Hlela ngononina ukuqashwa kwezisebenzi zakho, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngifisa sithinte ingxenye ebalulekile ebhizinisini emayelana nokuqashwa kwezisebenzi. Isikhathi esiningi sithi uma siqala amabhizinisi singalunaki lolu phiko noma sekufika isikhathi sokuthi siqashe izisebenzi sikhethe ngobungani, hhayi ngamakhono adingwa yizikhundla zomsebenzi ebhizinisini.

Ukuqashwa kwanoma yisiphi isisebenzi kumele kuhambisane nenkontileka yaso echaza kabanzi ukuthi yini umsebenzi waso, yiziphi izinto ezilindeleke kusona njengesisebenzi nokuthi yini okufanele sikulindele ukuthi kwenziwe yinkampani ekuhlangabezeni izidingo zaso.

Ngaphambi kokugxila ezintweni ezibalulekile okufanele inkontileka ibe nazo, ngizothanda sibheke izinto ezisemqoka ezimayelana nokuqashwa kwezisebenzi. Okumqoka wukuthi wena uwumqashi kufanele ube nolwazi oluphelele mayelana nemithetho nemigomo yokuqashwa kwezisebenzi ezweni ukuze uzokwazi ukuyilandela ngendlela.

Kumele ube nenqubomgomo ebhizinisini lakho ukuze noma wubani ofika ebhizinisini ayazi futhi ayiqondisise. Kuleyo nqubomgomo kufanele imigudu yokuqondiswa kwezigwegwe icace bha, izisebenzi ziyazi njengoba zizazi.

Uma njengosomabhizinisi osafufusa ungakwazi ukuqasha ozobhekana nokuqashwa kwezisebenzi akunankinga noma usebenzisa ababhekene nokuqasha abantu ukuze yonke into ihambe ngohlelo.

Kubalulekile ukuthi uma uqasha izisebenzi uqashe abantu abawufundele noma abanamakhono omsebenzi ukuze ungazitholi usubhula imililo ngokuhamba kwesikhathi. Kungenzeka kodwa kwenye inkathi ungabi nawo amandla okuqasha abantu ngokwemfundo yabo kodwa kuhle ukuthi uma uqasha uqashe umuntu ombonayo ukuthi unentshisekelo nempokophelo yokuwufunda umsebenzi bese umqeqeshela lowo msebenzi.

Yenza isiqiniseko sokuthi uma uqasha uhambisa ngemigudu evumelekile yokuqasha abantu esetshenziswa yizinkampani esezimnkantshubomvu endimeni. Ungakhohlwa wukubheka imuva lawo wonke umuntu omqashayo, ukuze ungazitholi ususenkingeni yokuqasha umgulukudu noma ihlongandlebe.

Wonke umuntu omqashayo kumele abe nenkontileka ngisho ngabe umzomqasha isikhathi esifishane kangakanani.

Yenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu omqashayo uyafundiswa ngemigudu noma izindlela zokusebenza zenkampanini. Wonke umuntu kumele abe nencazelo ephelele ukuthi hlobo luni lomsebenzi azolenza; ukuze kungabi khona ukudideka, uthole abantu sebeshayisana ngamakhanda bebanga umsebenzi ngenxa yokungazazi kahle ukuthi kanti baqashelweni.

Njalo uma uthola ithuba, khuluma nezisebenzi zakho, uzazise ukuthi ziwenza kanjani umsebenzi eziqashelwe wona. Uma kukhona lapho zintekenteke khona, zihlelele ukuqeqeshwa ngendlela ezifanele, ukuze zikwazi ukuqinisa amakhono azo lapho zingezinhle khona.

Zikhokhele okuzifanele. Ungabi wungoqo, ugombela kwesakhe, odla amandla ezisebenzi kodwa wena ube ungafuni ukuzikhokhela imali efanele umsebenzi eziwenzayo.

Ukuze uthole ukuthula emoyeni, kuhle ukuthi uqashe umuntu ozobhekana nezezisebenzi ngokugcwele futhi wenze isiqiniseko sokuthi lowo muntu unazo zonke izinto azidingayo zokwenza umsebenzi wakwandabazabantu.

Ake sibuyele ekutheni yiziphi lezi zinto ezibaluleke kangaka esivumelwaneni phakathi komqashi nesisebenzi. Kufanele kuleyo nkontileka kube namagama aphelele nesibongo somuntu ozoqashwa nemininingwane yenkampani, igama lenkampani nekheli layo. Nomqashwa liyadingeka ikheli lakhe, kube nesivumelwano sokuthi uzosebenza amahora amangaki ngelanga noma ngesonto namahora engeziwe, uma kuzokwenzeka. Loku akufanele kusale nangephutha.

Wonke umuntu uyafuna ukwazi ukuthi uzohola malini, loku kucacisa ngokusobala ukuthi uzoba kuliphi izinga enkampanini nasempilweni. Uma kukhona imihlomulo efana nokukhokhelwa kwemoto yinkampani, ukuxhaswa nge-medical aid, isibonelelo sokuhamba noma ukulala ezindaweni ezithile uma uhambe ngomsebenzi, nako kufanele kungene esivumelwaneni ukuze uthi uma ususayina njengomqashi nesisebenzi sakho sesisayina endaweni yaso, loko kube yisivumelwano esiyisibopho kinina nobabili.

Inkontileka ibalulekile phakathi komqashi nomqashwa ngoba ayivikelli nje umqashi noma umqashwa kodwa inivikela nobabili, ukuze kuthi mhlazane kuba nokungaboni ngaso linye bese kubekwa isivumelwano sibhekisiswe ukuthi nanivumelene ngani ekuqaleni. Qaphela inkontileka ibalulekile, ungayidembeseleli.

  • Ingosi elandelayo iyoba mhla ka-6 Januwari 2021.
  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page