Masisukume sakhe umnotho wethu singabantu abamnyama, kuloba uNtokozo Biyela

NGESONTO elidlule ngithinte indaba ebucayi yokucekelwa phansi kwempahla nomnotho ikakhulukazi KwaZulu-Natali naseGauteng. Siyabonga ukuthi izibhelu ebezikhungethe lezi zifundazwe sezithe ukudamba. Manje-ke yini esibhekeke ukuthi siyenze ukulungisa isimo?

Kuthiwa njalo uma kunomonakalo omkhulu kukhona osuke ezokwenza imali ngaleyo nhlekelele. Ngizama ukuthini ngaloku na? Ngizama ukuthi yebo, umonakalo mningi wenzekile kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi thina bantu abamnyama akade beyingxenye noma bengesiyona yalezi zibhelu sibhukule sakhe.

Empeleni lezi zigameko zenziwe wukungalingani kwezomnotho phakathi kwabamnyama nezinye izinhlanga. Kahle-hle abantu abamnyama bawuphawu lokuhlupheka nobumpofu kuleli zwe. Ngakho-ke uma kunabantu abaningi abaswele futhi abangenazindlela zokuziphilisa, labo bantu basuke sebelahlekelwe ithemba.

Yingakho sibone inqwaba yabantu bakithi, ikakhulukazi intsha, igcwele emigwaqweni kulezi zifundazwe zombili itapa izinto ezinxanxatheleni zezitolo ngaphambi kokuzithungela ngomlilo ezinye.

Ngithe-ke uma ngihlala ngibuka ngeso lami ngabona ukuthi cha noma konakele kukubi kodwa le nto eyenzekile isinikeza ithuba thina bantu abamnyama ukuthi siqale ukumisa umnotho wasemalokishini nasemakhaya lapho sihlala khona nohlelo lwawo.

Kwasekuqaleni kwakuyiphutha elikhulu ukuthi kuvunyelwe amabhizinisi ezinye izizwe ukuthi angene nezinxanxathela zezitolo emalokishini nasemakhaya ngaphandle kobunikazi obukhulu babantu abamnyama.

Okubuhlungu kakhulu wukuthi abanye baqashe abantu bangaphandle  ukuzosebenza kulezi zindawo. Uma ngithi abantu bangaphandle angicwasi abanye abantu abangahlali kulezi zindawo kodwa ngisho ukuthi kuba kuhle ukuthi enxanxatheleni nasenxanxatheleni yezitolo abantu abagada noma abahlanza lezo zindawo abaningi kube yizinkampani zabantu abahlala kulezo zindawo.

Okufanele sikwenze uma siqhubekela phambili wukuthi sixoxisane nabaphathi bezitolo ezinkulu ukuthi badedele ubunikazi bazo zonke lezi zitolo ezisenxanxatheleni yezitolo zasemalokishini nasemakhaya zibuyele ebantwini bakithi. Loku kuzoshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Omunye angazibuza ukuthi kanjani?

Ubunikazi obuningi bezitolo ebantwini abamnyama kuyokwenza ukuthi ingxenye enkulu yomnotho ibuyele kwabamnyama. Okwesibili kuzokwenza isiqiniseko sokuthi amabhizinisi amakhulu ayaqhubeka ukusebenza emiphakathini yabantu abamnyama. Loku futhi kuyonciphisa amathuba okuthi uma kwenzeka kusuka ezinye izidubedube zokuhlaselwa kwezitolo abantu bakithi bangacekeli phansi impahla nezakhiwo ngoba bayobe bazi ukuthi lezi zinto ziphethwe ngabantu bakithi ababaziyo nabaphila nabo. 

Uma sisuka enxanxatheleni yezitolo kufanele sibuyekeze indaba yokusebenza kwama-tuck shop. Kufanele kuphele ukwahlukana noqhekeko kubo bonke basebenzise igama elilodwa, mhlawumbe elifana nelithi “Ekasi Grocery Shop”, kuqhakanjiswe leli gama kuwo wonke amalokishi.

Kuyosiza ngani loku na? Kuyosiza ngokuthi bonke bayoba nendawo eyodwa elokishini lapho be-oda khona izimpahla zabo nabangabathengi bazi ukuthi bathola into efanayo kuzo zonke lezi zitolo ezisabalele emalokishini nasemakhaya kuphinde futhi kuqinisekise ukuthi impahla ithengwa kubakhiqizi nabalimi abamnyama, lapho kungenzeka khona. Loku kungenza ukuthi umnotho wasemalokishini nasemakhaya uvuke uthi qingqo ngoba kuyobe sekwakheke iketango lokuthola izimpahla eliphethwe abantu abamnyama, loku okubizwa nge-value chain.

Uma singayibamba lapho siyophoqa abaphethe umnotho ukuthi badedele isabelo esikhulu somnotho ekade sasilwela ukuthi sibuyele ezandleni zabantu abamnyama. Loku kuzobe kuyisiqalo. Kuyothi ngokuqhubeka kwesikhathi singabantu abamnyama bese singena nasekukhiqizeni imikhiqizo evela kithina.

Noma loku kungeke kube lula kodwa kuzodinga ukuthi thina njengabantu abamnyama siqale siguqule indlela esicabanga ngayo mayelana nokuphathwa kwebhizinisi. Vuka uzenzele muntu omnyama, lesi yisikhathi sakho.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Consulting. 

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page