Asisebenzise ulwazi esinalo ukwakha izimboni zethu, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngithanda sibheke isihlava esisabalele kithina bantu abamnyama sokuba novalo entanyeni. Emasontweni edlule sike sabheka indaba yokuthi kubaluleke kanjani ukuthi sisebenze ngokubambisana singabantu abamnyama.
Namhlanje ngifisa sibheke wena ke uqobo mfundi wale ngosi. Ake uzibuze ukuthi kungani usaba kangaka ukuqala into entsha, uyakhe ize ikhule ibe inkulu kodwa ube unalo ulwazi nesipiliyoni sokuyenza?
Uma ubhekisisa eNingizimu Afrika abantu abanamakhono amaningi angumangaliso yithina bantu abamnyama. Uma ungabuka umlando wokwakhiwa kwaleli zwe lonke njengoba lilihle kangaka uzoqaphela ukuthi yonke ingqalasizinda yakhiwa yizandla zabantu abamnyama. Uyabona ungahamba amazwe ase-Afrika wonke, alikho elinengqalasizinda efana nalena yaseNingizimu Afrika.
Uma sibheka emuva, singathi iyodwa vo into abacindezeli abayenza kahle. Kwaba wukwakha ingqalasizinda ethuthukile yezwe lethu. Noma yikuphi lapho uya khona uzothola ukuthi asikho isifundazwe noma amadolobha angaxhumene ngohlelo lwemigwaqo.
Uyakwazi ukusuka noma kusiphi isifundazwe uxhume imigwaqo ezokuthatha ikubeke lapho ufuna ukufinyelela khona. Loku kukhomba ngokusobala ukuthi kwahlalwa phansi kwahlelwa kahle nangobunyoninco ukuze izwe lethu libe ngelinye lamazwe ahamba phambili e-Afrika.
Konke loku kwakhiwa ngamandla ethu thina bantu abamnyama, ondlebezikhanyilanga babeza nolwazi bese besitshela ukuthi senzeni. Uma ngithi babesitshela, empeleni ngiqonde obabamkhulu okuyibona abakha leli zwe lethu.
Isihambile iminyaka; lonke ulwazi abasinika lona lusezandleni zethu manje. Pho yini eyenza sisabe ukulusebenzisa lolu lwazi olungaka esinalo?
Ake ubheke umakhi bese ubheka indlu ahlala kuyona. Iningi labakhi yilona elakha zonke izindlu eziyizithabathaba ezigcwele “esilungwini” kodwa yini eyenza ukuthi bangasebenzisi leli khono abanalo ukuzakhela izindlu ezifana ncamashi nalezi “ezisesilungwini”?
Nakomakhenikha kuyafana. Bakhanda izimoto ezibizayo kodwa ezabo zibe yimihlahlavu nje. Ngikusho loku ngazi kahle ukuthi imoto noma umuzi obizayo kudinga imali. Engizama ukukusho wukuthi ulwazi olunzulu lokwenza izinto lugcwele kithina bantu abamnyama kodwa ave sinovalo lokuzimela silusebenzise ukuthi lusenzele imali.
Uma uthatha ukubheka inqwaba yonjiniyela, odokotela nabacwaningimabhuku bakhetha ukusebenzela izinkampani ezaziwayo, bahole itshe lemali kodwa abacabangi ukuthi nabo ngelinye ilanga bazimele benze loku abakwenzela izinkampani ezinkulu bazenzele itshe lemali nabo. Yini ndaba? Yingoba ikakhulu banovalo entanyeni.
Singabantu abamnyama kumele siqale manje singanciki ebelungwini nakwezinye izizwe ukuzakhela umnotho. Kumele sizakhele izinto zethu, sizakhele umnotho wethu. Ayikho into esingeke sikwazi ukuyenza. Uma ubheka amaNdiya, uzobona ukuthi aba nobuhlakani ahamba agcwala zonke lezi zinkampani ase ephuma nolwazi lokwenza noma yini ayifunde khona.
Yingakho uma ucabanga noma iyiphi imboni uzobona ukuthi sebakhe eyabo imboni yalolo hlobo. Akukho abangenako ngoba bayaqonda ukuthi ukuzimela kulele ekutheni uzakhele into yakho, hhayi ukuncika kwesinye isizwe. Basheshe bakuqonda ngokuphelele futhi ukuthi kuhle ukufuna ulwazi, uthi uma usulutholile bese uyolisebenzisa.
Izinkampani zabelungu nezamaNdiya zimile nje zimiswe amandla ethu nemiqondo yethu thina bantu abamnyama. Kanti koze kube nini sithengisa ngolwazi namandla ethu sibe singakwazi ukuzenzela izinto zenzeke? Kufanele wonke umuntu avuke manje emaqandeni, abhukule, athintithe loko anakho, sakhe siye phambili.
Kusafanele sakhe amadolobha ethu amasha, imizila yezimoto emisha, izindawo zokuhlala ezintsha ezizobiza thina siphume kule ngcindezi esiyithola emabhange ngokukhokha uze ufe. Ukwakha umuzi akubizi ngaleyo ndlela, inqobo nje uma unomhlaba izinto zokwakha nolwazi lokwakha.
Kuyathokozisa nokho ukubona ukuthi abantu bakithi sebevukile emaqandeni sebakha izithabathaba zemizi emakhaya. Masibhukule sakhe okungokwethu.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela