Kuntwela ezansi ngokuvuka komnotho uma sizoyibamba kanje ngohlelo lomgomo, kuloba uBusi Mavuso

SIDINGA ukugxila ekuphokopheleni ukugoma abantu abadala abawu-70% kuya ku-80% ezweni. Emazweni osekwenzekile loku, isibalo sabantu abalaliswa esibhedlela nabafayo sehlile kakhulu ngisho nangeziqubu lapho ukutheleleka kwabantu bekunyuka khona.
Yiloko esikudingayo ukuze kubuye ithemba, kuphele ukuvalwa kwezwe ukuze izinkampani zigxile ekuvuseleleni umnotho. Izibalo ezimbi zokuntuleka kwemisebenzi eziphume ngesonto eledlule ziphinde zakugcizelela ukuthi loku kuyaphuthuma.
Ngiyawuncoma umNyango wezeMpilo ngokukwazi ukugoma abantu abawu-240 000 ngesonto eledlule, nokuyisibalo esiphezulu kunamazwe afana ne-Israel ne-United Kingdom, okungamazwe asegome abantu abaningi. Izinkampani sezivulile kanti impilo isibuyele kwejwayelekile. Inqubekelaphambili yomNyango wezeMpilo isinika ithemba sonke ukuthi nathi sibheke lapho.
Izibalo eziphezulu ngesonto eledlule zidalwe wukuthi sekuqalile ukugonywa kwabantu abaneminyaka engaphezu kwewu-18. Loko kunyuse izibalo futhi sidinga ukwenza konke okusemandleni ukuqhubeka sigome lesi sibalo sabantu. Zimbili izinto ezidingekayo ukufeza loku: wukuphucula indlela umgomo otholakala ngayo nokuqhamuka nento ezokhuthaza abantu ukuthi bagome.
Ukwandisa ukuthola komgomo kuzoba nzima kakhulu njengoba uhlelo luqhubeka – iNingizimu Afrika inezindawo eziningi okunzima ukufinyelela kuzona. UmNyango wezeMpilo usuvele usebenzisa izikhungo zokugoma ezingomahambanendlwana futhi zizobaluleka.
Udaba lokuba nento ezokhuthaza abantu luzosusa umsindo. INingizimu Afrika ayifani namanye amazwe aphoqayo ukuthi bagome ngisho nemigomo ehlenga impilo njengowesimungumungwane.
Emhlabeni izinto zenziwa ngenye indlela. Uma singenza isibonelo ngeFrance, ayibavumeli abantwana abangagomile ukuthi bafunde ezikoleni zikahulumeni. Abake bahambele amazwe e-Afrika bayazi ukuthi amazwe amaningi adinga isitifiketi sokuthi uyigomelile i-yellow fever. Umgomo weCOVID-19 usuvele ufana nemvume yokuhambela amanye amazwe, kunzima ukuya phesheya uma ungagomile. Kodwa akugcini nje ngokuvakasha, ubufakazi bokuthi ugomile sebuyadingeka ezindaweni zokudlela kusukela eNew York kuze kuyoshaya eGreece.
Ukwenza into efana nalena kuyodinga ukuthi uhlelo lwethu lokugoma lube nendlela yokuveza ubufakazi kulabo asebegomile. Ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqinisekisa loku, nokuyindlela okwenziwa ngayo kwamanye amazwe, imqoka. Loku kungaba wukunikeza abantu ulwazi lwabo lwezempilo kanti ngokwemigomo kumele kube yinto elula. Kumqoka ukuthi kube wuhulumeni ohamba phambili kuloku.
Imigomo yomphakathi ingalekelela kube nendlela yokugqugquzela umphakathi kanti nemboni ezimele ingakwenza lokhu. Abaqashi abaningi bayazeseka izisebenzi ukuthi zithole umgomo. Abanye abaqashi bangenza ukugoma kube yimpoqo, ikakhulukazi uma kuwukuthi izisebenzi zixhumana nomphakathi njengasezindaweni zokudlela nalapho futhi zisebenza khona zisondelene.
Izinkampani zinelungelo futhi lokulawula ukungena kwabantu, njengoba zingakwazi ukuphoqa ukuthi izisebenzi ezixhumana nomphakathi zigome, zingawaphoqa amakhasimende asondele ezisebenzini zawo ukuthi agome. Njengoba luqhubeka uhlelo lokugoma ngilindele ukuthi izinkampani ziqinise isandla ngokufuna ukuthi amakhasimende nezisebenzi bagome.
Siyazi-ke kuzoba khona impikiswano ngaloku. Labo abangafuni ukugoma bazothi yilungelo labo kodwa kepha yilungelo lethu sonke ukuzivikela engozini ekhona ngenxa yabantu abangagomile nokuthi senze konke esingakwenza ukufinyelela esibalweni esidingekayo sokugoma abantu ukuze impilo ibuyele kweyejwayelekile.
Ukuphela kokuvalwa kwezwe ngenye yezinto ezimqoka emizamweni ekhona yokuvuselela umnotho. Lena yinto ezosiza ukuguqula le nkinga yokuntuleka kwemisebenzi, ivuselele umnotho futhi ilungise izinkinga zomnotho zezwe lethu.
Kukhona nezinye izinto ezimqoka njengokuguqulwa kwezinhlaka zomnotho osomabhizinsi nohulumeni asebenesikhathi bezisebenza. Lezi ngezinye zezinyathelo okumele zithathwe. Kodwa nginethemba lokuthi ibambe ngakho ngokohlelo lokugoma abantu nanoguquko oludingekayo emigomweni yomnotho. Kumele sonke sisebenzele ukuthi siqhube ngalolu nyawo, okungenani ngokuthi sigome.
Izibalo zokungasebenzi kwabantu zekota yesibili ezikhishiwe zikhombisa ukujula kwezinkinga emnothweni wethu. Kudingeka umnyakazo osheshayo kuwona wonke umuntu ukulungisa lesi simo. Okukhathaza kakhulu wukuthi ngabantu besifazane abamnyama abathinteke kakhulu. Isibalo sabesifazane abamnyama abangasebenzi siwu-41%, abelungu sibe wu-8%, wu-22.4% amaNdiya kuthi amaKhaladi wona abe wu-29.9%.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa