Okumele ukuqikelele uma usungula ibhizinisi nosondelene nabo, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile okufanele uziqaphele uma ungena ebudlelwaneni bokusebenzisana nomuntu ebhizinisini. 

Isikhathi esiningi abantu abaningi bangena kwezamabhizinisi ngokobungani bese bekhohlwa yimigomo, imithetho nemibandela okufanele bayilandele uma bengena kulobo budlelwano. Ningizwe kahle, alikho iphutha uma abantu bezwana befuna ukusebenzisana ngokwebhizinisi kodwa akufanele kube wukuthi abantu bazongena kulobu budlelwano ngenxa yobungani kuphela. Lelo yiphutha elikhulu kakhulu okufanele ligwenywe ngazo zonke izindlela.

Sike sakhuluma kuyo le ngosi ukuthi ibhizinisi lakhiwe yizinhlaka eziningi ezenza ukuthi ibhizinisi lihambe kahle. Uma lezo zinhlaka zingamile kahle, kusho ukuthi nebhizinisi ngeke lihambe kahle. Kanjalo-ke nasebudlelwaneni bebhizinisi kubalulekile ukuthi uma abantu ababili noma abathathu noma bebangaki bevumelana ukuqala ibhizinisi, kumele kwaziwe ukuthi umuntu nomuntu uphetheni esandleni. Yini ikhono oza nalo kuleli bhizinisi enilisungulayo ngoba ubungani bubodwa abuthi shu uma sekumele kwenziwe umsebenzi.

Abusebenzi nhlobo ngoba uma ikhono ungenalo uzogcina usuwumthwalo kumlingani wakho enivumelene naye ukuthi nizosungula ibhizinisi. Yilapho ukungaboni ngaso linye kuqala ukuba khona ngoba omunye phakathi kwabalingani uvele ezwe esesindwa kanti yonke into ibiqale kahle kuvunyelwene ukuthi kuzobanjiswana. Manje uma sekufanele zibuye sekuba khona ozoqhetha.

Leso kuba yisiqalo esingeke siphethe kahle. Yingakho-ke kuye kube kuhle ukuthi nobabili noma nonke nize namava ahlukile noma nifake imali elinganayo uma nizoqala ibhizinisi ukuze ibhizinisi likwazi ukusimama. Ake ngenze izibonelo ezimbalwa. 

Ake sithathe ukutshala imali kanje. Uma kuwukuthi nivumelana ngokutshala imali kumele ukuthi uma nizohlukanisa ubunini bebhizinisi phakathi nendawo, kuthi lowo nalowo atshale imali ewuhhafu waleyo okuvunyelwene ngayo. Uma kuwukuthi kuvunyelwene ngengxenye ethile eyisigamu sobunini, lowo nalowo uzotshala imali elingene leso sigamu.

Uma kuwukuthi kuziwa ngamakhono, kuzomele kwenziwe isiqiniseko ukuthi anizi namakhono afanayo, ngaphandle uma kuwukuthi ayadingeka kakhulu njengasemkhakheni wobudokotela nje noma ubunjiniyela uma kuzokwenziwa imisebenzi emikhulu. Kungakuhle kodwa uma kuthiwa omunye uba wunjiniyela, omunye uba wumgcinimabhuku. Loku kwenza isiqiniseko sokuthi kukhona obhekelela izinto ezihambisana nobunjiniyela, omunye ubheka ezihambisana nezimali.

Kuyothi-ke uma kukhona namanye amakhono eniwadingayo bese niqasha labo bantu abanawo lawo makhono eniwadingayo enkampanini. Kuyiphutha elikhulu ukuthi njalo nje kusetshenziswe ubungani bodwa uma kuhamba ngezikhundla ngoba lapho ngeke kube khona ukuhloniphana, ngaphandle uma ngempela abantu bezoqikelela ukuthi bahlonipha umsebenzi nemigomo ehambisana nomsebenzi.

Uma kwenzeka ukuthi niyavumelana mayelana nokusebenzisana noma ukuvula ibhizinisi, ngaphandle nje kokuthi nobabili nizobe nibhaliwe emaphepheni ukuthi ningabaphathi bebhizinisi, kuhle nenze isivumelwano nje eceleni senu njengabaholi bebhizinisi ukuthi yimiphi imigomo enizosebenzisana ngayo noma phezu kwayo.

Kumele zonke izinto enizicabangayo nenizifisayo nizibhale phansi, niqophe zonke izinto eningeke nahambisana nazo noma nizibekezelele ebhizinisini nasebudlelwaneni benu. 

Ningagcini lapho. Kumele nibhale phansi nokuthi yiziphi izisombululo enizoza nazo uma kuwukuthi nihlangana nenkinga ebeka ibhizinisi lenu noma ubudlelwano benu engcupheni. Loku kwenza ukuthi nazi njengabalingani ukuthi iyiphi indlela enizosebenza ngayo zisuka nje futhi iyiphi indlela eningeke nisebenze ngayo.

Loku kwenza ngisho sekuba khona umuntu ofuna ukufaka umoya wezikhova phakathi kwenu kungabi lula, ngoba yonke imigomo niyibhale phansi. Kuhle futhi ukubhala phansi yonke imigomo enizosebenza ngayo ebhizinisini ukuze kuthi uma kukhona phakathi kwenu ofayo kube khona into noma amaphepha akubeka kucace ukuthi kwavunyelwana ngami.

Loku kusiza nikuthi kungabi khona imibango kulabo abasele ngoba becabanga ukuthi banelungelo emafeni noma ezintweni zebhizinisini. Okubaluleke kunako konke ebengifisa ukukuqhakambisa wukuthi kuhle ukuba nesivumelwano esibhalwe phansi uma usebhizinisini.

  •  UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi abancane ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page