KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yokuba qotho ekwenzeni izinto ebhizinisini. Ngisuswa yisivunguvungu esibhokile ezweni. UMengameli uCyril Ramaphosa umbuleke izinqe ngento eyenzeka ngo-2020 abezama ukuyifihla.
NGESONTO elidlule besikhunjuzwa ukuthi ubugebengu buhlupha kangakanani kuleli zwe. Ngekota yokuqala yango-2022 izibalo zobugebengu obuhambisana nodlame njengokubulala, ukudlwengula nokushaya, zinyuke ngendlela ethusayo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isimo esiguqukayo eNingizimu Afrika ngezinto eziningi ezimayelana nengqalasizinda. Uma ubheka uhulumeni usuyehluleka ukugcina ingqalasizinda isezingeni elifanele.
KUBALULEKILE sithi ukubhekisisa isimo sethu eNingizimu Afrika. Kula masonto ambalwa kade ngiseWashington DC, eMelika, ngisohlelweni lokucathuliswa oluxhaswe wuhulumeni waseMelika. Ingimangazile indlela enhle okubukwa ngayo iNingizimu Afrika.
KWENYE yezingosi ngakhuluma kabanzi ngokubaluleka kokuthi sakhe umnotho wethu singabantu abanmyama. Loku ngangikuthathela ekutheni sengathi yithina kuphela eNingizimu Afrika abantu abamnyama abangenandaba nokwakha owethu umnotho kodwa zonke ezinye izinhlanga zinowazo.
ENYE yezinkinga engihlangabezana nazo uma ngixoxa nabalingani kuhulumeni, izinyunyana nezinhlangano ezingenzi inzuzo yindlela ababuka ngayo osomabhizinisi – njengenhlangano eyodwa abangaxoxisana nayo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yokuvalela abantu besifazane ngaphandle emabhizinisini. Kuyadabukisa ukubona ukuthi nango-2022 kusenomqondo obhedayo wabanye abantu besilisa wokwenza nzima impilo kubantu besifazane abangosomabhizinisi noma abafisa ukuba ngosomabhizinisi.
NGABE osomabhizinisi sebekulungele ukuba nogesi osebenza kahle? Kulula ukugcina sesikhohlwa wukubaluleka kokuba nesisombululo esizosisiza isikhathi eside ukuphehla nokusabalalisa ugesi ngenxa yokucinywa kukagesi okungapheli.
KULE ngosi ngithanda sibheke ukuthi mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni udede emsebenzini wokuhlinzeka ngentuthuko, kunalokho udlulisele izintambo zokwenza lo msebenzi kubantu.
NGICELA ukubonga kakhulu iNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngokubona kufanele ukungiqoka ukuthi ngibe wuShansela walesi sikhungo esihloniphekile. Ngilamukela leli thuba ngesikhathi esibuhlungu emlandweni wezwe lethu. Lobu buhlungu benzeka ngenxa yokungenzi kahle nokungasebenzi kahle (kwezinye izinto). Uma sibheka okwenzakalayo, sibonani?
ASIJWAYELE ukuma kancane sibuyekeze indlela inqubomgomo yethu esithuthuke ngayo. I-Operation Vulindelela, uhlelo lwehhovisi likaMengameli nomNyango wezeziMali, seluzuze izinto eziningi nakuba ezinye zisabanjwe yimicikilisho ngaphambi kokuthi zisebenze kahle kodwa siphezu kwazo.
KULE ngosi ngithanda sibheke isifo sokungahloniphani singabantu abamnyama kwezamabhizinisi. Akubalulekile noma ngabe uwena umnikazi webhizinisi noma usebenza ebhizinisini noma liphi.
KUYISHWA ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwemibili kwahlasela iCOVID-19 wuhhafu kuphela wabantu abadala abagonywe ngokugcwele. Loku sekuzohlupha thina manje njengoba kuqina ukuhlasela kwaleli gciwane okwesihlanu.
KULE ngosi ngithanda sibheke lento encomekayo engiyibona yenzeka eNingizimu Afrika. Uma uqaphelisisa uzobona ukuthi ayanda ama-brand amasha asungulwa ngabantu abamnyama kanti nabantu bakithi sebethanda ukuthenga ama brand asungulwe ngabakubo kunakwamanye amazwe.
KUNINGI osomabhizinisi ababhekene nako: ukubhebhetheka kweCOVID-19okusha, ukucisha kukagesi okuqhubekayo, impi ephazamisa ukuhwebelana emhlabeni nesimo sezulu esibi esidala umonakalo; njengezikhukhula ezenzeke KwaZulu-Natali.
KULELI sonto ngifisa sibheke izinto ezenzeke emasontweni amabili edlule lapho sibone khona izikhukhula zenza umonakalo ongakaze ubonakale KwaZulu-Natali.
ISIBHICONGO esenzeke KwaZulu-Natali sibuhlungu. Ukufa kwabantu nokulahleka kwemisebenzi kukhulu. Inkulumo kamengameli (ngoMsombuluko) ikhombisa indlela uhulumeni ayisukumela ngayo le ndaba kanjalo nezifundo esizitholile ngokubhekana nenhlekelele eminyakeni embalwa edlule.
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami ayiyinhle neze ngenxa yesimo sezikhukhula esihlasele iKwaZulu-Natali. Ngibhala nje imibiko ikhomba ukuthi sekudlule abantu abawu-448 esifundazweni.
IZINKAMPANI zakwamanye amazwe zijwayele ukuhlela imihlangano neminyango kahulumeni ethile kanjalo neBusiness Leadership South Africa (iBLSA), ngaphambi kokutshala imali eNingizimu Afrika. Ithe ukunyuka le mihlangano muva nje.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini uziqalele ibhizinisi lakho, into eshayisa ngovalo kwabaningi. Uma ubheka uyabona ukuthi kukhona abantu abanengcindezi yokufuna ukushiya emsebenzini abakuwo bayosungula okungokwabo.
NGICELA iziphakamiso zenu. Izibalo zabantu abangasebenzi ngesonto elidlule ziveze ukuthi isibalo sentsha engasebenzi siwu-65%, okuyinto ethusayo. Kumele sikushintshe loku.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngokushintsha indlela esenza izinto ngayo siyisizwe, ikakhulukazi esinsundu, kwezamabhizinisi noma izinto eziphathelene nezamabhizinisi.
NGIFUNA ukuhalalisela umengameli, i-Infrastructure South Africa nebambisene nabo ngengqungquthela yokuheha abatshalimali ebingesonto elidlule. Bekungeyesine futhi iyona esahambe kahle kakhulu kunezinye.
KULELI sonto ngithanda sibheke udaba olubalulekile futhi olubucayi olumayelana nokuthengwa kwamabhilidi eThekwini.
KULELI sonto uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa uzophinda asingathe ingqungquthela yezokutshala yaminyaka yonke. Izobe izama ukunqanda ukwehla kokutshala emnothweni.
KULELI sonto ngithanda sibheke izinto ezibalulekile ukuze usimamise ibhizinisi lakho; nesingazibiza ngezinsika.
SINGASHO sithi iBlack Leadership South Africa (iBLSA) iwumphumela wemizamo kaMnu uMichael Spicer yokwakha inhlangano yamabhizinisi engeke ishabalale, elungele ukufaka isandla ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika.
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi imiphumela empi ephakathi kweRussia ne-Ukraine yenzani emnothweni, ikakhulukazi waseNingizimu Afrika.
UMBIKO osanda kukhishwa yiKhomishini kaZondo wengeze ohlwini lwabathintekayo ngokuphenya kabanzi ngokwakwenzeka ngesikhathi sokugwamanda umbuso.
NGIKHOLWA wukuthi kunendlela elula uhulumeni waseNingizimu Afrika ongasiza ngayo izinkampani zabamnyama abasafufusa. Ziningi izindlela uhulumeni asezizamile kodwa kuyacaca ukuthi azitheli izithelo uhulumeni asuke efuna ukuzibona kanti nabo osomabhizinisi abaningi bazithola bengasizakali ngendlela ebebecabanga ukuthi bazosizakala ngayo.
KULULA kwenye inkathi ukukholwa ukuthi izwe lethu limi ndawonye, alikwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ukukhulisa umnotho. Kepha kulo nyaka ngibona ushintsho oluthembisayo endleleni uhulumeni obona kuyikona okudingekayo ukuxazulula izinselelo zomnotho wethu.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba ebisezithebeni ngesonto elidlule mayelana ne-Employment Equity Plan, uhlelo lokuqasha ngendlela engacwasi.
UKUSEBENZA kahle kwengalo yomthetho kubalulekile kwabaphethe amabhizinisi. Kunzima ukuphatha ibhizinisi ngaphandle kokusebenza kahle komthetho okuhambisana nophiko lokuphenya nokushushisa.
KULE ngosi ngithanda sikhulume ngendaba esengake ngayibeka kulezi zithebe ngokubaluleka kokuqinisa izinhlaka zebhizinisi lakho ukuze lingazitholi selifadalala eminyakeni ezayo, loku phecelezi okuthiwa future-proof your business.
NGABE iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe wumengameli yinto okufanele izinhlangano zosomabhizinisi ziyinake ngempela yini? Lona wumbuzo engiloku ngizibuza wona.
KULE ngosi ngifisa sibheke inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yangesonto elidlule. Cha, angiqonde kuhlaziya inkulumo yakhe ngokuphelele kodwa ngithanda sigxile isigatshana akhulume kuso ngezinto athe uhulumeni uzozishintsha uma kuziwa kwezosomabhizinisi abasebancane, iningi labo okungabantu abamnyama.
NGESONTO eledlule kwenziwe izinguquko ezinqala emithethweni eminingi ebisanqinda abantu ezweni ngenxa yeCOVID-19 ngaphandle kowodwa – lona othinta ukusebenza kwabantu.
SAWUBONA mfundi wale ngosi. Namhlanje ngithanda sibheke indaba yokushiya emsebenzini ukhethe ukuzisebenza. Sekukaningi sibona abantu abashiya emisebenzini ngenxa yezimo ezithile bancamele ukuyozisebenza.
KUFANELE sizibuze ukuthi kungani amabhizinisi engatshali, engakhuli futhi engaqashi abanye abantu? Ngiyavumelana nezixazululo eziqhamuke nelekgotla ye-ANC ngesonto elidlule yize kodwa ngikhathazekile.
NAMHLANJE ngithanda sibheke umkhuba omuhle esiwubona uvama kwipolitiki – ukwanda kosomabhizinisi abangena kulo mkhakha.
IMIGOMO yeCOVID-19 ixegisiwe ekupheleni kukaDisemba ngonyaka odlule ngesikhathi kuvunyelwa imibuthano yabantu abangafinyelela ku-1 000 futhi kwaqedwa nomthetho wewashi.
KULE ngosi ngithanda sibheke izinguquko zokusetshenziswa kobuchwepheshe yizinkampani eziningi eNingizimu Afrika okucacisa ukuthi iningi lezi zinkampani seziyaqonda ukubaluleka kokuhweba ngobuchwepheshe, phecelezi i-e-commerce emabhizinisi azo.
SISIZAKALA sonke uma kugxekwa ngokwakha. Ngivamile kule ngosi ukugxeka futhi ngigxeka ngikhululeke. Nokho kubalulekile ukuthi umuntu agxeke elazi iqiniso.
NAMHLANJE ngifisa sikhulume ngephutha elenziwa ngabanye abazali uma kuza ekusizeni izingane zethu zifunde ubuchwepheshe besimanje.
UKUKHISHWA kombiko wokuqala weKhomishini kaZondo ngesonto elidlule yinto ebalulekile kuhulumeni wethu wentando yabantu. Kusinikeza amarekhodi aqinisekisiwe ngezinto ezimqoka ngokwenzeka ngokugwamanda umbuso futhi kwengeza emgqigqweni wokuvuselela izinhlaka nezinhlangano zethu nokuletha ubulungiswa. Ibhalwe kahle futhi igeqa amagula ngomsebenzi owenziwe yikhomishini eminyakeni emine edlule.
NGIYANIBINGELELA onyakeni omusha u-2022. Kuseyintokozo enkulu ukuthi sonke uNkulunkulu usilondile saze safika la. Ngiyathemba ukuthi nakulo nyaka sizoqhubeka nokucobelelana ngolwazi, nikleze kuwona umbele ogwansile oyileli ziko.
LENA yingosi yokugcina onyakeni U-2021. ngithanda ukuthatha leli thuba ngikufisele okuhle kodwa mfundi wale ngosi. U-2021 awubanga muhle neze, usiphilise lubhojozi nxazonke. Baningi abanye abalahlekelwe wokuningi, okunye okufana namabhizinisi ebebeziphembela wona.
UMA sibheka emuva ngo-2021, ngicabanga ukuthi sizobona izinto ezimbili ezicacile. Bekuwunyaka inkinga kagesi eqonge ngawo futhi kuwunyaka lapho siqale khona ukulunqoba ubhubhane. Njengoba sibheke onyakeni omusha nje, kokubili kuzosisiza.
KULE ngosi ngithanda ukukuphosela inselelo mfundi ukuthi njengoba izinsuku zikaKhisimuzi sezisondela nabantu benezinhliziyo ezinhle zokuthenga ezitolo, ngifuna wena ucabange ukuthi yiliphi ibhizinisi ongalenza ngakini ozofaka kulona imali engatheni nje ukuliqala.
NGINGATHANDA ukubona onke amabhizinisi eNingizimu Afrika enza konke okusemandleni ukugqugquzela izisebenzi zawo nomphakathi wonkana ukuthi ugome. Loku kuzosiza thina singamabhizinisi. Asisoze salunqoba ubhubhane iCOVID-19 uma singasinyusi isibalo sabantu abagomile ezweni lonke.
KULE NGOSI ngithanda sibheke indaba yokusebenzisa imali yebhonasi ngalezi zinsuku zenjabulo kaDisemba. Cha, angiyena umeluleki wezezimali kodwa yiseluleko nje lesi esivela kimina njengomeluleki kwezamabhizinisi ngoba kuye kube buhlungu ukubona indlela abantu bakithi abachitha ngayo imali ngesonto nje elilodwa lenjabulo kaDisemba.
LAZE lafika ngesikhathi esibi igciwane elisha leCOVID-19, i-Omicron. Ngalesi sikhathi nje imboni yezokuvakasha isinethemba lokuthi izoba noDisemba omuhle, sekuvele kwavaleka yonke into futhi. Loku okwenzekile kuyayibulala imboni nomnotho wethu.
ENGOSINI Yanamhlanje ngithanda sibheke Udaba olumqoka lokuthi yini eyenza ukuthi siyisizwe esimnyama sihluleke wukwakha amabhizinisi ezizukulwane njengoba imvamisa kuthi nje uma umnikazi webhizinisi efa ibhizinisi life naye?
UKUHWEBELANA kukhulisa umnotho futhi kudala imisebenzi ephilisa abantu. KwaZulu-Natali ngesonto eledlule sibambe ingqophamlando yombukiso obizwa nge-Intra-African Trade Fair (i-IATF) eqhakambisa igalelo leNingizimu Afrika ekuhlanganiseni nasekuqiniseni amaxhama okuxhumana nawokuhwebelana ezwekazi i-Afrika.
INGOZI yenkinga enkulu yezimali eNingizimu Afrika isiphelile. Esikhathi esingaphansi kweminyaka emibili izwe liphucwe konke ebelinakho obekungasiza uma kubuyekezwa ukuthi kufanele yini abantu batshale yini ezweni nokuthi babolekwe yini imali.
NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba losomabhizinisi abamnyama abangazihluphi ngokulula isandla ukuze basize osomabhizinisi abasafufusa. Lesi yisifo esimbi esifana nomdlavuza esizweni esimnyama.
ABANTU baseNingizimu Afrika baziwa ngokuthi bayakwazi ukwenza icebo uma kunenkinga. Nokho inkinga kagesi isidonse isikhathi eside. Nakuba kunenqubekelaphambili ekuvuleleni izinkampani ezizimele ukuthi zikwazi ukwakha kalula iziteshi zikagesi ezizophehla u-100MW nezinhlelo ezikhona zikagesi ongakhiqizwa ngamalahle kodwa sibhekene nokucinywa kukagesi esingakaze sikubone phambilini, nokuphazamisa amabhizinisi nempilo yethu mihla namalanga.
LELI yisonto elikhulu eNingizimu Afrika njengoba kuhlangene amazwe ase-Afrika eThekwini, KwaZulu-Natali, ngenhloso yokudingida ukuthi yini angayenza ukuhwebelana ewodwa njengamazwe aleli zwekazi.
EZINYANGENI ezedlule kusukela ku-Ephreli kuze kube manje, inkampani yethu iMKX Associates Holdings ibizungeza ezifundazweni ezintathu eNingizimu Afrika; KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Loku bekuhambisna nokusiza izinkampani ezingenzi nzuzo nezikole ukuthi zithole usizo lokuxhaswa yinhlangano kahulumeni iNational Lotteries Commission.
ISIVININI okuzomele silethe ngaso ushintsho emnothweni wethu ukunciphisa umonakalo kwimvelo sesinyukile. Loku kungenxa yezivumelwano esesizibophezele kuzona namanye amazwe, nangenxa yokuthi sekulindeleke ukuthi izinkampani nohulumeni baphokophele ukuthi ibe ingasangcoliswa nhlobo imvelo ngo-2050.
NAMHLANJE ngithanda sixoxe ngemiphumela yokhetho lwangesonto elidlule. Cha, angizami ukuphendula le ngosi ibe eyezepolitiki. Kodwa singelibalekele iqiniso elithi ezepolitiki ziwathinta kakhulu amabhizinisi nokuthuthuka kwawo.
ABANTU baseNingizimu Afrika baphumile bayovota (ngoMsombuluko), abanye baphume emvuleni. Lokhu kukhombisa ukuthi imandla kangakanani intando yabantu njengoba abantu beqinisekisa ukuthi bayalisebenzisa ivoti labo.
NAMHLANJE ngithanda sinabe ngodaba olusenhliziyweni yami lokwakha umnotho wethu thina bantu abamnyama kancane kancane. Ngiyazi abantu abaningi baye bangangizwisisi uma ngithi le ndlela esicabanga ukuthi umnotho ophethwe ngabelungu uzobuya ngayo, uhlelo lweBroad-based Black Economic Empowerment, ngeke kwenzeke loko.
ININGIZIMU Afrika izoya kwiCOP26 eGlasgow (eScotland) ngesonto elizayo inezinto ezinqala eyozibeka ezithebeni. Lona kuzoba ngumcimbi owumzamo omkhulu wamazwe nosomabhizinisi bomhlaba wokulwa nokuvikela imvelo. Wonke umholi wepolitiki nebhizinisi uzofika efuna ukubona umnyakazo. Ngiyathemba ukuthi nakulabo abazobe besimele kwezamabhizinisi nakuhulumeni kuzoba esifanayo nangabo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke izizathu noma imbangela eyenza ukuthi thina bantu abamnyama singabi nkamunkamu ekuziqaleleni amabhizinisi e-multi-level marketing, la omunye efuna abanye abazongena ngaphansi kwakhe ukuze badayise umkhiqizo othile ibhizinisi lisabalale.
SESISEBENZISE imigomo ewu-20 million kanti bangu-10.5m abantu asebegome ngokuphelele. Ukuvumela ukugoma abantu abaneminyaka ewu-12 kuya phezulu, nokuzokwenzeka ngokuqhubeka kwesikhathi kule nyanga, kuzonyusa umgqigqo. Nokho kuyacaca ukugoma kwabantu kwehlile.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yimaphi amaqhinga uhulumeni waseNingizimu Afrika angawasebenzisa ukuze umnotho usimame. Ziningi izindlela uhulumeni wakithi azizamile ukusimamisa umnotho, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngamabhizinisi abantu abamnyama kodwa iningi lalezo zindlela aziphumelelanga.
KUBE nezindaba ezinhle ezithinta izinto ezimbili iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ekade izilwela – ezokuvakasha nokutshala imali kwingqalasizinda. Kunenqubekalaphambili kukona kokubili kodwa osomabhizinisi kufanele balwele okungaphezu kwaloku.
NAMHLANJE ngithanda sibheke udaba lokubambisana nezinkampani ezinkulu, esezimnkantshubomvu ekwenzeni noma ekuqaleni amabhizinisi amasha.
KUNCANE okungenziwa ukuvuselela umnotho ngaphandle kokuzwana okucacile phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yini esingayenza singosomabhizinisi ukuthuthukisa intsha ngamakhono nemisebenzi.
NGAPHEZU kwakho konke okunye, abamabhizinisi manje sekufanele bakhathazeke ngokuthi kungenzeka kunciphe isivinini okudonswa ngaso umoya wokuxhumana ngeselula.
NAMHLANJE ngithanda sibheke isihlava esisabalele kithina bantu abamnyama sokuba novalo entanyeni. Emasontweni edlule sike sabheka indaba yokuthi kubaluleke kanjani ukuthi sisebenze ngokubambisana singabantu abamnyama.
SINGIDUMAZILE isimemezelo esenziwe ngabaphathi base-UK ngoLwesihlanu; sokuthi iNingizimu Afrika izoqhubeka ibe sohlwini olubizwa nge-“red list”. Lesi sinqumo asiyilungele intuthuko yaseNingizimu Afrika futhi simbi uma ubheka ubudlelwano bezomnotho noma bokuhwebelana phakathi kwala mazwe womabili.
NAMHLANJE ngithanda sibuke lolu suku olusanda kudlula lokugubha ukuzisebenza, phecelezi i-entrepreneurship, umhlaba wonke. Libaluleke ngani leli langa na?
NGESONTO umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa wenze kahle ngokucacisa ukuthi ukugomela (iCOVID-19) kubalulekile. Mancane amathuba okuthi abantu abagomile baphathwe yilesi sifo. Lena yiyona ndlela yokubuyisela umnotho ekutheni usebenze ngokupheleleyo nokuthi sithole inkululeko yokuphindela empilweni ejwayelekile.
NAMHLANJE ngifisa sibheke uhlelo olusha oluhle lokusiza amabhizinisi amancane nantulayo olwethulwe wuFacebook.
NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.
NAMHLANJE ngifisa kesibheke udaba olubucayi lokuhluleka kwethu thina bantu abamnyama ukusebenza ndawonye. Sekuyiminyaka loku kuyisikhalo sami uma kuziwa ekuthuthukiseni amabhizinisi abantu abamnyama.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile okufanele uziqaphele uma ungena ebudlelwaneni bokusebenzisana nomuntu ebhizinisini.
SIDINGA ukugxila ekuphokopheleni ukugoma abantu abadala abawu-70% kuya ku-80% ezweni. Emazweni osekwenzekile loku, isibalo sabantu abalaliswa esibhedlela nabafayo sehlile kakhulu ngisho nangeziqubu lapho ukutheleleka kwabantu bekunyuka khona.
NGENHLANHLA lapha eNingizimu Afrika uma sikhuluma ngomgomo (weCOVID-19), abantu abaningi bayakubona ukubaluleka kwawo. Yebo, nathi njengamanye amazwe sinabo labo bantu abangahambisani nawo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yokusetshenziswa komhlaba wasemakhaya, ikakhulukazi ngabantu abamnyama.
KUBE nenqubekelaphambili enkulu ethinta olunye ushintsho osekunesikhathi iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ilukhankasela. UmNyango wezokuMbiwa Phansi namaNdla ushicilele ngokusemthethweni umthetho omusha, okuwu-Schedule 2 womthetho olawula ugesi i-Electricity Regulation Act.
KULE ngosi ngithanda sibheke iphutha abanye abantu abalenzayo uma bengena ebhizinisi. Leli phutha yiphutha lokuthi umuntu angayibhekisisi imigomo ehambisana nebhizinisi afuna ukuliqala.
KULE ngosi ngifisa sibheke le ngxenye yamathalente esinawo kodwa esingacabangi ukuthi angasenzela imali. Enye yezinto esizenzayo njengabantu abacathulisa abanye wukuvundulula ithalente noma amathalente umuntu anawo futhi angawasebenzisa ukuqala ibhizinisi, aziphilise ngawo.
WAZE wasinyakazisa uJulayi eNingizimu Afrika. Sibophe owayengumengameli wezwe, savimba abebezama ukuqumba phansi izwe kanti manje sesinamacebo acacile azolekelela ukubhekana nomphumela wodlame nokutapa, hhayi nje okwesikhashana kodwa nangomuso. Lawa ngamacebo athembisa ikusasa elingcono okuzokhula kulo umnotho.
KULE ngosi ngithanda sibheke ukuthi kubaluleke ngani ukukhuthaza abasebenzi bakho ngokwakha ubudlelwano phakathi kwezisebenzi, phecelezi i-teambuilding.
UKUVUSELELA izakhiwo ezicekele phansi KwaZulu-Natali naseGauteng kuzodinga izinhlelo ezihlukene zikahulumeni nemboni yamabhizinisi ezimele. Kunezinkulungwane zamabhizinisi amancane okuphelile ngazo kanjalo nezinkampani ezinkulu.
NJENGOBA amaphaphu esethe ukwehla ezweni, namhlanje ngithanda sibheke isihloko okuthiwa phecelezi yi-design thinking. Sisho indlela ethile yokucabanga ukuze uqhamuke nesisombululo enkingeni ongba nayo ebhizinisini.
SEKUPHELE isikhathi esingaphezu konyaka manje siphila nobhubhane iCOVID-19 kanti leli sonto eliphelile selisilethele inkinga entsha – izibhelu ebezithe chithi saka.
NGESONTO elidlule ngithinte indaba ebucayi yokucekelwa phansi kwempahla nomnotho ikakhulukazi KwaZulu-Natali naseGauteng. Siyabonga ukuthi izibhelu ebezikhungethe lezi zifundazwe sezithe ukudamba. Manje-ke yini esibhekeke ukuthi siyenze ukulungisa isimo?
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami igobhoza igazi ngezenzo zobelelesi nokulinyazwa kwempahla esizibone KwaZulu-Natali naseGauteng. Sesivaleleke ezindlini njengeziboshwa ezweni lobabamkhulu. Okubuhlungu kakhulu wukuthi umnotho waseNingizimu Afrika usuwile futhi kusazoba nobubha nokukhala nokugedla kwamazinyo okukhulu.
NGIVAME ukuthi indaba ayikho ekuqineni kwamandla erandi kodwa isuke ilele emalini yakwamanye amazwe esihlale sibheka ukwehla nokwenyuka kwayo.
NGISHILO ngesonto eledlule ukuthi ukunqunywa kwesikhathi esithile sokuvalwa kwezwe kukhombisa ukuthi uhulumeni ucabangisisile ukuze abhalansise ubungozi nemihlomulo yemizamo ehlukene. Loku kungcono kunokuvalwa kwezwe okunganqunyelwe sikhathi, okuvele kuvale amabhizinisi ngisho kungasabhekwanga ubungozi bawo nemiphumela yaloko kuvalwa.
UKUSHINTSHWA kwemigomo yokusebenza kwezamabhizinisi ngenxa yesiwombe sesithathu seCOVID-19 kubeka iNingizimu Afrika, i-Afrika nomhlaba wonke kwenye ingcindezi ebingalindelekile kwezomnotho, ikakhulukazi emabhizinisini amancane ezweni.
IMPI yobhubhane iCOVID-19 iyonqotshwa ngokuthi kugonywe abantu ngokushesha. Ngesonto eledlule umNyango wezeMpilo nobambisene nabo bakwazile ukunyusa amasokisi kulolu hlelo futhi ngiyabancoma.
KULE ngosi ngifisa sibheke indaba yomthetho wobunikazi kwezamabhizinisi, phecelezi i-intellectual property law.
UDkt uJabulane Albert Mabuza ubewumphathi wami! Samncenga, wagcina evumile ukuba yinxusa losomabhizinisi bonke ngokuba wumengameli weBusiness Unity South Africa (iBUSA), weCEOP Initiative nosihlalo weBusiness Leadership South Africa (iBLSA).
NGOMSOMBULUKO sivalelise enye yezingqalabutho zamabhizinisi, neyake yaba wusihlalo weBusiness Leadership South Africa (iBLSA), uMnu uJabu Mabuza. UMabuza usize ukuthi osomabhizinisi babe nezwi ngesikhathi sokugwamandwa kombuso.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent