Ukuzibophezela kwezinkampani ezinkulu ukukhokhela amabhizinisi asafufusa zingakapheli izinsuku eziwu-30 yigxathu elimqoka, kuloba uJohn Dludlu
EMINYAKENI emibili edlule, siyiSmall Business Institute (iSBI), sathumela izincwadi ezinkampanini eziwu-100 ezinkulu ezihweba eJohannesburg Stock Exchange (eJSE) sizicela ukuthi zisikhombise imigomo nemibandela eziyisebenzisayo ukukhokhela izinkampani ezisafufusa.
Ziwu-38 kuphela ezazihlupha ngokusiphendula, kwathi eziyisishiyagalolunye zasitshela ukuthi zikhokhela amabhizinisi amancane zingakadluli izinsuku eziwu-30. Kuzona, iyodwa kuphela eyathi inemigomo nemibandela eqondene ngqo nezinkampani ezisafufusa kanti zine kuphela ezathi imogomo yazo ziyayidalula emphakathini kwathi lezi ezinye zacasha ngehawu lokuthi izivumelwano ziyimfihlo.
Ngalo futhi lelo sonto kwaba nesasasa enye inkampani enkulu eseJSE imemezela ukuthi izosiza ukufukula amabhizinisi asafufusa awu-10 000; nokuyingxenye yohlelo lokunikela kwayo.
Emasontweni amabili alandela lapho leyo nkampani yathi isizothatha izinsuku eziwu-120 noma izinyanga ezine ukukhokhela amabhizinisi asafufusa.
Ngiyacabanga ukuthi ayibonanga kuwumsebenzi wayo ukweseka abanye babantu abawukhiye ekusebenzeni kwayo ukuthi bangabi nenkinga yokungena kwemali ukuze bangawi.
Ngaphambi kokuthi izwe livalwe (ngenxa yeCOVID-19), sahlangana nabanye babantu abangamashoshozela anxusa abanikazi bezinkampani neJSE ukunyusa igiya lomkhankaso wethu wokuthi ukukhokhela izinkampani ezincane ngokushesha kumele kwenziwe ingxenye yaloku okuthathwa ngokuthi wukusebenza ngobuqotho kwenkampani futhi kumele kube sobala.
Isiphakamiso sethu silula – izinkampani ezinkulu (ngisho nohulumeni imbala) aziwenzeli amabhizinisi amancane ufefe ngokuthenga kuwona kodwa bobabili bayadingana ukuze omunye nomunye aqhubeke futhi ame. Ekusebenzisaneni kwabo kwakheka nemisebenzi, kuqhamuka izinkampani ezintsha futhi siyayibona, siyayijabulela nendlela entsha yokwenza izinto nomdlandla okhona wokukhulisa umnotho.
Ngakho-ke iSBI iyakwemukela ukuzibophezela kwezinkampani ezinkulu ezingaphezu kuka-50 zokukhokhela ezithenga kubona zingakapheli izinsuku eziwu-30. Ukuzikhandla kwabo bonke abayingxenye yeB4SA, umbimbi lwamavolontiya asemabhizinisini olusebenzela ukusiza amabhizinisi ashayeke ngenxa yeCOVID-19 avuke azithathe, sekuthela izithelo.
Lawo mabhizinisi amancane asakhona futhi asaqhubeka, lesi sinyathelo cishe sizokwenza umehluko omkhulu kubanikazi bawo nasempilweni yezigidi zabantu abathembele kuwona. Cishe lokhu yiyona nto enhle esingathi iqhamukile ngenxa yalolu bhubhane oluwise izinkampani ezincane eziwu-55 000.
Ekuqaleni kwalo nyaka ePhalamende, iPhini likaNgqongqoshe womNyango wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane uNkk uRosemary Capa, ozama ukuthi iminyango kahulumeni ayikhokhe kangcono, waveza ukuthi umbiko weGlobal Entrepreneurship Monitor (iGEM) wango2020 uveza ukuthi ukuphuza ukukhokhelwa kwamabhizinisi kunesandla esikhulu ekuweni kwawo.
NoNongqongqoshe walo Mnyango uNksz uKhumbudzo Ntshavheni washo ethula isabelomali ukuthi emikhakheni lapho ukungakhokhi ngesikhathi kudlange khona kwenza kube lukhuni ukuthi amabhizinisi asafufusa angene khona nokunciphisa ukuncintisana kuyona.
Umbiko weGEM waqhubeka wathi: “Lena ngeke kwaba yindlela okungasebenzeka ngayo futhi ngeke iwathuthukise ngokuhamba kwesikhathi.”
Lokhu kwakungaphambi kweCOVID-19. Bekuvele kukhona ezinye izingqinamba njengokucinywa kukagesi, ukukleliswa kwezwe yizinkampani ezihlola isikweletu sezwe nohide lwemithetho nemicikilisho.
Kuningi esihlale sikuzwa ngokuthi izinkampani ezisafufusa azikwazi futhi azithandi ukulandelela abantu abaphuzayo ukukhokha ngoba zisaba ukucwaseka, ukungabi naso isikhathi namandla okubasela isikweletu nokudalela abanikazi bazo ingcindezi ngoba abakwazi nokuboleka uma bengakwazi ukuveza ukuthi imali iyangena, abakwazi ukuziholela bona nezisebenzi zabo, abakwazi ukukhokhela ababakweletayo futhi abakwazi ukutshala ebhizinisini kanti kokunye bagcina bedliwelwa izimpahla.
Njengoba amabhizinisi awu-98.5% eNingizimu Afrika ethathwa njengamabhizinisi amancane ukuqinisekisa ukuthi ayaphumelela futhi ayakhula iyona kuphela into ezosisiza sivuselele umnotho futhi sakhe nemisebenzi.
Siyazi ukuthi kunezigidi abebekweletwa zona yizinhlaka ezihlukile zikahulumeni ngesikhathi izwe livalwa. Siyacabanga ukuthi kukhona nezigidi abebezikweletwa nangamabhizinisi amakhulu (asazi kahle ngoba naku kunemibandela eyimfihlo).
Cishe u-40% wezinkampani ezincane okwenziwa ucwaningo ngazo ngo-Ephreli wathi ukholwa wukuthi ungamelana nokuvalwa kwezwe ukube ubusukhokhelwe umsebenzi owawusuwenzile.
Uma sibuka imizamo eyenziwa kwamanye amazwe, ngenyanga edlule e-United Kingdom baphakamisa ukuthi kube nenhlawulo ekhokhiswa izinkampani ezingakhokhi ngesikhathi, kwenziwe uphenyo lapho kusolwa khona ukuthi inkampani ayihambisi kahle ngisho kungathiwa asikho isikhalo esifakwe yibhizinisi elincane, kuphoqwe inkampani ukuthi idalule yonke into ngesikhathi iphenywa.
Konke loku kuzokwengezwa ngaphezu kokuthi zonke izinkampani ezisebenza nohulumeni kumele zethule umbiko oveza obala imigomo nemibandela yokukhokha kwazo kabili ngonyaka, ngale kwaloko zizoshushiswa.
E-India izinkampani zingase zihlawuliswe kanti umuntu oqondene nokuthi kukhokhwe ngesikhathi usengozini yokuboshwa izinyanga eziyisithupha.
Kanti iKenya yona icabanga ukwengeza inzalo emalini uma izinkampani ezinkulu zingakhokhi ngesikhathi.
Maningi namanye amazwe asukumele loku njengeScotland lapho izinkampani ezingaphezu kuka-590 zizibophezele ekukhokheni masinyane kanti e-Australia khona zingaphezu kuka-140.
Ukuzibophezela ekukhokheleni izinkampani ezincane zingakapheli izinsuku eziwu-30 yisinyathelo sokuqala. Ukukubuyekeza nokukubika nakho kuzobaluleka futhi kuzokwenza ukuthi ukuthuthukiswa kwezinkampani kungabi yinto eyenziwayo nje ukugcina icala.
Ngakho-ke kusho ukuthini loku kubambisana phakathi kwamabhizinisi amakhulu namancane futhi kungawukhulisa kanjani umnotho?
Ngokusungula nezindlela zesimanjemanje nohulumeni angasiza ekutheni amabhizinisi amancane angawi. Yithuba leli lokuthi izinkampani ezinkulu zisize uhulumeni angagcini nje ngokuthi izinkampani ezincane azikhokhelwe ngesikhathi.
Kulesi sikhathi esiphila kusona sobuchwepheshe besimanjemanje, kumele kutholakale izisombululo ezihambisana nobuchwepheshe ezingasiza amaSME (amabhizinisi amancane) ukuthi ahwebe ngendlela elula nengcono kakhulu futhi ukusebenzisa ubuchwepheshe bungavala nentuba yenkohlakalo, kwehlise nezindleko.
Ukusiza izinkampani ezincane kuyazisiza nazo izinkampani ezinkulu futhi siyavumelana noNkk uCapa uma ethi: “Isicelo sami wukuthi namabhizinisi ayamukele le nselelo njengathi siwuhulumeni, asebenzele ukukhokhela amabhizinisi asafufusa ngesikhathi.”
Ukuzibophezela kwalezi zinkampani ezinkulu ezingaphezu kuka-50 yigxathu esilincomayo.
- UDludlu uyisikhulu esiphezulu seSmall Business Institute
Lo mbono uqale washicelelwa kwi-www.news24.com/citypress