Ibhizinisi lidinga umholi okwazi ukuqhamuka nezisombululo ezintsha, hhayi odla ngoludala, kuloba uNtokozo Biyela

NJENGOBA amaphaphu esethe ukwehla ezweni, namhlanje ngithanda sibheke isihloko okuthiwa phecelezi yi-design thinking. Sisho indlela ethile yokucabanga ukuze uqhamuke nesisombululo enkingeni ongba nayo ebhizinisini.

Uma sibheka esikhathini samanje sizobona ukuthi inkinga enkulu ebhekene nezinkampani wukuba nabaholi abanamava abonakalayo uma kudingeka baqhamuke nesisombululo ngenxa yenkinga esuke ivelile, phecelezi i-crisis management

Kubonakele ukuthi amabhizinisi amaningi abhekene nenkinga yokuthi uma izinto zingahambi ngendlela awazi ukuthi kufanele athatheni ayihlanganise nani. Sikubonile loku kakhulu ngenkathi kuqala ubhubane iCOVID-19 nangesikhathi sezibhelu emasontweni amabili edlule KwaZulu-Natali naseGauteng.

Kucacile ukuthi abaholi abaningi abakaze baqeqeshelwe ukuhola uma isimo silukhuni noma uma izinto zingahambi kahle. Loku kungenxa yokuthi iningi lezimenenja azibona abaholi abakwazi ukusabalalisa umqondo bacabange ngendlela eqhamuka nezisombululo.

Le nto ingikhumbuza umdlalo webhayisikobho owawudume ekuqaleni kweminyaka yangama-1980 iNyakanyaka. Kulo mdlalo kunendawo lapho umnikazi webhizinisi ephuma emsebenzini etshele unogada ukuthi angavumeli muntu nhlobo ukuthi angene kule nkampani njengoba esehamba.

Kwenzeka-ke ukuthi umqashi akhohlwe yizinto ayezozidinga ekhaya njengoba kwakuzoba yimpelasonto, wase ebuyela emsebenzini. Wathi efuna ukungena ukulanda izinto, unogada wala waphetha ukumngenisa.

Khumbula njalo ukuthi owayefuna ukungena kwakuwumqashi kepha noma kunjalo unogada wala waphetha, wama ngokuthi umqashi qobo uthe angavumeli muntu angene kuze kube uMsombuluko.

Empeleni unogada wayeqinisile. Wayelandela  imiyalelo yomqashi wakhe kodwa inkinga wukuthi manje lo mthetho owawubekwe uyena umqashi wase ushaya yena uqobo. 

Ngizama ukuthini ngalesi sibonelo? Ngizama ukuthi iningi lezimenenja esinalo liwuhlobo olufana nalo nogada, lihamba ngomthetho osuke ubekiwe. Imvamisa alikwazi ukusabalalisa umqondo.

Esikhathini samanje, njengoba ngike ngabalula kwenye ingosi emasontweni edlule, sidinga uhlobo lwabaholi olungamavulandela, abaholi abakwazi ukucabanga ngesimo esithile singakenzeki bese beyasihlelela ukuze singabazumi. Loku kudinga ukuthi uma kunenkinga ebhizinisini, babe nendlela efanele abazoyisebenzisa ukuyisombulula. Le ndlela yiyona esiyibiza ngokuthi wumkhombandlela wokuletha isisombululo ehambisana ne-design thinking.

Ifuna ukuthi ngaphambi kokuthi uze nesisombululo, kumele uqale uthole ukuthi empeleni yini inkinga. Loku kusho ukuthi kufanele ucubungule kabanzi ukuthi yini edingwa wumthengi wakho noma hlobo luni lomkhiqizo aludingayo. Emva kwaloko ukwazi ukuyichaza leyo nkinga osuyibonile ngemva kokucubungula ulwazi olutholile.

Ngemva kwaloko kufanele ube nesisombululo esizobhekana ngqo naleyo nkinga ibhizinisi elibhekene nayo. Kungaba inkinga yebhizinisi noma ebhekene namakhasimende. Kufanele leso sisombululo bese sihlowa ukuthi siyasebenza yini. 

Kuyobe sekuthathwa imiphumela yalapho ibhekisiswe ukuthi ifanele yini, iyakwazi ukusombulula inkinga. Emva kokuthi abaqhamuke naleso sisombululo sebenelisekile ukuthi siwumanqoba, babheka indlela abazosabalalisa leyo ndlela yokwenza enkampanini yonke noma emakhasimendeni.

Le ndlela ibhekana ngqo nezidingo zamakhasimende, hhayi ezenkampani. Ngaleyo ndlela yenza isiqiniseko sokuthi inkampani inikeza amakhasimende loko akufunayo, hhayi into ecabanga ukuthi amakhasimende ayayifuna. 

Le ndlela yokucabanga yenza kube lula ukufinyelela esisombululweni ngale kokuqagela ukuthi ngabe yini amakhasimende ayifunayo.

Nawe-ke mfundi wale ngosi ngiyafisa ukuthi usebenzise le ndlela yokuletha izisombululo ezinkingeni ohlangabezana nazo ebhizinisini. Ngaleyo ndlela uyohlale unika amakhasimende loko akufunayo.  

  • UBiyela uwumeluleki wamabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page