Isiqubu sesithathu seCOVID-19 siyingozi kodwa kusamele siphokophele ukubhekelela zonke izinhlangothi, kuloba uBusi Mavuso

IMPI yobhubhane iCOVID-19 iyonqotshwa ngokuthi kugonywe abantu ngokushesha. Ngesonto eledlule umNyango wezeMpilo nobambisene nabo bakwazile ukunyusa amasokisi kulolu hlelo futhi ngiyabancoma.  

NgeSonto uMengameli uCyril Ramaphosa naye uphonse inselelo entsha njengoba ethe kumele kugonywe abantu abawu-300 000 ngosuku. Kungaba yinto enhle leyo.

Ukwengeza nabaneminyaka eko-50 yigxathu elimqoka ekwandiseni abagonyiwe kanjalo nohlelo lokugoma othisha oluqale ngoLwesithathu olwedlule, nalo lubalulekile ukuqinisekisa ukuthi imfundo ayiqhubeki nokuphazamiseka. Uhlelo lokugoma othisha luyancomeka kakhulu njengoba ngosuku lokuqala kugonywe abawu-48 000 kanti inhloso wukugoma bonke othisha nezinye izisebenzi zomnyango ezifakiwe; abawu-582 000 sebehlangane ngezinsuku eziwu-10.

Kodwa isiqubu sesithathu sobhubhane sesifikile futhi siyabhubhisa yize uhlelo lokugoma luyimpumelelo. Njengoba umengameli eshilo ngeSonto lesi siqubu sesithathu sibonakala sizoba mandla ukudlula ezimbili zokuqala. Isimemezelo sokuvala izwe ngokwesigaba sesine nokuqinisa imithetho amanye amasonto amabili kutshengisa imizamo yokubhekelela wonke umuntu.  

Ngiyamncoma umengameli ngokucacisa isikhathi sokuqiniswa kwemithetho. Loku kunikeza izinkampani nabanye ithuba lokuzihlela.

Lesi siqubu sesithathu besiqaguliwe, ngeke sithi sisimangazile yize indlela elisabalala ngayo igciwane isathusa. Izibhedlela ziyachichima kanti ukugula nokufa kwabantu kumandla.  

Ngiyazwelana naabahaqwe yilesi sifo nasebeshonelwe. Bambalwa abangathintekile ngqo. Ngiyazincoma izisebenzi zezempilo ezisekhaleni lale mpi nezisebenza ezimweni eziyinselelo; isizwe siyanibonga.

Umengameli usivalele ngokwesigaba sesine, wavala utshwala, waqinisa umthetho wewashi nokuvakashela eGauteng, eyisizinda sesiqubu sesithathu. Kodwa ucacisile ukuthi ukuthutha impahla kumele kuqhubeke nokuqinisekisa ukuthi akwenzeki omunye umonakalo emnothweni kanti nezindawo zokudlela zivumelekile ukudayisa ukudla okuthengwayo uhambe nakho. 

Ngiyavumelana nomengameli ukuthi lezi zinyathelo ezithathiwe zikhombisa imizamo yokunciphisa umonakalo emnothweni njengoba iningi lezinkampani lisebenza njengokujwayelekile.   

Ngiyayincoma imizamo yokuqinisekisa ukuthi akwenzeki umonakalo ongenasidingo emnothweni. 

Njengoba sengike ngabhala phambilini, sifunde lukhulu eziqutshini ezidlule zalesi sifo. Ukuvala izwe kuyalimaza kakhulu. Njengoba eshilo nomengameli ngeSonto sesifundile kuloku amanye amazwe adlule kukona. Ikomidi elilulekayo, iMinisterial Advisory Committee, elibunjwe ngososayensi abahlonishwayo emhlabeni likhona ukuthi leluleke uhulumeni. Manje ngoba sesinobufakazi bokuthi yini esebenzayo sesingakwazi ukungenelela ngendlela ecacile.

Njengoba noNdunankulu waseGauteng uMnu uDavid Makhura eshilo ngesonto eledlule, ngeke sikwazi ukuvala umnotho ngoba azikho izinsiza zokweseka abantu uma bephoqeleka ukuthi bahlale ekhaya. Kumele kucoshelelwe ukuthi esikwenzayo wukunciphisa ukubhebhetheka kwalesi sifo kodwa kungabi nemiphumela emibi nezogcina yenza ukuthi abantu bangakwazi ukuzondla. 

Akushayisani ukukhathalela impilo yabantu nokuthi abantu bakwazi ukuziphilisa. Ukukwazi ukuzondla kumqoka empilweni yabantu nemindeni yabo. Baningi abantu abathembele ekusebenzeni ukuxosha ikati eziko futhi bakwazi ukuthola usizo lwezempilo. Ukuvimba abantu basebenze lungekho uhlelo lokubasiza kuzodala inkinga. 

Ngeke saba namandla olunye uhlelo lwezenhlalakahle, nakuba kumele senze konke okusemandleni ukunqanda imiphumela emibi ukuvala izwe okunayo. 

Ingcindezi uhulumeni anayo ngasezimalini imnqinda amandla angakwenza. Ukuvuseleleka komnotho esikubonile ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kuthuthukise isimo sezimali sikahulumeni kodwa kumele siqhubeke nokugxila ekuphuculeni isimo, ikakhulukazi njengoba kuhlasele lesi siqubu sesithathu. Ukuvuseleleka komnotho bese kuqala kwandisa nemisebenzi, kuqasheka izinkulungwane eziphelelwe wumsebenzi.

Izinyathelo ezinqala njengokunyusa isikali sikagesi esingaphehlwa yilabo abanemvume yokwenza loku safinyelela ku-100MW nokudayisa isabelo esikhulu seSAA kuvuselela ithemba emnothweni. Kodwa lesi siqubu sesithathu singakuhlehlisela emuva loku uma uhulumeni engezukuqhubeka nezinye izinyathelo zokubuyekeza umnotho. Njengoba sasidinga kungenelelwe ngezindlela ezinqala zezempilo ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwesifo, sidinga ukungenelela okufanayo ukuze kuvuseleleke umnotho.

Yiyona kuphela lena indlela esingakwazi ngayo ukubhalansisa ukuthi kwandiswe izinsiza kwabaxakekile futhi sibe siqinisekisa ukuthi ukuvuselela umnotho akuphazamiseki. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikulungele ukweseka uhulumeni ukuthi ubhekane nalesi simo esinzima sokubhekelela wonke umuntu.  

Amabhizinisi kahulumeni ngenye ingxenye edinga ukubuyekezwa ngoba abeka izwe engcupheni. Ukudayisa iSAA nekhwelo leTransnet lokuthi kwande abazimele abazobambisana nayo emachwebeni yizinyathelo ezibalulekile. O-Eskom namanye amabhizinisi kahulumeni baseyinselelo enkulu.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page