwe wokuningi, okunye okufana namabhizinisi ebebeziphembela wona.
UMA sibheka emuva ngo-2021, ngicabanga ukuthi sizobona izinto ezimbili ezicacile. Bekuwunyaka inkinga kagesi eqonge ngawo futhi kuwunyaka lapho siqale khona ukulunqoba ubhubhane. Njengoba sibheke onyakeni omusha nje, kokubili kuzosisiza.
KULE ngosi ngithanda ukukuphosela inselelo mfundi ukuthi njengoba izinsuku zikaKhisimuzi sezisondela nabantu benezinhliziyo ezinhle zokuthenga ezitolo, ngifuna wena ucabange ukuthi yiliphi ibhizinisi ongalenza ngakini ozofaka kulona imali engatheni nje ukuliqala.
NGINGATHANDA ukubona onke amabhizinisi eNingizimu Afrika enza konke okusemandleni ukugqugquzela izisebenzi zawo nomphakathi wonkana ukuthi ugome. Loku kuzosiza thina singamabhizinisi. Asisoze salunqoba ubhubhane iCOVID-19 uma singasinyusi isibalo sabantu abagomile ezweni lonke.
KULE NGOSI ngithanda sibheke indaba yokusebenzisa imali yebhonasi ngalezi zinsuku zenjabulo kaDisemba. Cha, angiyena umeluleki wezezimali kodwa yiseluleko nje lesi esivela kimina njengomeluleki kwezamabhizinisi ngoba kuye kube buhlungu ukubona indlela abantu bakithi abachitha ngayo imali ngesonto nje elilodwa lenjabulo kaDisemba.
LAZE lafika ngesikhathi esibi igciwane elisha leCOVID-19, i-Omicron. Ngalesi sikhathi nje imboni yezokuvakasha isinethemba lokuthi izoba noDisemba omuhle, sekuvele kwavaleka yonke into futhi. Loku okwenzekile kuyayibulala imboni nomnotho wethu.
ENGOSINI Yanamhlanje ngithanda sibheke Udaba olumqoka lokuthi yini eyenza ukuthi siyisizwe esimnyama sihluleke wukwakha amabhizinisi ezizukulwane njengoba imvamisa kuthi nje uma umnikazi webhizinisi efa ibhizinisi life naye?
UKUHWEBELANA kukhulisa umnotho futhi kudala imisebenzi ephilisa abantu. KwaZulu-Natali ngesonto eledlule sibambe ingqophamlando yombukiso obizwa nge-Intra-African Trade Fair (i-IATF) eqhakambisa igalelo leNingizimu Afrika ekuhlanganiseni nasekuqiniseni amaxhama okuxhumana nawokuhwebelana ezwekazi i-Afrika.
INGOZI yenkinga enkulu yezimali eNingizimu Afrika isiphelile. Esikhathi esingaphansi kweminyaka emibili izwe liphucwe konke ebelinakho obekungasiza uma kubuyekezwa ukuthi kufanele yini abantu batshale yini ezweni nokuthi babolekwe yini imali.
NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba losomabhizinisi abamnyama abangazihluphi ngokulula isandla ukuze basize osomabhizinisi abasafufusa. Lesi yisifo esimbi esifana nomdlavuza esizweni esimnyama.
ABANTU baseNingizimu Afrika baziwa ngokuthi bayakwazi ukwenza icebo uma kunenkinga. Nokho inkinga kagesi isidonse isikhathi eside. Nakuba kunenqubekelaphambili ekuvuleleni izinkampani ezizimele ukuthi zikwazi ukwakha kalula iziteshi zikagesi ezizophehla u-100MW nezinhlelo ezikhona zikagesi ongakhiqizwa ngamalahle kodwa sibhekene nokucinywa kukagesi esingakaze sikubone phambilini, nokuphazamisa amabhizinisi nempilo yethu mihla namalanga.
LELI yisonto elikhulu eNingizimu Afrika njengoba kuhlangene amazwe ase-Afrika eThekwini, KwaZulu-Natali, ngenhloso yokudingida ukuthi yini angayenza ukuhwebelana ewodwa njengamazwe aleli zwekazi.
EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.
ISIVININI okuzomele silethe ngaso ushintsho emnothweni wethu ukunciphisa umonakalo kwimvelo sesinyukile. Loku kungenxa yezivumelwano esesizibophezele kuzona namanye amazwe, nangenxa yokuthi sekulindeleke ukuthi izinkampani nohulumeni baphokophele ukuthi ibe ingasangcoliswa nhlobo imvelo ngo-2050.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngemiphumela yokhetho lwangesonto elidlule. Cha, angizami ukuphendula le ngosi ibe eyezepolitiki. Kodwa singelibalekele iqiniso elithi ezepolitiki ziwathinta kakhulu amabhizinisi nokuthuthuka kwawo.
ABANTU baseNingizimu Afrika baphumile bayovota (ngoMsombuluko), abanye baphume emvuleni. Lokhu kukhombisa ukuthi imandla kangakanani intando yabantu njengoba abantu beqinisekisa ukuthi bayalisebenzisa ivoti labo.
NAMHLANJE ngithanda sinabe ngodaba olusenhliziyweni yami lokwakha umnotho wethu thina bantu abamnyama kancane kancane. Ngiyazi abantu abaningi baye bangangizwisisi uma ngithi le ndlela esicabanga ukuthi umnotho ophethwe ngabelungu uzobuya ngayo, uhlelo lweBroad-based Black Economic Empowerment, ngeke kwenzeke loko.
ININGIZIMU Afrika izoya kwiCOP26 eGlasgow (eScotland) ngesonto elizayo inezinto ezinqala eyozibeka ezithebeni. Lona kuzoba ngumcimbi owumzamo omkhulu wamazwe nosomabhizinisi bomhlaba wokulwa nokuvikela imvelo. Wonke umholi wepolitiki nebhizinisi uzofika efuna ukubona umnyakazo. Ngiyathemba ukuthi nakulabo abazobe besimele kwezamabhizinisi nakuhulumeni kuzoba esifanayo nangabo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke izizathu noma imbangela eyenza ukuthi thina bantu abamnyama singabi nkamunkamu ekuziqaleleni amabhizinisi e-multi-level marketing, la omunye efuna abanye abazongena ngaphansi kwakhe ukuze badayise umkhiqizo othile ibhizinisi lisabalale.
SESISEBENZISE imigomo ewu-20 million kanti bangu-10.5m abantu asebegome ngokuphelele. Ukuvumela ukugoma abantu abaneminyaka ewu-12 kuya phezulu, nokuzokwenzeka ngokuqhubeka kwesikhathi kule nyanga, kuzonyusa umgqigqo. Nokho kuyacaca ukugoma kwabantu kwehlile.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yimaphi amaqhinga uhulumeni waseNingizimu Afrika angawasebenzisa ukuze umnotho usimame. Ziningi izindlela uhulumeni wakithi azizamile ukusimamisa umnotho, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngamabhizinisi abantu abamnyama kodwa iningi lalezo zindlela aziphumelelanga.
KUBE nezindaba ezinhle ezithinta izinto ezimbili iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ekade izilwela – ezokuvakasha nokutshala imali kwingqalasizinda. Kunenqubekalaphambili kukona kokubili kodwa osomabhizinisi kufanele balwele okungaphezu kwaloku.
NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba lokubambisana nezinkampani ezinkulu, esezimnkantshubomvu ekwenzeni noma ekuqaleni amabhizinisi amasha.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent