Asiqhubeke sibambisane ekugomeleni iCOVID-19 ukuze sizovuselela umnotho wethu, kuloba uBusi Mavuso

NGENHLANHLA lapha eNingizimu Afrika uma sikhuluma ngomgomo (weCOVID-19), abantu abaningi bayakubona ukubaluleka kwawo. Yebo, nathi njengamanye amazwe sinabo labo bantu abangahambisani nawo.
Kodwa yize kunjalo kuyigxathu elimqoka ukuthi wonke umuntu omdala usengakwazi ukugoma manje. Loku kusho ukuthi bayanda abantu abazokwazi ukuzivikela futhi bavikele nomphakathi.
Iqiniso liyaziwa, mancane amathuba okuthi abantu abagomile batheleleke, bafafaze leli gciwane nokuthi bagule kakhulu uma kwenzeka belithola. Loku kumqoka ekuvuseleleni umnotho yonke indawo.
Kodwa esikubonayo wukwanda kwenkinga yokuthi mningi umgomo esinawo kunesibalo sabantu abawusebenzisayo. Izikhungo zokugoma zishaya umoya ekubeni besebaningi abantu okufanele ngabe bayagoma. Ukuthola umgomo kuseyinkinga kodwa hhayi oqhamuka kwamanye amazwe kodwa ukuze ufinyelele ebantwini okungaba yisezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.
Ucwaningo luveza ukuthi ukhona umehluko esibalweni sabantu abazimisele ngokugoma. Olunye olwenziwe yi-University of Johannesburg ngesonto eledlule luveze ukuthi izinga lokwamukelwa komgomo ngoJulayi lithuthukile lafinyelela ku-72%, lisuka ku-67% ngoDisemba nyakenye.
Ucwaningo olufanayo olwenziwe yiNIDS CRAM lukhombise ukunyuka kokwamukelwa komgomo kusuka ku-71%, kwafinyelela ku76% phakathi kukaMashi noMeyi kulo nyaka.
Izibalo eziqhamuka kwamanye amazwe emhlabeni ziyaphikisana. Olunye ucwaningo luveze ukuthi eChina ukwamukelwa kuwu-90% ekubeni eRussia kuwu-55%, okukhombisa kona ukuthi asisodwa. Nokho okucacile wukuthi sidinga bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagome, nokuyiyona nto ezosisiza ukuthi impilo ibuyele kweyejwayelekile.
Ukufundisa nokwazisa abantu kuyingxenye yesisombululo futhi kumqoka ukuthi abantu abangosaziwayo bagququzele ukugoma emphakathini. Sidinga ukusebenza namabandla, izinyunyana, izinhlangano zomphakathi nabanye ukugqugquzela abantu ukuthi bagome.
Abaqashi nabo baneqhaza okumele balibambe ngokwenza kube lula ukuthi izisebenzi zabo zithole ulwazi futhi zifinyelele ezikhungweni zokugoma. Kumele sigqugquzele wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuthi agome.
Siyawubona umvuzo osilindele – ukuvulwa komnotho ngokupheleleyo. Ukubuya kwemicimbi enabantu abaningi njengezemidlalo nezokungcebeleka. Loku sekuvele kuyenzeka emazweni lapho sekugonywe khona isibalo esanele sabantu, imvamisa okuwu-70% wezwe.
Sinomsebenzi omkhulu osihlalele wokukhulisa umnotho ukuze kuzobuya imisebenzi nentela esilahlekele ngenxa yalolu bhubhane. Emva kwaloko sizobe sesibhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi nobubha. Izibalo ezintsha zokungasebenzi kwabantu ziyaphuma kuleli sonto (isibalo sabangasebenzi sesiwu-34.4%).
Ziningi izinto esidinga ukuzenza ukukhulisa umnotho. Zikhona ezinye esesizenzile njengomthetho ovumela izinkampani ukuthi zizikhiqizele ugesi owu-100MW ngaphandle kwelayisensi. Kodwa ukugoma kwabantu kumqoka kulokhu – ithemba ngomnotho lizoloku lintekenteke uma sisasebenza izwe livaliwe.
Nakuba kwaqale kwabheda uhlelo endleleni esaqala ngayo uhlelo lokugoma abantu kodwa manje izinto seziqhubeka kahle. Uhulumeni usebenza kanzima ukufinyelelisa umgomo ebantwini okunzima ukufinyelela kubona. Loku ukwenza ngezikhungo zokugoma ezindaweni ezifana nasemarenki amatekisi nangezikhungo ezingomahambanendlwana ezikwazi ukuya ezindaweni ezisemakhaya. Ngiyawuncoma umNyango wezeMpilo ngaloku.
Uhlelo lokugoma luwumphumela wokubambisana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele. Kunenqwaba yezinkampani ezisebenze kanzima ukuhlela izikhungo zokugoma lapho zisebenzela khona futhi zavumela umphakathi ukuthi uze kuzona ngokusebenzisana nomNyango wezeMpilo. Lezi yizinkampani ezifana nezimayini. Ngokubambisana kuningi esingakwenza futhi masinyane.
Siyavumelana ngaloku – ukuphumelela kokugonywa kwabantu kumqoka ekuvuseleleni umnotho ozokondla bonke abantu baseNingizimu Afrika.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa