Uphenyo lweSIU ngamaPPE luvundulule ihlazo okungamele liphinde lenzeke, kuloba uMengameli uCyril Ramaphosa

SANIBONANI bantu baseNingizimu Afrika,

Njengezwe eselijwayele ukuzwa izindaba zenkohlakalo, besingakulindele ukubona imininingwane nokuthi yini abanye abantu abebezimisele ukuyenza ukuntshontsha ngalesi sikhathi isizwe sethu sibhekene nesimo sezempilo esibi kunazo zonke esezike zaba khona kulesi sikhathi esiphila kusona.  

Umbiko okhishwe yiSpecial Investigating Unit (iSIU) ngesonto eledlule mayelana nokuthengwa kwempahla ngesikhathi se-coronavirus uyadabukisa. Kodwa futhi kuyakhuthaza ukuthi zihlala obala lezi zenzo zobugebengu nokuthi zithathelwa izinyathelo izigilamkhuba. 

Okuhlupha kakhulu wukuthi loku bekungesibo nje ubudedengu noma ukudembesela kodwa kuqolwe ngenhloso.
 
Ngenkathi izinkumbi zabantu zigula futhi ezinye eziningi zifa, kukhona ababone intuba yokuzenzela imali. Bazitshelile ukuthi bazontshontsha izigidi zemali yomphakathi, basebenzise impahla kahulumeni budlabha futhi bathathe izinsiza zabantu baseNingizimu Afrika kube ngezabo.
 
Abantu nezinkampani abangenasipiliyoni ekukhiqizeni nasekudayiseni izinto zezempilo ezimqoka bagijimile bayovula izinkampani. Kokunye ezinye bezibhalisiwe emqulwini kazwelonke wezinkampani futhi zathola nama-oda. Kokunye bezingabhalisiwe nhlobo kodwa zahlomula khona kunjalo, lapha sibala ngisho ama-car wash noshisanyama.

Abadayisayo basebenzise izinkampani ezinhlobonhlobo ukuthola izinkontileka eziningi emnyangweni owodwa. Izimpahla zokuvikela (amaPPE) nezinye izidingo kuthengwe ngamanani aphezulu kakhulu, kokunye inzuzo ibiyeqe ngo-400%. Eminye imikhiqizo ibingenziwanga ngendlela.

Ngenkathi kuqala uphenyo ezinye izinkampani bezingenawo namarekhodi awubufakazi bokuthengiwe. Ezinye izikhulu zinqabile ukwenza obekudingeka noma zathi “bezilandele imiyalelo” yabaphathi bazo. Amaphepha alahliwe. 

Ukusetshenziswa ngenye indlela kwezinsiza obekumele zisize umphakathi kubulale impilo yabantu. Yingakho bonke labo abathintekayo ekwenzeni okungalungile bezothathelwa izinyathelo ezinqala. Ngeke balithole ithuba lokuthokozela abakuthole ngendlela engalungile njengoba sekuthathwe izinyathelo zokuyibuyisa imali okubalwa kuzona nokumisa ukusebenza kwamabhange abo.

Kunenqwaba yamacala avuliwe ngenhloso yokuthi kubuyiswe le mali engatholakalanga ngendlela esemthethweni kanti amanye adluliselwe kwezokushushisa. Sezinqanyuliwe izinkontileka ezingekho emthethweni. Izinkampani zikahulumeni seziyalelwe ukuthi zingakhokhi kuze kuphothulwe uphenyo namacala avuliwe. Kukhona izikhulu eziqondiswa ubugwegwe.  Loku kukhombisa ukuzimisela kwethu ukulwa nenkohlakalo masinyane. 

Izinyathelo ezifanayo zithathelwe abantu nezinkampani ezithintekayo ekungaphathini kahle nasekukhwabaniseni imali kapoyinandi yokulekelela izisebenzi iTemporary Employment Relief Scheme. Lapha sibala nabaqashi abazithathele bona le mali obekumele iye ezisebenzini noma kulabo abathulile uma bekhokhelwa le mali ngephutha.

Ziningi izifundo esizifundile kulona lonke lolu hlelo. Kusifundisile ukuthi kumele sivale yonke intuba ekhona, kungaba yisekulawuleni, emthethweni nasekwenziweni kwezinto ukuze kungabi bikho muntu ozoba nentuba angayisebenzisa.

Kuyacaca ukuthi labo abahlomulile kulesi sibhicongo seCOVID-19 futhi nalabo abashomane nezikhulu zikahulumeni basebenzise ukuphuthuma kwalesi simo base beyishaya  indiva imiyalelo yomNyango wezeziMali. Lokhu bekumandla ngasekuqaleni kokubheduka kwalesi sifo ngesikhathi kukhona amaPPE nenye impahla. 

Sekuveze nesidingo sokuthi kumele izinhlaka zikahulumeni zibambisane ukulwa nenkohlakalo. 

Umsebenzi weFusion Centre, ehlanganisa izinhlaka zomthetho, usize kakhulu. Ikwaze ukuhola ukuphenya amacala abucayi nokuthi kuhlale obala loku izephulamthetho ebezizama ukukufihla.

Kumele sikhumbule ukuthi akuzona zonke izinkampani ezidayisele uhulumeni ngalesi sikhathi eziphule umthetho. Empeleni izinkontileka eziningi bezisemthethweni futhi nemali eningi esetshenzisiwe ikhokhwe ngendlela efanele futhi kuyaziwa ikhokheleni.

I-SIU icubungule izinkontileka ezingaphezu kuka-2 500 zamaPPE. Yize olunye uphenyo lusaqhubeka kodwa izinsolo eziningi kutholakale ukuthi azilona iqiniso, kwathi nezinkampani zatholakala zimsulwa. Ngebhadi ububi balabo abangaziphathanga kahle sebenze sengathi seloku kwaqala iCOVID-19 kuntshonthwa izinsiza zikahulumeni futhi kunenkohlakalo.
 
Ngifisa ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi seliyabashonela labo abathintekayo enkohlakalweni. Hhayi nje labo bezinkampani ezizimele kodwa nalabo abasebenzela uhulumeni abebebambisene nabantu bangaphandle ukudayisa izinsiza obekumele zisize abantu bakithi.

Umsebenzi omuhle weSIU nezinye izinhlaka zomthetho usucacisile ukuthi labo abanecala bazobanjwa futhi bazoshushiswa. Ngelinye ilanga kuyokhunjulwa ukuthi izinyathelo esazithatha ngalesi sikhathi zacaba indlela yokwakha uhulumeni othembekile osetshenzelwa ngabantu abangayingeni indaba yenkohlakalo kanjalo nalabo abakhethiwe ngabavoti. 

Indlela okwenzeke ngayo ukuthenga impahla ngalesi sikhathi sesibhicongo ezweni lethu yihlazo okumele lingaphinde libe khona. Kusibonisile ukuthi njengohulumeni nomphakathi sinentshisekelo nezindlela zokulwa nokweba, ukukhwabanisa nenkohlakalo.

  • URamaphosa uwuMengameli waseNingizimu Afrika

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page