ICOVID-19 ishintshe impilo unomphela, kuloba uNtokozo Biyela
UKUHLASELA kwegciwane iCOVID-19 kulimaze ezomnotho ngendlela engakaze ibonakale, ngaphezu kwaloko kanti vele njengezwe besingena kwinzikamnotho.
Sithe sisabheke loko kwabuya nomngani wethu omkhulu ebese kudala samkhohlwa – ukucinywa kukagesi ngezikhathi ezithile ukuze kongiwe amandla kagesi ezweni lonke.
Le ngxubevange yezinkinga ihlangene ikhombisa ngokusobala ukuthi sisenkingeni engakaze ibonakale, hhayi kuphela njengezwe kodwa umhlaba wonke. Ukubhebhetheka kobhubhane iCOVID-19 kwenze ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika athathe isinqumo sokuvala izwe ngokwezigaba ezahlukene njengoba enzile amazwe amaningi omhlaba.
Loku kusho ukuma nse kokusebenza kwezimboni. Kwaphinde kwasho ukuthi nokukhiqizwa kwezimpahla ezivela emazweni angaphandle nako kume nse ngoba zonke izinto zokuthutha impahla ezifana nemikhumbi, amabhanoyi namaloli bekungavunyelwe ukuthi kungene noma kuphume emazweni ngamazwe.
Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika singu-30.1% kanti ukuma nse komnotho nokukhiqiza izimpahla ezisetshenziswa wumphakathi kusho ukulimala ngendlela engakaze ibonakale kosomabhizinisi abancane okuyiwona mkhakha okuthiwa uqashe umthamo wabantu omkhulu abenza isibalo sezisebenzi ezweni kuleli.
Ongoti kwezomnotho bahlawumbisela ukuthi lesi sibalo sabantu abangasebenzi kulindeleke ukuthi sinyuke sifinyelele ku-40%. Loku kusho ukuthi sisazobona inqwaba yamabhizinisi amancane namakhulu ewa ngenxa yokungabi nawo amandla okuqhubeka nokusebenza akhiqize izimpahla noma ukunikeza ulwazi emikhakheni ethile.
Loku kusho ukuthi sisazobona olunye ubhubhane lokudilizwa kwabantu emisebenzini kanti futhi iningi lezinkampani seliqalile ukunciphisa imiholo yabasebenzi ngenxa yokuzama ukuthi zisimame kulesi simo senzikamnotho esibhekene naso. Nokucishwa kukagesi ngenxa yokuzama ukonga ezweni lonke okwavela ngenxa yokungaphathwa kahle kwenkampani ephehla ugesi u-Eskom kuvele kwakhwezela umlilo.

Izinkampani eziningi sezithathe isinqumo sokuthi abasebenzi bazo basebenzele emakhaya besebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje. Loku kusho ukuthi wena osebenzayo kufanele ukuthi ube sendaweni enogesi ngaso sonke isikhathi kanti futhi ube nendathane ye-data ukuze ukwazi ukuthi usebenzela ekhaya kodwa uxhumane nabalingani ehhovisi noma ngabe yikuphi la bekhona.
Ukunqamuka kukagesi kusho ukuthi uma usekhaya uzithola ususenkingeni ngoba uma ungekho ugesi kuphazamiseka imibhoshongo eletha ezokuxhumana ngakini kanti futhi uma kwenzekile wakhohlwa ukushaja umakhalekhukhwini noma i-tablet isikhathi esiningi uzithola ungasakwazi ukwenza umsebenzi okufanele uwenze.
Lezi ngezinye izinto ezenza ukuthi izinkampani zizithole kufanele zithathe isinqumo sokudiliza abantu abenza uhlobo lomsebenzi eziluthatha njengolungabalulekile.
Kuningi okuguqukile empilweni esiyiphilayo ngoba kwakona ukusebenzela ekhaya bekungelulula ngenxa yokuthi njengoba nezingane zikezamiswa esikoleni nokuthi namanje ezinye azikafundi zonke izinsuku
nazo zidinga ukunakwa ngendlela yazo.
Manje sithola abazali abaningi bezithola begajwa wumsebenzi omningi okufanele bawenze, loko kusho ukunyuka kwezinga labantu abaphazamiseka ngokwengqondo ngenxa yokungakwazi ukumelana nobuningi bomsebenzi okufanele bawenze.
Kuningi okushintshile nokusazoshintsha, ziningi izimboni ezisazovalwa thaqa. Loko kusho ukulimala kwemindeni eminingi, kusho ukushintsha kwendlela okuphilwa ngayo. Loku kusho sukuthi ubani nobani aqale manje abophe ibhande ukuze akwazi ukumelana nesimo sempilo. Akusekho ukudla ngoludala, itshe seligaya ngomunye umhlathi manje. Kufanele siyisizwe senze izinto ngokucophelela kanti nohulumeni wethu kuyaphoqa ukuthi ashintshe indlela enza ngayo izinto.
Nohulumeni uqobo kuyaphoqa ukuthi abophe ibhande, okubaluleke kakhulu ukuthi alwe nenkohlakalo esisabalele kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, okuyiyo esiwubhubhane olubulala isizwe sakithi nokufika kwezinsiza emiphakathini yethu.
Kufanele njengesizwe nohulumeni sibambisane ukulwa nalesi sihlava nalolu bhubhane olusihlasela ngazo zonke izindlela. Uma singaguquli imiqondo yethu ukuze silwe nalesi simo esibhekene naso singase sizithole sikolunye ubishi esingeke sisakwazi ukuphuma kulo noma kuyosithatha iminyakanyaka ukuthi sibuyisele izwe lethu esimweni sezomnotho esizinzile.
UBiyela ungumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela