Zama imithombo eminingi yokungenisa imali ngoba siphelile isikhathi sokusebenzela inkampani eyodwa, kuloba uNtokozo Biyela

UKUFIKA ngokuzuma kwegciwane iCOVID-19 kudale inhlekelele kwezomnotho nokudideka ezizweni zonke. Kulethe nokuguquka kwemiqondo kwabaningi. Iningi belithembele emisebenzini yalo ekade liyenza iminyaka ngeminyaka ukuthi izohlale ikhona ingunaphakade nokuthi izoligcina  ize iye empeshenini.

Kucace bha ukuthi akunjalo ngoba iCOVID-19 isembule izinqe kwezomnotho, kwezamabhizinisi kanjalo nezinhlelo ebesikade sinazo ngenqubekela phambili yethu ezinkampanini esisebenza kuzona.

Sikhuluma nje sekunemisebenzi engasekho ngoba ayisadingeki, futhi kunemisebenzi eminingi emisha evelile ukuze ibhekane nezinkinga ezivezwe yilesi sifo.

Ngike ngakuveza eziqeshini ezimbili ezedlule ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi manje kuzona zonke izinhlaka zezomnotho, ezamabhizinisi nesikompilo uqobo lwalo. Loku kusho ukuthi nathi njengabantu abayingxenye yezomnotho kuyasiphoqa ukuthi siguqule indlela esicabanga ngayo ngempilo, ngemisebenzi namabhizinisi esiwenzayo.

Ngaphandle kokuphoqeleka kwethu sonke ukuthi siphile ngobuchwepheshe besimanje, sizithola sisezimweni lapho imisebenzi esiyenzayo ingasafaki imali eyanele ukuthi sifeze izidingo zethu. Uma kungenjalo sizithola siphoqeleka ukuthi sicabange eminye imisebenzi esingayenza eceleni ukuze sikwazi ukugcwalisa izidingo zasemakwethu.

Ngengesizwe saseNingizimu Afrika sizithola sinengcindezi yokungena shi kuloku okubizwa nge-gig economy, phecelezi isimo sokuzithola sibamba amatoho lapha nalaphaya ukuze sikwazi ukwenza imali ethe xaxa yokwenelisa izidingo zethu njengabantu.

Loku kusho ukuthi iningi lizozithola lisebenza imisebenzi emibili noma emithathu noma ukusebenzela inkampani ethile isikhashana kuze kuphele isivumelwano senkontileka, bese uyosebenzela enye futhi isikhashana enivumelane ngaso, noma ukwenza imisebenzi embalwa ngesikhathi esisodwa, loku okubizwa ngama-project.

Amazwe aphesheya afana no-USA namanye ase-Europe kudala aqala ukusebenza ngale ndlela. Loku yingoba kade bona baqala ezobuchwepheshe, okwenza impilo yabo ibelula bakwazi ukwenza eminye yalemisebenzi besebenzisa ubuxhakaxhaka bobuchwepheshe bezinkundla zokuxhumana. Kungabe uyazibuza ukuthi ngabe yini le misebenzi engikhuluma ngayo na?

Abaningi bakwazi ukuthi besebenzela inkampani ethile emini, babuye bayosebenzela enye inkampani amahora ambalwa ebusuku. Noma basebenze enkampanini ebaqashile emini, baphinde basebenzele emakhaya ebusuku behweba, bedayisa besebenzisa ubuchwepheshe. Baningi asebeqalile ukuzakhela udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokwenza izinhlelo zezinto abazithandayo bese bezifaka ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook, o-Instagram ne-YouTube.

Loku sekubenzele abalandeli abaningi ngale ndlela yokuthi izinkampani eziningi sezikhetha ukufaka izikhangiso zazo ezinkundleni zokuxhumana kunakwiTV. Babizwa ngama-influencer loku okusho ukuthi banewozawoza namandla okuheha noma ukuguqula indlela abantu abacabanga ngayo ukuze ekugcineni bagcine besebenzise noma bethenge le mikhiqizo abayikhangisayo. Loku kubenzela enhle imali le, kangangokuthi abanye babo sebeze bayeka ngisho imisebenzi ababeqashelwe yona.

Abanye sebethole ukuthi banamathalente okubhala izincwadi abangakwazi ukuzifaka ezinkundleni ezinjenge-Amazon ukuze zisabalale umhlaba wonke. Baningi nabanye asebezivulele inqwaba yamabhizinisi adayisa imikhiqizo enhlobonhlobo ezinkundleni zokuxhumana abazenzela itshe lemali. Iningi lalaba ngabantu besifazane abathenga izingubo zokugqoka esezike zasetshenziswa bese bezidayisela ngamanani aphansi.

Kungani ngibalula konke loku? Ngikubalula ngoba manje sesifike esikhathini lapho uwonkewonke kuzofanele azihlole, abheke ukuthi yimaphi amakhono anawo angakwazi ukuwasebenzisa ukwenza imali eceleni ngoba sekucacele noma wubani ukuthi imisebenzi iyaphela, amaholo ayancishiswa nemisebenzi iyaguquka. Awufuni-ke ukuba kulo mshungu ongamaphikankani elithi lona alisoze laguquka ezindleleni zalo zokwenza izinto.

Kungcono ukuthi ube kuleli qembu elithi “mina ngizimisele ukuvula umqondo wami ngisabalale ngokucabanga, ngihambisane nezinguquko ukuze ngifunde amakhono amasha, ngihambisane nesimo sesimanjemanje”.  

IsiZulu sithi  “isala kutshelwa, sibona ngomopho”. Musa ukufuna ukubona ngomopho. Shintsha s’thothobala, izinto sesishintshile manje, hambisana nesikhathi.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi enkampanini iMindset Shift Consulting.

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page