Ukubambisana yikona okuzosenza siphumelele singabantu abamnyama, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngifisa kesibheke udaba olubucayi lokuhluleka kwethu thina bantu abamnyama ukusebenza ndawonye. Sekuyiminyaka loku kuyisikhalo sami uma kuziwa ekuthuthukiseni amabhizinisi abantu abamnyama.
Isikhathi esiningi thina sithanda ukuba wodlayedwa ngoba iningi lethu linomcabango wokuthi impumelelo yonke kufanele ize kithina sodwana.
Uma ubuka ezinye izizwe, uzobona ukuthi ukuphumelelela kwazo kuncike ekusebenzeni ndawonye. Buka umhlaba wonke nje ubheke ukuthi yini ezinye izizwe ziphumelela kangaka. Uzobona ukuthi yingoba kukhona amaxhama okubambisana njengezizwe ukuze ziyise izizwe noma imindeni yabo phambili.
Uma nje uthatha amaJuda uzobona ukuthi noma ngabe umJuda ukuliphi izwe kodwa bonke baxhumene ngobuJuda futhi benza isiqiniseko sokuthi bayasizana. Yingakho ubona bengabanye babantu okungathi benza izinto zenzeke emhlabeni, baphethe yonke into kuyo yonke imikhakha nezimboni.
Udlule lapho uze kwabenkolo yobSulumane, uzobona ukuthi bona basebenzisa inkolo yabo ukuze benze amabhizinisi nosikompilo lwabo ukuthi bagcine izinto zingakubona. Umhlaba wonke yiyona nkolo okuthi njalo ngoLwezihlanu ihlabe ikhefu, amaSulumane avale izitolo, ayokhuleka. Uma enza loku awanaxhala lokuthi azobalekelwa amakhasimende.
Ayazi ukuthi amakhasimende abo azobalinda kumnyama kubomvu. Ake ngithathe umqondo wakho ngiwubuyisele emuva. Uyakhumbula kudala wawuthi uma uya ezindaweni ezidayisa ukudla ufice kunekhosombana elincane nje lapho abenkolo yamaSulumane babethenga khona ukudla oku-halaal? Wawuthi ngisho uya ezindaweni ezidayisa inkukhu njengoKFC ufice ukuthi bona benzelwa inkukhu yabo eceleni ngendlela ethile.
Ake ubheke kulesi sikhathi samanje ukuthi kusenjalo yini. Lutho. Uma ubheka izitolo eziningi ezidayisa ukudla, sekuyaphoqa ukuthi zenze ukudla kwazo ngendlela yenkolo yamaSulumane ngoba asebenzisa amandla awo omnotho nokubumbana ukuphoqa lezi zitolo.
Uma ungabheka eNingizimu Afrika uzobona ukuthi amaSulumane cishe awu-5% uma uqhathanisa namaKhristu, wona awu-80%, kodwa akwazi ukwenza abantu abayilelo nani ukuthi badle ukudla okwenziwe ngendlela yamaSulumane.
Angikho kakhulu enkolweni yabo kodwa ngizama ukukhombisa ukuthi ukuhlangana kwabo nobumbano lwabo kubanikeza amandla angakanani. Loku kusho ukuthi yonke inhlobo yenyama kufanele yenziwe ngendlela yenkolo yabo, okuphoqa ukuthi zonke izinkampani ezinamadela, noma ezenza imikhiqizo yenyama kufanele zikhokhele umthandazi wabo ozofika kuleyo mboni azokwenza umkhuleko wabo obalulekile ngaphambi kokuthi sihlatshwe isilwane.
Loku sekwenze nezinkampani eziningi zishintshe izindlela eziningi zokukhiqiza, kuthi imikhiqizo yazo ibe nophawu olukhombisa ukuthi umkhiqizo wenziwe ngendlela yobuSulumane. Uma thina mphakathi sithenga kunengxenye yemali ekhokhelwa iMuslim Judicial Council Trust. Cabanga-ke ukuthi mingaki imikhiqizo enalolu phawu.
Ngisasebenza kwenye yezinkampani ezinkulu ezenza isobho lapha eNingizimu Afrika kwasithatha iminyaka emibili golokoqo ukuthi siguqule yonke imikhiqizo yenziwe ngendlela yobuSulumane ngoba abenkolo yamaSulumane babesabisa leyo nkampani ngokuthi ngeke besayi-oda imikhiqizo yabo bayisabalalise ezitolo zabantu abamnyama, okuyimakethe enkulu yale mikhiqizo.
Nabenkolo yobuJuda imikhiqizo kuyaphoqa ukuthi ibe nophawu lwe-kosher ukuze bakhululeke bakwazi ukuyithenga. Uma kungenjalo ngeke ulinuke isenti labo.
Yingakho ngithi nathi bantu abamnyama amandla ethu okugwamanda umnotho wezwe nowomhlaba wonke alele ekutheni sisebenzisane ngokubambisana, ngoba bonke ubuchule bokwenza izinto bulele kithina, amandla okwenza imikhiqizo alele kithina.
Okufanele sikwenze wukuthi sicazelane umsebenzi ngoba sinawo amakhono futhi singakwenza kwenzeke. Kuyothi uma sesiguqule imiqondo yethu senza njalo, kuyoba yilona langa lapho soyibana khona ukuthi sinamandla angakanani.
Ukuphumelela kwethu kulele ekuguquleni ukucabanga kwethu. Okwamanje sizohlale sikhangezile ngoba sicabanga ukuthi sindinga ezinye izinhlanga ukuze senze izinto zenzeke. Cha, asikudingi konke loko. Sidinga ukubambisana nje qha.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela