Kuyathokozisa ukubona ukubambisana okuhle phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NAMI ngifisa ukuphosa esivivaneni ekwemukeleni umengameli omusha weBusiness Unity South Africa (iBUSA) uSolwazi uBonang Mohale nephini lakhe uMnu u-Adrian Gore. Bathatha izintambo ngesikhathi esimqoka. Bangabaholi amava abo aziwayo futhi banaso sonke isipiliyoni sokuthi kudingekani ukuze amabhizinisi asimame futhi asize iNingizimu Afrika ukuthi iphumelele.
Lesi ngesinye sezikhathi ezinzima umnotho wethu osuke wabhekana nazo. Njengoba uhlelo lokugoma selungenile ebantwini, sesingaqala sisebenzele ukuvuselela umnotho nokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi ayakhula, sitshale futhi sakhe imisebenzi izwe lethu eliyidingayo. Nokho kuzodinga ukuthi sizikhandle sonke ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ukuze sifinyelele lapho.
Sidinga izinhlangano zamabhizinisi ukuthi ziqhamuke namasu ezingawaphakamisa bese ziba nesibindi sokuzilwela lezo ziphakamiso. Sidinga ukwakha ubudlelwano nezinye izinhlaka, uhulumeni, izinhlangano zomphakathi nezinyunyana ukuqinisekisa ukuthi siyazwana futhi sonke siyaliqonda iqhaza okumele silibambe ekuxazululeni izinselelo zethu. Lona wumsebenzi iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ezokweseka ngawo iBUSA ekuwufezeni kanti ngimagange ukusebenza noMohale noGore. Bathatha izintambo kuMnu uSipho Pityana noMnu uMartin Kingston. Ngifisa ukubonga kubona bobabili. Kunezinto ezinhle ezizuziwe ngesikhathi abebehola ngaso.
UPityana ube nesibindi ekukhulumeleni amabhizinisi ngezikhathi ezimqoka. Nguyena obehola odabeni lwezinguquko amabhizinisi azidingayo kuhulumeni ukuze ezotshala imali futhi akhe nemisebenzi uhulumeni oyidingayo kuwona. Esigungwini seNedlac ubengananazi ekufuneni ukuthi ezinye izinhlaka zenze umsebenzi wazo futhi zigcine izibophezelo ezazenza mayelana noguquko okwavunyelwana ngalo. Ubecacile futhi emile ekugxekeni labo abathinteka emizamweni yokugwamanda umbuso, okungaba wosomabhizinisi noma abakuhulumeni. Ngokwenza njalo unikeze osomabhizinisi isibindi sokukhuluma nokufaka isandla ekwakhiweni kwezwe ngokuziqhenya.
Ngesikhathi kuqala kuhlasela ubhubhane (iCOVID-19) osomabhizinisi bavukuzwa ukuze babhekane nesimo. U-Kingston wenza umsebenzi omkhulu ekusunguleni iBusiness 4 South Africa (iB4SA), nokwaba yindlela yokuthi amabhizinisi avolontiye ngezinsizakusebenza nesikhathi sawo ukulwa nobhubhane. I-B4SA ibambe iqhaza elikhulu ekulekeleleni uhulumeni alwe nalesi sifo njengokusiza ukuthola izimpahla zokuvikela, amaPPE (ama-personal protective equipment), nokukhiqizwa kwezibulalamagciwane. Ngokuhamba kwesikhathi isizile nasohlelweni lokugoma abantu.
I-B4SA ibe nesandla nasekuhlanganisweni kwezinye zezinhlelo zokuvuselela umnotho ezinhle kakhulu kwesake zahlanganiswa nezaba negalelo ohlelweni olwagcina luphasiswe yiKhabhinethi, i-Economic Reconstruction and Recovery Plan.
Nginesiqiniseko sokuthi uPityana noKingston bazoqhubeka babambe iqhaza elibalulekile emizamweni yezinhlangano zamabhizinisi futhi sizophinde silithole elinye ithuba lokusebenza ndawonye ngomuso.
Emhlanganweni weBUSA okuqokwe uMohale noGore kuwona, uNgqongqoshe omusha wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wethule inkulumo emqoka. Ugxile ekubalulekeni kobudlelwano phakathi kosomabhizinisi nohulumeni, wathi kuzohlale kuhlale sishayisane ngemibono kodwa “sinejoka lokuthi sigcine sithole indlela yokuvumelana futhi singapheli amandla”. Uthe siyavumelana ngokuthi sizinikele ekukhuliseni umnotho, sinciphise izinga lokungasebenzi kwabantu, ububha kanjalo nokungalingani.
Ngiyavumelana nongqongqoshe. Ukhulume ngeqhaza elimqoka ukutshala kwingqalasizinda okumele libe nakho ekulekeleleni ukuthi kuvuselelwe umnotho, into engihlale ngibhala ngayo. I-BLSA inohlelo oluqhubekayo lokweseka uhulumeni ukuthi uphucule izinto ukuze ezoheha abazotshala imali kwingqalasizinda, ukulekelela ngocwaningo nangamakhono ezinkampanini zikahulumeni ukweseka ukuthuthukiswa kwemisebenzi nokusungulwa kwemigomo.
Ungqongqoshe ukhulume nangokubaluleka kwezinguquko ezenziwa wuhulumeni, washo nokuthi ungqongqoshe wezokuXhumana nobuChwepheshe beSimanje umatasa nokuphuthumisa ukulungisa udaba lwe-digital spectrum. Nalapho futhi iBLSA yenza konke ukweseka uhulumeni kule mizamo.
Kuyathokozisa ukubona uhulumeni namabhizinisi bevumelana kangaka ngezinguquko okumele zibe khona ukuze kuqaqeke izinto emnothweni. Ubuholi obusha beBUSA buzobamba iqhaza elimqoka ekutheni loku kuvumelana kuthele izithelo. Sengikujahile ukusebenzisana nabo nongqongqoshe ukuqinisekisa ukuthi singaletha izinsizakusebenza zethu kanjalo neziphakamiso ndawonye ukuze sakhe iNingizimu Afrika ezovelela.
Imithetho yethu yezisebenzi idinga ukubuyekezwa. Imithetho ivikela izisebenzi kodwa yenza kubize futhi kube lukhuni ukuthi osomabhizinisi abancane baqashe izisebenzi ezintsha. Ukushintsha eminye imithetho yezisebenzi kuzonciphisa ukudilizwa kwezisebenzi futhi kugqugquzele ukusungulwa kwemisebenzi emisha, ikakhulukazi uma nalezi ezinye izinguquko zenziwa.
Uma besicabanga ukuthi sinenkinga yokuntuleka kwemisebenzi ngaphambi kokuhlasela kobhubhane, manje sesinenkiyankiya engaphezu kwalokhu ebesikucabanga. Isibalo sabangasebenzi manje sesifinyelele ku-34.4% futhi sisazoba sibi kakhulu uma sekubonakala umphumela omubi wezibhelu zangoJulayi ezibalweni zekota yesikhathu yomnotho noma iGDP (i-gross domestic product).
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA