Ubhekana kanjani nokuqondiswa kwezigwegwe, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi uwusomabhizinisi ubhekana kanjani nendaba yamacala enkampanini yakho. Yiziphi izinyathelo okumele uzilandele uma kunecala ukuze liphathwe ngendlela efanele?
Uma kunecala elithile emsebenzini kufanele siqaphele njalo ukuthi uma kuqondiswa izigwegwe kusuke kungelona ithuba lokuxosha umuntu zisuka nje amadaka. Njengoba negama lisho, kusuke kuqondiswa izigwegwe ukuze lowo owonile angaliphindi iphutha.
Kunezinyathelo ezibalulekile okufanele zithathwe uma kuzoqondiswa izigwegwe. Kufanele leso sehlakalo sihlolisiswe ngaphambi kokuthi kuqale ukuqondisa izigwegwe. Kufanele kutholakale ubufakazi. Kufanele kukhulunywe nabo bonke ofakazi abebekhona ngenkathi isigameko senzeka.
Kufanele kubuzwe imibuzo efanele, kuthi uma kufika isikhathi sokuthetha icala kwendlalelwe ngokuthi njengoba osuke ebiziwe kungani ezithola esesigcawini sokuthetha icala.
Ofake icala kumele anabe ekuletheni bonke ubufakazi ukuze umehluleli ezozwa konke mayelana necala. Nofakazi kudingeka baphekwe ngemibuzo ukuze ofake icala akwazi ukuveza ubufakazi obunzulu.
Uma kuwukuthi obekwe icala akahambisani nesinqumo esithathiwe, unelungelo lokudlulisela isinqumo ukuze sibuyekezwe. Ngiyazi sengihambe kakhulu, omunye mhlawumbe uyazibuza ukuthi yini ukuqondiswa kwezigwegwe?
Ukuqondiswa kwezigwegwe kuhambisana nokulandela imithetho yenkampani noma ukuba khona kobulungiswa noma ukujeziswa ngokuphuma emgqeni.
Omunye angazibuza ukuthi wubani kahle hle onegunya lokuqondisa izigwegwe? Kuya ngokuthi osuke enze iphutha ungaphansi kwesandla sikabani. Kungaba wumphathi ophethe lapho kusebenza khona owonile, okufaka ngisho nezinduna.
Ama-shop steward noma izinyunyana azigondisi izigwegwe enkampanini lapho zimele izisebenzi khona.
Ukuqondiswa kwezigwegwe kuhlukene kabili. Kukhona ukuqondiswa kwezigwegwe kokubuyisa umuntu emgqeni. Loku akusho ukujeziswa bese kuba khona ukuqondiswa kwezigwegwe ngokujeziswa kanzima ukuze nabanye abenza iphutha bazi ukuthi awulenzi iphutha elifana nalelo.
Ake senze isibonelo. Kungenzeka ukuthi isisebenzi esithile izinga laso lokusebenza alisekho ezingeni elifanele. Kwenye inkathi abaphathi noma izinduna banomkhuba wokukushaya indiva loku, bahlalele ethembeni lokuthi ngokuhamba kwesikhathi leso sisebenzi sizolikhuphula izinga noma isimo sizozilungela.
Abanye ngenxa yokuthi osuke esephutheni uyintandokazi kubona, bathi kungcono ayoqeqeshwa ukuze kulunge izinto. Kodwa uma kuyisisebenzi esinyamanambana kuthiwe asixoshwe. Kwezinye izinkampani isisebenzi siyasuswa siyiswe komunye umnyango noma sinikwe isikhundla esithile ukuze sisuke lapho kade senza amaphutha khona.
Kukaningi sikubona loku kwenzeka ezinhlanganweni zepolitiki nakomasipala. Umsebenzi enze iphutha kodwa esikhundleni sokuthi aqondiswe izigwegwe, bavele bamfudukise, abonakale esevumbuka komunye umnyango kahulumeni noma komunye umasipala.
Baningi nabanye othola ukuthi izinga labo lokwenza umsebenzi selehlile ngenxa yokuthi banokhwantalala kodwa uthole ukuthi emsebenzini abanakile ukuthi isizathu wukugula. Kungaba noma yiluphi uhlobo lokugula, okusho ukuthi uma sekuhlolisiswa icala kufanele izimo ezifana nalezi zicutshungulisiswe.
Isikhathi esiningi siye sibone ukuthi akuvamisile ukuthi abantu asebehlelwe yizinga lokusebenza baxoshwe ngoba isikhathi esiningi kusuke kunesizathu esithile okufanele uma kucutshungulwa kufinyelelwe emnyombweni waso.
Kungenzeka ukuthi isisebenzi sinenkinga yophuzo oludakayo, siphazamisekile emqondweni, sinezinkinga zomshado, izinkinga emndenini, siyagembula, sinezinkinga zezezimali noma sinokhwantalala.
Okubalulekile wukuthi kufanele wena mphathi wenze isiqiniseko sokuthi ubhekana nazo zonke izinkinga ezimayelana nokuqondiswa kwezigwegwe zisencane, ungalindi zize zibe nkulu. IsiZulu sithi awalindwa amathonsi abanzi.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi enkampanini yakhe, iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela